
Owayengumfundi Weziqu ZobuDokotela e-UKZN Uklonyeliswe Ngendondo i-French National Order of Merit
Click here for English version
Oneziqu zase-UKZN e-Nelson R Mandela School of Medicine (iklasi lowe-1987), u-Dkt Fareed Abdullah, uhlomule nge-French Ordre National du Mérite (National Order of Merit) ngenxa yomsebenzi wakhe njengoMcwaningi noSosayensi wezempilo ekulekeleleni ukulwa negciwane i-HIV kanye ne-TB.
Le ndondo ebizwa nge-The National Order of Merit, yethulwa ngonyaka we-1963, ikhishwa nguMengameli wase-France. U-Abdullah unguMqondisi ehhovisi le-AIDS ne-TB e-South African Medical Research Council, yize noma ebambe umsebenzi wesikhashana njenge- HIV Clinician e-Division of Infectious Diseases ese-Steve Biko Academic Hospital e-Pretoria.
Imisebenzi yakhe esezingeni eliphezulu ihlanganisa cishe amashumi amathathu eminyaka lapho ebe:
• Yilungu le-Steve Biko Academic Hospital Outbreak Response Team wayesebenza njenge-Clinician emawodini e-COVID-19 futhi esiza kakhulu ekukhuliseni isikhwama esizolekelela ukuthengwa kwezinsizakusebenza ezidingeka kulolu bhubhane i-COVID-19;
• NguMphathi Omkhulu Western Cape Health Department iminyaka eyi-12 ehola ithimba elalibhekelele ukwethula imishanguzo engama-ARV emphakathini;
• NguMqondisi jikelele ezwenikazi i-Africa kwi-Global Fund nokuyiskhwama esibhekelele ukulwisana neNgculazi, i-TB kanye noMalaleveva kusukela ngowezi-2008 kuya kowezi-2011;
• Waba ngu-Chief Executive Officer wase-South African National AIDS Council kusukela kowezi-2012 kuya kowezi-2017;
• Waba ngu-Co-chair we-South African National TB Think Tank.
U-Abdullah usethole ukuhlonishwa nokutuswa kakhulu ngenxa yomsebenzi wakhe emithini yezempilo ezosiza umphakathi.
Ngo-1996, wahlomula nge-Oliver Tambo Fellow kwi-Public Health Leadership neyayibalula futhi iveza kakhulu ukuzibophezela kokuhola ikakhulukazi kwezokulethwa kwezinsiza kwezempilo emiphakathini nokuthi kuthuthukiswe ezempilo zawo wonke umuntu ohlala eNingizimu Afrika. Ngo-2004 wathola indodo ebizwa nge-Gift of life esuka kwi-Elizabeth Glazer Foundation ekubungazeni umsebenzi wakhe ayesewenzile emizamweni yokunciphisa ukuthelelana ngegciwane le ngculazi phakathi kukamama nengane eNingizimu Afrika. Ngowezi-2005, wathwesa iziqu zobuDokotela ngenxa yemisebenzi yakhe (Honrary Doctorate) yiNyuvesi yase Kapa ngenxa yegalelo lakhe kwezempilo yemiphakathi njengeNhloko yohlelo lwesifundazwe lwe-Antiretroviral Treatment.
Ephawula kabanzi ngakuhlomule kamuva-nje, u-Abdullah uthe: ‘Le ndondo ingegqamisa kakhulu ukusebenza ngokubambisana kwama-Clinicians, izifundiswa kanye nabo bonke ababambe iqhaza eminyakeni cishe engama-20 ekulwisaneni nomashayabhuqe i-HIV kanjalo nabo bonke abasebenzi bezempilo abebesebenza ngokuzikhandla ekulwisaneni nobhubhane lwekhovidi-19 eminyakeni emibili edlule.
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe