
Abafundi Nomelaphi Wendabuko Enkundleni Yokucobelelana Ngolwazi
Click here for English version
Abafundi abenza izifundo zobuhlengikazi e-UKZN babe yingxenye yesigaba sokuhwebelana ngolwazi ebekukhona nomelaphi wendabuko owaziwayo kusona uMnu Maphelo Bongani Gumede waseMzimkhulu, KwaZulu-Natali ngezinto zengqondo ezithinta abantu baseNingizimu Afrika.
Lo mcimbi udingide imibono ye-Traditional Health Practitioners (ama-THP) ngesimo sengqondo. 'Besifuna ukuzwa kuMnu Gumede ukuthi abelaphi bendabuko bakubona kanjani ukugula ngengqondo, bazelaphe kanjani izimpawu zokugula ngengqondo,' kusho umfundisi wezeMpilo yeNgqondo uDkt Winnie Ngcongo-Cele.
UGumede welapha izifo ezahlukene, njengoba egxile esimweni sengqondo nesifo sohlangothi. Abafundi nabafundisi base-UKZN bezeMpilo yeNgqondo, uDkt Ngcongo-Cele, uDkt Ann Jarvis noDkt Mlungisi Ngcobo woMkhakha Wezemithi Yendabuko i-Discipline of Traditional Medicine bebekulesi sigcawu noGumede.
UNgcongo-Cele ukhulume ngezinto ezibanga ukugula ngengqondo, okungabathinta nezifo ezivamile, kwathi uNgcobo wakhuluma ngezinto aseke wazibona njengoba engusosayensi wase-Medical Laboratory.
U-Jarvis utuse uGumede ngomsebenzi awenzayo wokwelapha abantu ababhekene nezinselelo zempilo yengqondo, wagcizelela ukubaluleka kokutshela abafundi ngezinto ezinjalo ukubalungiselela ukuqala ukusebenza.
Abafundi bebemagange ukuxoxa noGumede nokukhuluma ngezinto asebeke bazibona.
Amagama: ngu-Nombuso Dlamini
Izithombe: Zithunyelwe