Owayengumfundi wase-UKZN, uNksz Sarah Shezi.UMengameli Omusha we-IREM Gauteng Chapter
Click here for English version
Lowo owayengumfundi wase-UKZN, uNksz Sarah Shezi, uqokwe njengoMengameli we-Institute of Real Estate Management (IREM) Gauteng Chapter kamuva nje.
I-IREM iwumphakathi wezazi kanye nochwepheshe bamazwe omhlaba ehlinzeka ngokufunda, izitifiketi, kanye nokuxhumana okudingwa abaphathi bempahla kanye nezakhiwo ekubhekaneni nazo zonke izinselelo abahlangabezana nazo.
UShezi, oneziqu ze-Bachelor of Housing azithola e-UKZN, ‘uzobe ehola i-Gauteng Chapter kulo nyaka, ukwenza lokho ehlose ukukhuthaza aphinde agqugquzele ukuba abaphathi bezakhiwo kanye nempahla babe ngochwepheshe balo mkhakha ngezinhlelo ezigunyazwe yi-IREM’.
Imfundo yobungcweti kanye nokuthuthukiswa kwezinga lokuqashwa kwalabo abasuke bezosebenza okokuqala ngqa, uShezi yikho agxile kukho kakhulu embonini yezakhiwo. Uzibophezele ekuqeqesheni kanye nasekululekeni abafundi. UShezi ufundisa eNyuvesi yase-Witwatersrand njenge-Lecturer yezinkathi ezithile zonyaka, futhi unesitifiketi se-IREM njengomqeqeshi wabasuke bezokwenza lesi sitifiketi.
Njengamanje uqashwe ngabakwa-Cushman & Wakefield ne-Broll Property Group egxile kakhulu kwi-Estate Management kanye ne-portfolio optimisation. Uyi-Certified Property Manager (CPM) ene-IREM, uphinde abe nguchwepheshe osemusha osehlabene ngezindondo nosenyukele ezingeni eliphezulu cishe eminyakeni eyishumi yokusebenza kwakhe. UShezi ubuye abe ne-PGDip in Property Development nokuyiziqu ze Diploma kuwo umkhakha wezokuthuthukiswa kwezakhiwo nayithola eNyuvesi yase-Witwatersrand
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



