
I-HPP Yenza Ucwaningo Ngokusebenza kwe-Antigen Specific Naïve B Cell Precursors Isebenzisa Inqubo Eyaziwa Ngele-Leukapheresis
Click here for English version
Wake wezwa nge-leukapheresis? Lena yinqubo enikezela ngethuba lokuthatha nangokukhetha amanani amakhulu ama-leukocyte kulowo osuke enikela futhi kwenziwe ngendlela ephephile.
Igazi lidluliselwa ngomshini okhetha bese ukhipha lokhu okwaziwa ngamangqamuzana amhlophe egazi (leukocyte) bese ubuyisele zonke ezinye izakhi emuva, izakhi ezifana namangqamuzana abovu egazi kanye ne plasma, zibuyele egazini. Lokhu kuvumela ukulahleka okuncane kwalezi zingxenye zezakhi.
Ucwaningo lwe-IMMUNE BASELINE (IMMBASE) lusanda kwethulwa wuhlelo lwe-HIV Pathogenesis ukuze kusetshenziswe le ndlela yokuthola amangqamuzana amhlophe egazi ukuze kucwaningwe ngamangqamuzana angavamile angakwazi ukusebenza kancono kwimijovo yokugomela i-HIV engakabibikho kodwa esendleleni.
Kuwucwaningo olungaphansi kocwaningo lwabesifazane ababizwa ngele-FRESH nokuhunyushwa kanje: Females Rising with Education, Support, and Health (FRESH) obeluqhuba inqubo i-leukapheresis ukuze kuqanjwe amasu okwelapha i-HIV. Ababambe iqhaza kulolu cwaningo olwaziwa ngele-IMMBASE baziphophezele ekunikeleni ngesikhathi sabo, umfutho wabo kanye namasampula ukuze kuthuthukiswe isayensi, ukuqeda izifo nokwenza imiphakathi yabo ibe yindawo engcono. Lawa ngamaqhawe namaqhawekazi ethu angakabongwa nangadumile.
Inhloso eyinsika yalolu cwaningo ukuhlola ukuthi abantu baseNingizimu Afrika ngabe banawo yini amangqamuzana angavamile azokwazi ukusebenziseka kuloluhlobo lwemigomo emisha ye-HIV eyaziwa ngele - germline targeting vaccines. Lolu lwazi luzoqondisa ukuhlolwa nokukhishwa kwemithi yokugoma kuhlobo lwabantu okujwayelekile ukuthi bangahlomula kulo. Lolu lwazi luzophinde luqondise ukuhlolisiswa kwale mithi yokugoma ukuze isebenze kangcono kulesi sifunda. Ucwaningo luzophinde luhlole ukuthi ukwahlukahlukana kwezimo zemvelo kungenzeka yini zibe nomthelela ekuphenduleni indlela imithi yokugoma esebenza ngayo. Ngokusho komunye wabacwaningi nabaphenyi balolu cwaningo, uDkt Daniel Muema: ‘Emigomeni ye-HIV, sizocabanga sicabangela umhlaba wonke kodwa senze izinto ngokwalapha ekhaya.
Ucwaningo lwe-IMMBASE luzoqoqa amasampula e-leukapheresis ngesikhathi esisodwa kulabo ababambe iqhaza abangama-30. Ngaphezu kwalokho, kuzoba nokuthathwa kwegazi ngenqubo i-standard venous blood draws kwabayi-100 kulabo ababambe iqhaza ukuze kwenziwe ama-confirmatory experiments. Lolu cwaningo luzokwenziwa elokishini lase Mlazi KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika. Luzosebenzisa ingqalasizinda ekhona yocwaningo lwe-FRESH ukufuna abazobamba iqhaza futhi bayohlolwa emtholampilo we-HPP ozinze e-Prince Mshiyeni Memorial Hospital. Ngokusebenzisana nabasebenzi kanye noDokotela base-South African National Blood Service (SANBS) abanolwazi olunzulu, nabaqeqeshwe kakhulu, le nqubo ye-leukapheresis izokwenzelwa esibhedlela esibizwa nge-Inkosi Albert Luthuli Central.
Amagama: nguNombuso Dlamini no-Mary van der Stok
Isithombe: Sibuya e-FRESH Clinic