UNksz Zoleka Mkhabela owenza iziqu zobuDokotela.Isifundiswa sezeMfundo Siklonyeliswe Ngomfundaze i-Erasmus + Mobility Scholarship
Click here for English version
UNksz Zoleka Mkhabela ofundisa ngaphansi kohlelo i-nGap obuye enze iziqu zobuDokotela eSikoleni sezeMfundo uklonyeliswe ngomfundaze i-Erasmus + Mobility Scholarship ezokwenza ukuthi achithe isikhathi ezingangezinyanga eziyisithupha e-University of Natural Sciences and Humanities e-Siedlce, e-Poland.
Ngesikhathi ezinze e-Siedlce, uMkhabela uzobe exhumana nabanye abafundi bakuleli nabanye abathole lo mfundaze we-Erasmus, izifundiswa, izinhlangano zomphakathi, nezakhamizi. Uzoba yingxenye yezifundo, nokwenza izethulo ezindaweni zezemfundo, zemiphakathi nezamasiko. Uzobuye axoxisane futhi asebenzise ezobuchwepheshe efundisa ngokuthuthukisa imfundo yabantwana abancane nokusetshenziswa kwezinsizakufunda zemizwa (sensory teaching resources) kwabafundisayo nabafundi, ebhekelela kakhulu izifundo ze-Foundation Phase esiKoleni sezeMfundo e-UKZN.
Isivumelwano Sokusebenzisana phakathi kwe-UKZN ne-Siedlce University sivumela abasebenzi kanye nezitshudeni ukuthi bakwazi ukuzibandakanya nezifundo zezinhlelo zaphesheya kwezilwandle, izinhlelo zokushintshana kwezitshudeni, nokucwaninga ngokubambisana. Lesi sivumelwane sasungulwa uDkt Angela James, oyi-Academic Leader for Community Engagement eSikoleni sezeMfundo.
UMkhabela uthe ukuqokelwa lo mfundaze, ‘kungenza ngizizwe ngihloniphekile futhi kuyithuba elizoshintsha impilo elizokwenza ukuthi ngibuke kabanzi umhlaba futhi ngiqonde izindlela ezehlukene engizozisebenzisa uma sengifundisa. Ngikubheke ngabomvu ukuthuthukisa ulwazi lwami ezingeni lomhlaba nokuthi ngizoxoxisana nabafundi asebeneziqu ukuthi zifake izicelo somfundaze we-Erasmus + Mobility.’
U-James uthe, ‘Kuyagqugquzela futhi kuyajabulisa ukuthi izitshudeni zikwazi ukuxhumana nabanye abafundi, izifundiswa kanye namalungu omphakathi bakwamanye amazwe. Lezi yizifundo ezinhle. Siyazi uZoleka uzoba inxusa elihle le-UKZN.’
UMkhabela uqedela iziqu zobuDokotela kwi-Social Sciences (Geography) e-UKZN. Ucwaningo lwakhe luthinta umumo womhlaba (geography) nezomlando (history), kanti isihloko salo sithi: The Curriculum and Competing Discourses: Geography Teachers’ Perspectives on Land Reform in Grade 12 Geography Textbooks.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo, Zoleka Mkhabela, no-Angela James
Isithombe: Sithunyelwe



