Kusukela kwesokunxele: U-Wouter Kellerman, uNomcebo Zikode, kanye no-Zakes Bantwini okuyibona abahlabene ngendondo ye-Grammy.Obengumfundi Wezifundo zoMculo e-UKZN Uhlabene Ngendondo Ye-Grammy
Click here for English version
Umculi we-House waseNingizimu Afrika, uMnuz Zakhele Madida owaziwa esiteji ngelika-Zakes Bantwini, usanda kuhlabana ngendondo ye-Grammy okokuqala ngqa.
Uhlabane ngale ndondo ehambisana ndawonye no-Wouter Kellerman onguMdlali we-Flute kanye noNomcebo Zikode ocikoza ngolozolo lwephimbo uma ecula. Laba abathathu bawine indondo ye-Best Global Music Performance ngengoma yabo eshisa izikhotha esihloko esithi Bayethe kuma-Grammy Awards aminyaka yonke abanjelwa e-Los Angeles, esezweni lase-California.
Le ngoma iyinhlanganisela yomculo kaMaskandi, i-Afro-pop kanye ne-dance music, ikhishwe ngowezi-2022.
UMadida ubonge bonke abameseke ohambweni lwakhe waphinde wabonga uNkulunkulu ngaloku kuhlabana. ‘Kunzima ukuthola amagama angaveza ngokusobala indlela engizwizwa ngayo nokuthi sisho ukuthini isikhathi esinjenga lesi. Lona ngumcimbi wokuklonyeliswa ngezindondo obaluleke kakhulu emhlabeni wonke kanti futhi nokuthi sihlonishwe esiteji esikhulu kangaka kusho ukuthi senza into efanele,’ usho kanje. Impilo yami yonke sengizokwaziwa ngo-Zakes Bntwini lo ohlabene ngendondo ye-Grammy. Kuyisimanga lokho! Kuyinto ebengikaza ngiyicabange ngesikhathi ngisakhula,’ usho kanje.
UMadida uthe ukuwina indondo emcimbini ohlonishwayo njengama-Grammy kukhombisa ukuthi kungenzeka noma yini. ‘Lonke iphupho libalulekile. Kuyo yonke ingane eselokhisini, emakhaya, noma eyenza izifundo zoMculo eNyuvesi enjenge-alma mater yami, e-UKZN: yazi nje ukuthi kuyenzeka!'
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



