
Uthisha Osemnkantshubomvu Unqobe Umklomelo Wothisha Abasezingeni Eliphezulu wakwa-CIMA
Click here for English version
Umfundisi kanye nomholi wezifundiswa ophikweni lwezokuFundisa nokuFunda esikoleni sezokuBalwa kweZimali, Ezomnotho kanye nezeziMali, i-School of Accounting, Economics and Finance (i-SAEF), uDkt Patricia Shewell uklonyeliswe ngendondo yowezi-2022, yenhlangano yokufundisa ngokuphathwa kwezimali, i-Chartered Institute of Management Accountants (i-CIMA) Teaching Excellence.
Uhlonishwe muva nje emcimbini wemiklomelo obubanjwe nge-inthanethi wehlandla lesithathu kasoseshini wabaphathi bezimali abaqinisekisiwe bomhlaba, i-International Certified Professional Accountants (AIPA) and CIMA Ecxellence Awards.
I-CIMA uhlaka longcweti bokuphathwa kwezimali olusebenza eduze nabasebenzi kanye nabaxhasi ocwaningweni olubalulekile. Ingumklomelo womhlaba waminyaka yonke okhumbula izikhungo zemfundo kanye nabantu emhlabeni jikelele abasebenza ngokuzikhandla ukweseka abafundela lomkhakha ukuthi babe ngama-Chartered Global Management Accountants (i-CGMA) futhi babumbe ikusasa labaphathi bezimali bomhlaba kanye nabasebenza emkhakheni wezimali.
U-Shewell, onguMphathi weziNhlelo weziqu zokuthengisa ekuphathweni kwezimali, i-Bachelor of Commerce Honours Management Accounting, futhi osebe kwi-SAEF iminyaka engaphezu kwengama-14, uthe umklomelo i-CIMA Teaching Excellence Award ukhumbula umfundisi wesifundo okhombise ukubambisana okuseqophelweni eliphezulu nabafundi futhi obasize ngendlela ebonakalayo ukuze athuthukise ukuqonda kwabo isifundo esifundiswayo.
‘Sinegunya lalolu hlelo lakwa-CIMA. Ukukhumbula abafundisi abaseqophelweni eliphezulu ohlelweni kubalulekile ukugcina ubudlelwane esinabo siyiNyuvesi ne-CIMA, futhi sigcine ukugunyazwa kwethu ukuze kuzuzise abafundi bethu,’usho kanje.
U-Shewell ungungoti osathuthuka ekushitsheni indima yezimali kanye nokuphathwa kwezimali ebhinizinisini kanye nokulinganisa ukusebenza kanti futhi unemiqingo yocwaningo eshicilelwe egxile emsebenzini wezimali emabhizinisini.
‘Isikhungo sihlale njalo sibuyekeza ikhono lokusebnza, kanye nokucabangela imibono yamabhizinisi, amalungu alomkhakha aneziqu, kanye nezifundiswa. Ubudlelwane obuhle ne-CIMA, ngakho ke buyindlela eqinisekisa ukuthi uhlelo lwethu luhlale njalo luhambisana nesikhathi nokuthuthuka kwakamuva emhlabeni,’ usho kanje.
I-UKZN ithole ukuhlonishwa ngalolu hlelo yanqoba indondo i-CGMA Regional Silver (Africa) Campus Award yowezi-2022 futhi bamukelwa ngaphansi komklomelo wabalingani bezemfundo i-CIMA Academic Partner Excellence Award ngesibalo esiphezulu zesivivinyo zakwa-CIMA esikhathini esingaphezu kwezinyanga ezingu-12 ikhempasi yasenyuvesi ngayinye e-Afrika ngezinga lokuphasa elingaphezu kwelilindelekile esifundeni.
INhloko yeSikole uSolwazi Mabutho Sibanda uthe: ‘Siyambongela uDkt Shewell ngokuhola uhlelo kanye nokunqoba indondo yomhlaba. Kuzo zonke izifundiswa ezifundisa ohlelweni kanye nabasebenzi kwezokuphatha - siyabonga ngokundizisela ifulegi lase-UKZN phezulu!’
Amagama: ngu-Samukelisiwe Cele
Isithombe: Sithunyelwe