
Umnyango we-Physiotherapy wase-UKZN Usuvele Ebalazweni
Click here for English version
Umkhakha we-Physiotherapy ose-UKZN wamukele waphinde wasingatha uDkt Hilla Sarig-Bahat, oyisazi esesimnkantshubomvu esibuya e-University of Haifa, esezweni lase-Israel.
U-Sarig-Bahat, oyisazi sokusebenza kwemisipha namathambo (musculoskeletal physiotherapist) nophinde abe ngumcwaningi ngezempilo, ungumphathi wophiko lwe-Orthopedic ngaphakathi koMnyango We-Physical Therapy eNyuvesi.
U-Sarig-Bahat wathi uma ebheka, wabona inkundla yamazwe ngamazwe angasebenzisana ngokubambisana nayo i-UKZN physiotherapy kumaphrojekthi, ekwelapheni kwemisipha namathambo. Izindawo zakhe zokufundisa nge-physiotherapy ye-musculoskeletal physiotherapy zigxile edolweni nokwaziwa nge-knee osteoarthritis (OA) rehab, ubuhlungu bamadolo obungaphambili, ukulimala okukhulu, izindlela zokuqeqesha, nobuhlungu bentamo. Ucwaningo lwakhe kwezempilo luphenya izifo ezivamile zezempilo ezifana nobuhlungu obungapheli bomgogodla, ukukhubazeka kokunyakaza kwezitho zomzimba kanye nokuwa.
Ngesikhathi enza isethulo, wabelane ngolwazi locwaningo lwakhe kanye nomsebenzi wakhe abewenza nabasebenzi base-UKZN, abafundi abenza iziqu , ama-clinical supervisors kanye nabasebenzi ngezempilo (clinicians). Phakathi kwabebethamele, bekukhona noSolwazi Frasia Oosthuizen kanye noSolwazi Rajshekhar Karpoormath.
Umbhalo wakhe unesihloko esithi: A Growing Pain in the Neck as a Global Health Disorder, isethulo sika-Sarig-Bahat siveze ukuthi ubuhlungu bentamo buyimbangela enkulu edala ukukhubazeka okubalelwa emaphesentini angama-30% yabantu baseNtshonalanga minyaka yonke, kanye nokuthi isimo sobuhlungu bentamo sekuyinto ejwayelekile. Yena kanye nethimba lakhe, u-Sarig-Bahat ucwaninga izixazululo zokuxilonga nezokwelapha ezizinakekela izinkinga kwezempilo esebenzisa amathuluzi ezobuchwepheshe afana ne-virtual reality for kinematic analysis ekunyakazeni komgogodla womuntu, i-App esebenza kwi-smartphone yokuhlola ibhalansi kanye ne-remote training yobuhlungu bentamo.
Ucwaningo lwakhe lubandakanya abantu abahlukahlukene ezingeni lezempilo kusukela kubantu abasebasha abakhuthalele ukuzivocavova noma abazibandakanya kwezemidlalo kuya kubantu abadala asebahlala ekhaya abanenkinga yomgogodla, kanye nezifo ezaziwa njenge vestibular disorders noma ukungabi nabhalansi komzimba. Uphinde aphenye ngokukhubazeka okuhlukahlukene njengokuhluleka ukuhamba kahle, ukukwazi ukuma uqonde, noma ukuba namandla, uphinde ahlole ezinye izimiso ezibalulekile njengokuhlukahlukana kwama social variables kanye nama-psychological variables..
Uhlanganyela ekuthuthukiseni izicelo ezintsha zezinjongo zokunakekelwa kwezempilo, ukuphathwa kwezifundo zezempilo, futhi usenamava aqavile ekuqoqweni okuphelele kwemniningwane ethinta abantu kanye nokuhlaziywa kwayo.
U-Sarig-Bahat ubuye wethula inkulumo maqondana naMakhono Okuqinisekisa Ukuxhumana Kwezempilo kubafundi abenza unyaka wesithathu nowesine. Lesi sethulo besigxile emakhonweni okuxhumana kwi-physiotherapy. Uphinde wathinta amandla kanye nomthelela wokusebenza kwama-physiotherapists, impilo yengqondo kanye namakhasimende abo.
Umholi wezemfundo kweze-Physiotherapy e-UKZN, uDkt Nomzamo Chemane, ubonge u-Sarig-Bahat, wathi ithimba lijabule kakhulu ngokuvakasha nokusebenzisana okusengavela kusasa. U-Karpoormath ubonge u-Sarig-Bahat ngokukhetha i-UKZN futhi wagcizelela ukubaluleka kocwaningo ngaphakathi eKolishi.
‘Siyethemba sizofunda lukhulu kuye naye ngokunjalo kithi,’ kuphawula u-Oosthuizen.
‘Ngiyakuthanda ukuba yilungu lomphakathi womhlaba wonke,’ kusho u-Sarig-Bahat esevala inkulumo yakhe.
Amagama: ngu-Nombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe