Kusuka kwesobunxele: Ososayensi base-UKZN uSolwazi Frank Tanser, uSolwazi Henry Mwambi, noDkt Andrew Tomita.Umklomelo Wocwaningo Lwezigidi zamaRandi Ngocwaningo Olusezingeni Eliphezulu Nge-HIV
Click here for English version
Ososayensi beKolishi leSayensi yezeMpilo e-UKZN, i-College of Health Sciences (CHS) kanye neKolishi lezoLimo, ubuNjiniyela kanye neSayensi, i-College of Agriculture, Engineering and Science (CAES) - ngokubambisana nabacwaningi baseNyuvesi yase-Stellenbosch - baklonyeliswe ngesibonelelo esihlonishwayo sika-R40 million yinhlangano yezempilo, i-National Institute of Health (i-NIH) e-Unites States.
Isibonelelo i-NIH R01, ejwayele ukubekwa ‘ezingeni legolide’ ngokuxhasa ucwaningo olukhulu, izobhekelela ukuqalwa kophenyo lweminyaka emihlanu ukusungula kwendawo, okwesikhashana kanye noshintsho lwezibalo zabantu endleleni abantu abasha abatheleleka ngayo nge-HIV emuva kobhubhane i-COVID-19 bese kusungulwa imigomo emisha yokungenelela. Lolu cwaningo olwenziwe ngokubambisana luhlanganisa ososayensi base-UKZN, abaseNyuvesi yase-Stellenbosch, inhlangano yokucwaninga ngezempilo e-Afrika, i-Africa Health Research Institute (I-AHRI), iNyuvesi yase-Lincoln, iNyuvesi yase-Hieldeberg, iNyuvesi yase-Washington, iNyuvesi yase-New York, kanye neNyuvesi yase-Cincinnati.
Okungaphezu kwalokho, ithimba locwaningo luzolekelela abafundi base-UKZN abenza iziqu zobudokotela kanye neziqu ezilandela ezokuqala kwisayensi esezingeni eliphezulu ngesayensi yesibalo sabane-HIV ngokwazuzwa uxhaso lweminyaka eminye eyedlule lwe-NIH R01.
Umphenyi omkhulu wocwaningo uSolwazi Frank Tanser, ongungcweti wezifo ezithathelana ezingumashayabhuqe uSolwazi ohlonishwayo wase-UKZN, uSolwazi eSikoleni Sokuqoqwa kolwazi lwezeSayensi kanye nokuXazulula Izinkinga ezibukhuni nge-Khompyutha, i-School of Data Science and Computational Thinking eNyuvesi yase-Stellenbosch kanye nelungu elidala lophiko kwi-AHRI. Umphenyi wasendaweni uSolwazi Henry Mwambi weSikole seZibalo, neZibalo zokuqoqa nokucwaninga ulwazi kanye neSayensi yeKhompyutha. Bazohlanganyela noDkt Andrew Tomita weSikole saseNyuvesi sobuHlengikazi nezeMpilo zoMphakathi.
Ucwaningo olusihloko sithi: Ukushintsha kobuso beHIV ngesikhathi se-COVID-19 (The Changing Face of HIV in the Era of COVID-19), sihlose ukusungula ukushintsha kwezibalo zabantu ezindleleni ezintsha abantu abatheleleka ngayo nge-HIV ngesikhathi sobhubhane besebenzisa amandla ezibalo zeminyaka engu-20 edlule kubhekwa ulwazi lwezempilo oluqoqwe kubhekwa isibalo sabantu eNyakatho yesifundazwe saKwaZulu-Natal esingezinye esinabantu abaningi abane-HIV emhlabeni.
Ucwaningo luzokwenza isilinganiso loshintsho lomthwalo endaweni, lwesikhashana nolwezibalo zabantu ezigamekweni ze-HIV kanye nezindlela ezicashile lesilinganiso segciwane KwaZulu-Natal. Luzophinde luphenye ngoshintsho oludalwe ukutheleleka kabusha nge-HIV kubantu kulandela ushintsho kubhekwa uhlelo lwemishanguzo enciphisa igciwane emzimbeni (isibonelo, imishanguzo emisha engabizi eyenza ukuthi abantu babambelele ekwelashweni) kanye nokukhuphula izindlela ezintsha zokunqanda ukungenwa igciwane okubalwa imishanguzo ekuvikela engozini, i-pre-exposure prophylaxis.
Imiphumela yocwaningo ibalulekile ukusungula izinhlelo zokungenelela zangomusa okuzoba nomthelela omkhulu ekwehliseni izigameko zeHIV kubhekwa izidingo zabantu abasengcupheni okwenziwe ngabo ucwaningo ezindaweni ezisemakhaya. U-Tanser uthe: ‘Sijabule kakhulu futhi sizizwa sihloniphekile ukuthi siklonyeliswe ngalolu xhaso lwe-NIH. Lesi isimiso esimbali emhlabeni lapho singakwazi ukuqala ushintsho olunenqubekelaphambili emthwalweni wabantu abasha abatheleleka nge-HIV ngezinga eliphezulu lokushaya esikhonkosini. Sinethimba elihle kakhulu futhi nginethemba lokuthi imiphumela yalo msebenzi uzosivumela ukuthi sithathe imigomo yokuvikela iHIV siyibeke ezingeni elilandelayo futhi sigcine sesenza umehluko omkhulu kubantu bendawo abasasengcupheni kakhulu yokutheleleka yilesi sifo esibi.’
ISekela likaShansela eliyinhloko yeKolishi yeSayensi yezeMpilo uSolwazi Busisiwe Ncama uthe: Ngithanda ukuhalalisela uMphenyi Omkhulu, kanye nethimba lakhe lonke ngokuthola uxhaso lwe-NIH. Lo msebenzi ubalulekile ekusizeni izwe ukuthi liqonde izindlela zokutheleleka nge-HIV ezindaweni ezisemakhaya emuva kobhubhane lwe-COVID-19, ukuze sakhe izimpendula zakusasa ngezifo ezithathelana. Sinifisela okuhle kodwa njengoba seniqala umsebenzi wocwaningo olubalulekile.’
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Izithombe: Zithunyelwe



