UDkt Lindokuhle Thela.Umklomelo Womfundaze Wokuqhuba Ucwaningo Unikwe USolwazi Wase-UKZN
Click here for English version
Lowo oyi-Neuropsychiatrist nophinde abe yi- honorary lecturer esikoleni sezobuDokotela e-UKZN, uDkt Lindokuhle Thela, uklonyeliswe ngomfundaze wekhethelo we-Professor Bongani Mayosi Netcare Scholarship ngowezi-2022.
Lo mfundaze unikezwa ochwepheshe kanye noNgoti abagxile emkhakheni wezempilo noma unikezwe ababizwa ngama subspecialist ukuze baqhube iziqu ze-PhD noma baqhube ucwaningo lwabo nangemuva kokuthola iziqu zobudokotela eNingizimu Afrika kanti lo mfundaze ufaka phakathi iholo leminyaka emithathu lokwenza umsebenzi wocwaningo lwabo emkhakheni abazikhethele wona.
‘Ngizizwa ngithobekile futhi ngihloniphekile ngokuklonyeliswa ngalo mfundaze ohlonishwayo nosukhiqize abaholi bezemfundo abasezingeni lomhlaba wonke lapha eNingizimu Afrika. I-Professor Bongani Mayosi Netcare Scholarship wumfundaze ohlonishwayo we-PhD eNingizimu Afrika oklonyeliswa ongoti bezempilo kanye nama-subspecialist,’ kusho uThela.
Ngokusho kukaThela - nonentshisekelo kwezocwaningo elele kuma-biomarker engqondo - uthi i-schizophrenia siye sidinge ukuxilongwa ngokwezinga lezempilo, nokuvame ukusho ukuthi isiguli kufanele sigule isikhathi esingaphezu kwenyanga ukuze sizoqala sixilongwe. Ngakho-ke, uthe kubalulekile ukukhomba kanye nokubona ama-biomarker angasetshenziswa endaweni yokunakekelwa ukuze kuthuthukiswe ukuxilonga, ukwelashwa, nokukhipha imiphumela enembayo.
Phakathi kwezinto eziningi asezizuzile, i-Discovery Foundation yamklomelisa ngomfundaze wokuyofundela i-Neuropsychiatry e-University of Cape Town Medical School. Uphinde abe nesitifiketi se-Neuropsychiatry kanye neziqu ze-Master of Philosophy kuyo i-Neuropsychiatry.
UThela uqhubekile nokubonga umnyango wochwepheshe bezokwelapha ingqondo kanye noMeluleki wakhe, uSolwazi Bonga Chiliza, ngokumeseka nokumkhuthaza kulo lonke uhambo lwakhe.
Lo Dokotela ongowokuzalwa endaweni yase-Highflats - ubambe iqhaza njengeNhloko Yomnyango we-Psychiatry esibhedlela i-King Edward VIII uzoqala iphrojekthi ye-PhD egxile endimeni ye-neuroinflammation ezigulini ezine-psychosis entsha.
Amagama: Mandisa Shozi
Isithombe: Sithunyelwe



