Oyi-blood stem cell donor okokuqala ngqa, uMnu Kwazinkosi Mhlongo.Lowo Oyi-Blood Stem Cell Donor Ukhuthaza Abanye Ukuthi Bahambe Ezinyathelweni Zakhe
Click here for English version
Umfundi we-Master of Commerce, uMnuz Kwazinkosi Mhlongo, nosebe yi-blood stem cell donor, uthi wagqugquzeleka ukuthi enze lokhu emuva kokufunda ngalowo obeyisiguli esiswele lolu sizo ngokuphuthumayo.
UMhlongo ubhalisele ukuba eyonikela okokuqala ngqa ngosizo lwe-DKMS, nokuyisikhungo esisebenza siyi-blood stem cell registry emazweni ayisishiyagalombili ahlukene, okuhlanganisa neNingizimu Afrika.
Uhlale enesifiso sokusiza abanye abantu, ukhulele endaweni yaKwaMaphumulo nokuyindawo yasemakhaya esifundazweni i-KwaZulu-Natal. ‘Njenge-head boy esikoleni sami, ngajutshwa ukuba ngihambe phambili ekusizeni nasekulekeleleni abanye,’ usho kanje. ‘Njengamanje, ngihola inhlangano engenzi nzuzo ehlomisa amaciko ukuze akwazi ukuziphilisa ngomsebenzi wezandla abawenzayo.’
Njengoba enephupho lokuba ngudokotela kanye nokusiza abanye abantu, uMhlongo uthe waphoxeka ngesikhathi isicelo sakhe sokwenza izifundo ze-MBChB singamukelwa e-UKZN, kodwa wayazi ukuthi uzogqama futhi abeke induku ebandla ngezinye izindlela. Ngemuva kweminyaka eyishumi nambili, uthi usifezile isifiso sakhe sokushiya umaka ngokuthi abe yi-blood stem cell donor.
UMhlongo, owenza ucwaningo ngalolu daba kuqala wabe esexhumana nodokotela ukuze athole izeluleko ngaphambi kokuba anikele, uthe uhlelo lokubhalisa lubandakanya ukufaka isicelo sokunikela online (online application), nokufaka into ebizwa nge-tissue swab yona efakwa emlonyeni nelekelela ukuthi kutholakale uhlobo lwakhe lwe-human leukocyte antigens (HLA) nokungamaphrotheni okanye ama-markers aba sengxenyeni eningi emzimbeni wakho. Emasontweni ambalwa andulela lapho, wabe esethintwa njengobeyi-match yesiguli esasidinga usizo; bamtholela indiza eya ePitoli eyayikhokhelwe ngokuphelele zonke izindleko maqondana nalolu hlelo lokuyonikela.
Ukuvumile ukuthi ukwenziwa kwalolu hlelo lokunikezela nge-blood stem cell kwakumethusa kakhulu, kodwa wathi uthole induduzo ekwazini ukuthi unikeze omunye umuntu ithuba lokuphila isibili; akwazi ukuthi ahlale aphinde achithe isikhathi nomndeni kanye nabathandiweyo bakhe.
Ekhuthaza abanye ukuthi nabo babe ngama-donors, uMhlongo uthe: 'Ngikholelwa kakhulu ukuthi ngokubambisana, senza konke esingakwenza nokusemandleni, umphakathi wethu ungaba indawo engcono yokuphila kuyo. Sonke sifanelwe ukuphila uhlobo lwempilo olusezingeni kanti futhi akuwona umthwalo kahulumeni kuphela ukunikezela njengoba kuwumthwalo okufanele siphinde sithwalisane wona. Umphakathi usuvele ulimele nezilonda zawo zisabhibha ngenxa yezinkinga ezikhungethe imiphakathi; ngakho-ke sonke siyadinga ukuthi sikhombise umusa nokulunga komunye nomunye.
‘Asikhulume kancane kodwa sigxile ikakhulukazi ekwenzeni... yiba ngomunye wabazonikezela nge-blood stem cell namuhla ngoba kuyinto efanele ukwenzeka.’
Amagama: ngu-Hlengiwe Khwela
Isithombe: Sithunyelwe



