Ongumfundi weziqu ze-PhD emkhakheni we-Linguistics, uMnu Peter Tshetu.Umfundi wase-UKZN Uhlabene Ngendondo Eyaziwa Ngele-Young Linguist Award
Click here for English version
Ongumfundi weziqu ze-PhD emkhakheni we-Linguistics, uMnu Peter Tshetu, uhlabene ngendondo eyaziwa ngele-Young Linguist Award ngenxa yenkulumo yakhe edidiyelwe nebisihloko esithi: A compendium of dangerous speech: A case of Twitter-discourse between Zimbabwean political actors - wethule le nkulumo engqungqutheleni yaminyaka yonke yenhlangano eyaziwa ngele-Southern African Linguistics and Applied Linguistics Society (SALALS).
‘Ukuhlonishwa kanye nokwethulelwa isigqoko woNgoti basemkhakheni wami kuyajabulisa kakhulu kanti futhi ngithanda ukubonga kubo bonke ababambe iqhaza kule ngqungquthela, ikakhulukazi kulowo ongumphathi wami, uSolwazi Haike Tappe. Ngaphandle kokungelusa kwakhe aphinde afake izithako lapha nalaphaya, bengingeke ngize ngifinyelele kuleli banga. Ngiphinde ngibe seqenjini elingaphakathi eMnyangweni wethu WeziLimi nalapho ngamunye kithina ehlala ezama futhi enza konke okusemandleni ukufaka isandla emsebenzini womunye. Lo mklomelo ngiwunikezela eqenjini lami elimangalisayo,’ kuphawula uTshetu.
Ucwaningo lwakhe lwakha inhlanganisela yamagama enkulumo ayingozi asetshenziswa ku-Twitter ngosoPolitiki basezweni lase-Zimbabwe. Idatha esetshenzisiwe iqoqwe isuselwa ezingxoxweni ebezenzeka phakathi koSopolitiki ku-Twitter nezithathwe ngama-screenshots bese kwahlaziywa ngendlela eyaziwa ngele-critical discourse analysis nokuwuhlobo lokuhlaziya izinkulumo ezibucayi.
‘Umkhuba wokusetshenziswa kwenkulumo ehayayo noma ebucayi eZimbabwe uvimbe amathuba okuba kube nokuhlalisana ngokuzwana phakathi kwabamaqembu aphikisayo. Lokhu kuholele ekulahlekeni komnotho nokuvela ngokuthi kube nokubambisana kanye nokuxoxisana ngokuthula uma kubekwa imibono phakathi kwabamaqembu ezepolitiki aphikisayo,’ kusho uTshetu.
Ukholelwa ukuthi kubalulekile ukuthi ‘uma kunganokuqaphela noma ukuqwashiseka ekusetshenzisweni kwamagama lawa esithi ayingozi, ngethemba lokuthi labo ababamba iqhaza ezingxoxweni bangavimbela ukuwasebenzisa.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



