USolwazi Lauren Dyll uqokelwe kwesokuba omunye wabahleli bomqigo i-Critical Arts. USolwazi wesiZinda se-CCMS uqokelwe kwesokuba womunye wabahleli be-Critical Arts
Click here for English version
USolwazi Lauren Dyll wesiZinda sezokuXhumana, ezoKwazisa NezoMphakathi, i-Center for Communication, Media and Society (i-CCMS) engaphansi kweKolishi lesiNtu uqokwe njengomunye wabahleli bomqingo i-Critical Arts engaphansi kwe-UKZN ne-University of Johannesburg (UJ).
‘USolwazi Dyll uyingxenye yokuhlelwa ngempumelelo kwalomqingo, nokubalulekile ukuqinisekisa ukuqhubeka nempumelelo yalo mqingo,’ kusho uSolwazi Keyan Tomaselli (UJ), umhleli owasungula i-Critical Arts.
‘Ngizizwa ngihloniphekile ukusebenza noSolwazi Keyan Tomaselli nebhodi labahleli ezingeni lomhlaba kubalwa noSolwazi Emeritus Ruth Teer-Tomaselli. Ngijabule ukuthi ngizophosa itshe esivivaveni ukwelekelela lapho ababhali emkhakheni wezamasiko nezindaba bezobe becobelelana ngezinto ezibalulekile ezithinta ubudlelwane beNingizimu-Nyakatho (South-North) neMpumalanga-Ntshonalanga (East-West), sibheka kakhulu ulwazi oluhlukene,’ kusho u-Dyll.
‘Ukuhlela ngokuhlanganyela umqingo osushicilele ngababili abahlonishwe ngomklomelo we-Nobel Prize (Nadine Gordimer noJM Coetzee), nezinye izifundiswa ezifana no-Stuart Hall, ngingakhohlwa nabanye abagqugquzela abanye emkhakheni wokubhala e-Afrika uNjabulo Ndebele noNtongla Masilela, kungulwazi olubalulekile’.
U-Dyll uzobe ebhekelela ukuqonga ngamandla komsebenzi wokuphatha, ezokuhlela ekusebenzeni kwansuku zonke kwalomqingo, kanye nokuhlela okuzokwenzeka ngezikhathi esizayo. ‘Ukuphatha i-Critical Arts sekuphenduke umsebenzi ogcwele othinta izinto ezihlukene okukhona lapho zihlangana khona kulomqingo wezifundiswa waseNingizimu Afrika. Okwengezayo kulokhu indlela okwenyuke ngayo ukulethwa komsebenzi, kanye nesidingo soshintsho nokuthi uphothulwe ngokushesha.’
Uzobuye alekelele ngokufundisa nokuqeqesha kwezinye izinhlelo ezivele ziqhubeka, okubalwa nomqingo obekelwe ukuthi uphume ngasekupheleni wezi-2022, oxhaswe i-National Institute for Humanities and Social Sciences, i-Postdoctoral Fellow Special. Lolu hlelo lulekelela ngokuqeqesha nokukhulisa abasathuthuka kwezokushicilela.
U-Dyll ubuye wahlela ukukhethwa kwezindaba ezingama-20 ezike zashicilelwa kwi-Critical Arts ezibhalwe izifundiswa zase-UKZN (2015-2021), ezitholakala kwi-inthanethi njengeqoqo i-Taylors and Francis Critical Arts collection. Njengomhleli waleliqoqo, wazihlela ngokuthi i-Revisiting curriculum transformation and the decolonisation debate: Perspectives from University of KwaZulu-Natal scholars.
Izigaba zaleli qoqo zifaka phakathi izindlela zazeNtshonalanga zolwazi emanyuvesi aseNingizimu Afrika; ukushitshwa kwe-curriculum nezindlela zokufunda, umsebenzi wolwazi lomnsinsi wokuzimilela, izinto ezibalulekile ezithinta izimakethe nezindlela zokuphathwa kwamanyuvesi nezinhlelo zokushicilela kumkhakha wezesiNtu.
Leli qoqo litholakala ku: https://staging.www.tandfonline.com/journals/rcrc20/collections/kwazulu-natal-scholars-decolonisation-debate.
U-Dyll ungumcwaningi we-National Research Foundation, ucwaningo lwakhe olubheka kakhulu ezokuxhumana ezifaka phakathi ukuxoxisana nokwebalena ngemibono, izindlela zakudala zokudala zokwenza izinto nezinto ezithinta isiko nemvelaphi nezokungcebeleka uma kubhekwa ubudlelwane bokushitsha kwenhlalo nokuthi umuntu ungubani.
Ubuye waba ngumelekeleki obalulekile kwiphrojekthi ka-Keyan Tomaselli i-Rethinking Indigeneity ebheka izindlela okuhloswe ngazo ukubhekana nokuhlanganyela nokushintsha kocwaningo (noma nokuthuthuka) okungaqhamuka.
Umsebenzi omningi ka-Dyll wenziwe e-Kalahari, eseNingizimu ye-Afrika, kanti muva nje eMpumalanga (eNingizimu Afrika) lapho khona engumphathi kwe-projekthi ekhokhelwe i-South African National Heritage Council (NHC), i-Mashishing Marking Memories.
Uyilungu le-International Association for Media and Communication Research (IAMRC) Clearinghouse, abuye abe yongxenye yamabhodi abahleli kwi-The Journal of Autoethnography (University of California Press) ne-Communication, Technology and Development Journal (eshicilelwe uSihlalo we-UNESCO, e-University Bordeaux Montaigne for Emerging Practices in Technology and Communication for Development).
Amagama: ngu-Melisa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe



