Amazwibela okwethulwa kwephrojekthi i-UIF LAP.I-UKZN Ihlanganyele noHulumeni Ohlelweni Lokuqeqeshela Amakhono Nokwakha Amathuba Emisebenzi
Click here for English version
I-UKZN kanye noHulumeni waseNingizimu Afrika bahlanganyele ohlelweni oluzoqeqesha labo abangasebenzi bese bebanika amathuba emisebenzi emkhakheni wezobuchwepheshe kweze-fibre optics, oNgoti kwezokuphathwa kokudla (food handling) kanye nasemikhakheni ehlukahlukene yezolimo.
Lolu hlelo lwathulwa ngulowo onguNgqongqoshe kazwelonke womnyango weZabasebenzi uMnu Thulas Nxesi e-UKZN innovation centre.
Lesi sivumelwano sokusebenza ngokubambisana siphakathi kwe-Fuze Institute for Humanitarian Praxis engaphansi kwekolishi lezesiNtu e-UKZN, uMnyango weZabasebenzi kanye nasesibonelelweni sabaphelelwe ngumsebenzi nesaziwa ngele-Unemployment Insuarance fund (UIF).
I-UIF, ngohlelo lwayo olubizwa nge-Labour Activation Programmes (LAP), isibeke eceleni izigidi ezingama-551 zamarandi ukuhlelela lolu hlelo lokuqeqesha amakhono oluhlukene ngemikhakha emithathu, kanjalo nokwakhiwa kwamathuba emisebenzi ethinta cishe abantu abayi-20 000 - amaphesenti angamashumi ayisikhombisa (70%) alabo bantu, abantu ababethela kwi-UIF kodwa ngokuhamba kwesikhathi balahlekelwa ngumsebenzi. Babalelwa cishe ezinkulungwaneni ezili-14 771 abazothola ukuqeqeshwa ukuba oNgoti kwezokuphathwa kokudla, babe yi-5000 abazongena kweZolimo ezahlukahlukene bese beba yi-150 abazongena kwezobuchwepheshe be-Fibre Optics.
UNkk Thandi Ngcobo, nongumphathi waseFuze Institute ubeke kanje: ‘laba abayizinkulungwane ezili-14 771 abaqeqeshwa kwezokuphathwa kokudla bazoqashwa nguMnyango weZemfundo esifundazweni saKwaZulu-Natal uma sebeqedile ukuqeqeshwa. UMnyango weZokuthuthukiwa Komnotho, eZokuvakasha kanye neZemvelo esifundazweni saKwaZulu-Natal wona wenze isethembiso sokulekelela labo abayi-5000 abazongena kweZolimo ngokubathengela yonke imikhiqizo abazoyidinga. I-Intermediate Data Systems yona iziphophezele ekuqasheni laba abayi-150 abazoba oChwepheshe kweze-Fibre Optics.’
Labo abazobe beqeqeshwa bazothola isibonelelo.
UNxesi uthe: ‘siyalahleka isithunzi uma ungasebenzi.’ ‘Ngaphandle nje kobhubhane oluze noguquko oluningi oluphazamise kakhulu ezomnotho, thina njengoHulumeni siyakholelwa ekutheni kumele senze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abantu banemisebenzi noma banawo amakhono okuziphilisa nokuvuselela kakhulu uthando lokuba osomabhizinisi.’
‘Ngaphandle nje kokuthi uMnyango unomyalo wokwakha amathuba emisebenzi, siyanxusa embonini ezimele nabo bonke abangakwazi ukubamba iqhaza ukuba babambisane nathi ukunciphisa kanye nokuqeda ukungasebenzi kwabantu ezweni lethu ngoba ukubambisana kungasilekelela kakhulu ekwakheni amathuba emisebenzi. Ngakho-ke, lonke uhlelo lwe-UIF kumele luxhumane kakhulu nokwakhiwa kwamathuba emisebenzi ngoba asifuni ukubona abafundi behleliemakhaya emva kokuqeqeshwa.’ kuphawula uNxesi.
UMqondisi jikelele koweZabasebenzi uMnu Thobile Lamati uthe uMnyango uzibophezele ekudlaleni indima yawo ekwakheni amathuba emisebenzi. ‘Sikhathazeke kakhulu ngokukhula kwesibalo sabantu abangasebenzi ezweni lethu. Siyathembisa ukudlala indima yethu kuwo wonke amaphrojekthi alolu hlobo afaka ukwakheka kwamathuba emisebenzi, ikakhulukazi uma efaka abantu abasha. Kulabo ababambe iqhaza ekuqeqeshweni, Ngiyanicela ukuba ningadlali ngethuba lalolu hlobo ngoba lufika kanye emva kwesikhathi eside,’ kuphawula uLamati
IPhini leSekela-Shansela nophinde abe yiNhloko yeKolishi lezesiNtu, uSolwazi Nhlanhla Mkhize, uthe ubhubhane ludale ukunyuka kwesibalo sabantu abasha abangasebenzi. ‘Lolu hlelo lokwakha amathuba emisebenzi siyalwamukela kakhulu. Abantu abasha banikwa ithuba lokuthuthukisa amakhono abo kwezamabhizinisi. Sizoyisekela lephrojekthi.’
Omunye wabahlomule kulolu hlelo lwe-UIF uMnu Bayanda Zaca wayengumsebenzi wasenkontilakini ngaphambilini. ‘Namhlanje ngiyi-Head Chef kwenye yezindawo zokudlela esezingeni eliphezulu eThekwini emva kokuqeqeshwa. Ngiphinda ngilekelele abasaqeqeshwa esikhungweni se-food-processing esiseNdwedwe. Ngibonga angiphezi kwi phrojekthi ye-UIF eyashintsa impilo yami,’ kusho uZaca.
UNkk Lethabo Tsonope, ongomunye walabo ababexhaswe yi-UIF, usenguMshayeli wamabhanoyi (commercial pilot) kwa-FlySafair, ushayela i-Boeing 783-800. ‘Angikaze ngicabange ukuthi ngingaba umshayeli webhanoyi ngoba kuyabiza ukuyiqeqeshela. Ngiyakuthokozela ukuba la ngikhona namhlanje bese ngicela wonke amantombazane asemancane ukuba abeke uNkulunkulu phambili ukuze aphumelele.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: UIF Twitter



