
Umfundi Wezemfundo Wase-UKZN Esigabeni Esandulela Esamanqamu KuMrs South Africa 2022
Click here for English version
Umfundi weMasitazi kwezeMfundo ePhakeme uNkk Nonkululeko Ngutshana-Mnxati usesigabeni esandulela esamanqamu emncintiswaneni i-Bare Beauty Mrs South Africa 2022, umncintiswano oqhakambisa ukuzithuthukisa, ukusebenzela umphakathi, ukuxhumana nabanye abantu nokuphumelela kwezamabhizinisi.
UNgutshana-Mnxati wayekhona esithangamini sokucobelelana ngolwazi e-Emperors Palace eGoli ukulungiselela onobuhle ngalo mncintiswano. ‘Kuyintokozo enkulu ukuthola leli thuba kanti ngihlose ukulisebenzisa ukuzikhulisa ngingumuntu wesifazane.' kusho yena.
Isikhulu esiphezulu sika-Mrs South Africa uNkk Joani Johnson sithe: ‘Lolu hlelo lwenzelwe abantu besifazane abashadile abangenazo izinkundla abangaqhudelana kuzona ukuba ngamanxusa eNingizimu Afrika emhlabeni. Amathuba enzelwe abangenela u-Mrs South Africa abaluleke ngayo yonke indlela. Ngokuqhubeka komncintiswano, abawungenele bayazithola ububona, befunde ukuthi abagugile ukuthi bangeke bafeze izifiso zabo babenezwi lokushintsha izinto.
UNgutshana-Mnxati uthe, ‘Ukwahlulelwa kwesigaba esandulela esamanqamu kuzokwenzeka ngoNtulikazi, kuphele ngokumenyezelwa kozowina i-2022 Influencer Award, ezokwenzeka ngokuvota ngama-SMS nangokuvotela isithombe sami emakhasini ka-Facebook no-Instagram e-Mrs South Africa. Ngingakuthakasela ukuvotelwa yibo bonke abalingani bami base-UKZN.'
Ukwethweswa kwesicoco kuka-Mrs South Africa 2022 kuzokwenzeka ngoLwezi, eGoli.
Amagama: wu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe