
COVID-19 – Ngabe i-Wave Yesihlanu Iyasondela?
Click here for English version
Umthelela wegciwane i-COVID-19 emphakathini waseNingizimu Afrika kanye nesibikezelo sekusasa laleli gciwane yikho obekuwumgogodla womhlangano oyi-webinar weKolishi Lezifundo Zezempilo.
Le ngxoxo - ebiholwa yiPhini leSekela-Shansela lwezoCwaningo eKolishi Lezifundo Zezempilo, uSolwazi Mosa Moshabela - yayigxile kakhulu endabeni yokubaluleka kwemigomo (vaccinations), ibheka kakhulu ubungozi bokuthelelana, ukwahlukahlukana kwama-waves obhubhane, ukuqinisekisa ukuthi baningi abantu abagomele ubhubhane kanye nokufunda ukuphila esikhathini sobhubhane.
UDkt Richard Lessells, uNgoti wocwaningo lwezifo ezithelelanayo e-KwaZulu-Natal Research and Innovation Sequencing Platform (i-KRISP) e-UKZN kanye nasebenzisana naye oyi- honorary research associate esikhungweni i-Centre for the AIDS Programme of Research in South Africa (CAPRISA), uthe: ‘Sibonile ama-waves angaphambili eza namavariyenti ahlukahlukene, ngakho-ke kunzima ukuqagula kulesi sigaba ukuthi i-variyenti elandelayo kuzoba yini kodwa singalindela i-wave yesihlanu'.
U-Lessells uqhubeke wachaza ngokubaluleka kokuba umuntu agome ngokuphelele ukuze avimbe omonakalo wokugula kakhulu uma esetheleleke ngegciwane lekhorona. ‘Ngebhadi limbe abantu abadala abaseminyakeni cishe engama-50 nangaphezulu abasebungozini bokulala esibhedlela kokunye kube ngukufa yilabo abangakathathi umjovo wabo wokuqala womgomo. Uma sehlela emaqenjini eminyaka siya kwabancane, isibalo sabagomile siya ngokuya sincipha impela. Kuze kube manje, bangaphansi kwesigidi abantu abathathe i-booster vaccine.’
Ngokuka-Lessells, noma ngabe i-wave yesine isiphelile eNingizimu Afrika futhi nezinga lokuthelelana libukeka lehlile kodwa akukakabi isikhathi sokubeka igazi phansi nokuthi kuyekwe ukulandela imigomo ejwayelekile njengoku-sanitiser, ukugqoka isimfonyo ezindaweni ezivalelekile nokuma ngokuqhelelelana. Leli gciwane lisekanye nathi kodwa esigabeni esahlukile. Sidinga ukucabangela uhlelo lwezempilo lwesikhathi eside kodwa okwamanje ukuvikela abantu ebungozini yikona okumele kuhambe phambili. Ukulandela imiyalelo kuhle kodwa ukubuyela ekulandeleni imigomo ejwayelekile yikona okuzosiza ukuvikela ukuthelelana.’
Oyi-Clinical Virologist kanye neNhloko yoMnyango e-UKZN Discipline of Virology nase-KZN National Health Laboratory Service uDkt Nokukhanya Msomi utshele izethameli ukuthi amasosha omzimba ehlisa ubungozi bokutheleleka bese kuthi ama-T-cells wona adlala indima ebalulekile ekulawuleni igciwane.‘Sidinga ukuba nawo wonke amazinga okuvikeleka,’ kuphawula uMsomi. ‘Amasosha omzimba aphelelwa amandla ekuhambeni kwesikhathi ngakho –ke isivikelo esisodwa asanele. Imigomo elandeliswa nge-booster efanele yengenza ukuvikeleka. Umgomo unciphisa amathuba okuthola i-COVID-19.’
Uphawule wathi okwamanje uhlelo lwezempilo lokugoma abantwana abaneminyaka ephakathi kuka 5-11 belungabalulekile kangako.
UMsomi wengeze inkulumo yakhe wathi kusabalulekile ukuhlola labo abakhombisa izimpawu kanye nalabo abekade behlangene nabo ezindaweni zemihlangano. ‘Igciwane aliyi ndawo. Kumele siqinise kwezokuvikela.’
Izikhulumi zihlongoza indaba ye-wave yesihlanu ye-COVID-19 engaqala ngoMbasa noma ngoNhlaba, okungenzeka ukuthi iza nevariyenti entsha, kodwa kunomuzwa wokuthi kungaba yinto encance, uqhubeke wathi konke kuncike ekutheni ivariyenti entsha iyini. ‘Okwamanje, kusobala ukuthi igciwane lisakhona ngakho-ke kubalulekile ukugcina imigomo yokuzivikela.’
I-webinar iyatholakala la: https://www.youtube.com/watch?v=HcGmJRkL-Oc.
Amagama: ngu- MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe