
Ongoti Bomthetho Wezenzalo Babheka Indaba Yokuhlotshaniswa Kolibofuzo Uma Owesifazane Ezalela Omunye
Click here for the English version
Ngabe sekuyisikhathi sokubuyekeza isidingo solibofuzo uma owesifazane ezalela omunye ingane? Lona ngumbuzo kangoti womthetho olawula ezenzalo engosini yokucobelana ngolwazi ebeyenziwe ngobuchwepheshe bokuxhumana besimanje enkundleni ebesihlelwe yi-Health Law and Ethics Research Interest Group yesiKole sezoMthetho.
Ngonyaka wezi-2015, iNkantolo eNkulu yasePitoli, odabeni AB, yanquma ukuthi isigaba 294 se-Children’s Act – ophoqa ukuthi kwenziwe ulibofuzo uma owesifazane ezalela omunye ingane uphambene nomthetho. Nokho iningi lamajaji eNkantolo yoMthethosisekelo lasiphikisa lesi sinqumo, lo mthetho wasala ukhona emthethweni. Sekukhona omunye futhi umzamo wokuphikisa lo mthetho enkantolo yoMthethosisekelo.
Inhloso yale ngosi yokucobelana ngolwazi bekungukuhlaziya isidingo solibofuzo uma kwenziwa izivumelwano zokuthi umuntu wesifazane azalele omunye ingane. Izikhulumi kule nkundla zidingide isinqumo seNkantolo eNkulu neseNkantolo yoMthethosisekelo odabeni AB, kanjalo nezinkinga odabeni KB ezithebeni zeNkantolo yoMthethosisekelo.
Ingxoxo, ebiphethwe nguSolwazi Donrich Thaldar, ibinezikhulumi ezingezansi:
• USolwazi Amanda Boniface woMnyango woMthetho Ozimele e-UJ
• UDkt Carmel van Niekerk ungoti we-Delict Law weDepartment of Law of Persons e-UWC
• UNkk Aliki Edgcumbe, owenza ucwaningo lweziqu zobudokotela e-UKZN
• UDkt Bonginkosi Shozi, isifundiswa nomcwaningi wase-UKZN nase-UCSD
• USolwazi Magda Slabbert weDepartment of Jurisprudence e-UNISA.
U-Boniface wethule ukulalelwa kwecala AB eNkantolo Enkulu kwakugxilwe encazelweni yenkantolo ngokuthi yini umndeni. Nakula ilungelo lomndeni lingacacile emthethweni wezwe, u-Boniface uchaze wathi ilungelo lokuba nesithunzi lichazwa lize lithinte nomndeni. Inkulumo yakhe ibigxile esinqumweni seNkantolo Enkulu sokuthi ithi isigaba 294 asihambisani nomthethosisekelo ngokubheka ukunyathelwa kwelungelo labazali abafuna umntwana.
‘Isizathu esikhulu saleli cala wukuthi lesi siding silimaza isithunzi sabantu; ngakho-ke; siphambene noMthethosisekelo wethu. Umthetho kumele uhambisane nokuthuthuka kwezobuchwepheshe nobezokuzala kufanele zisinike incazelo entsha yokuthi uyini umndeni,’ kusho u-Boniface.
Isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sahlaziywa u-Van Niekerk ebheka isinqumo samajaji amancane namaningi ecaleni AB. Amajaji amaningi achitha isinqumo seNkantolo Enkulu, athi isigaba 294 siyahambisana nomthethosisekelo. Wahlaziya isinqumo samajaji amaningi esibheka incazelo yomndeni. ‘Uma ubuka isinqumo samajaji amaningi, kusobala ukuthi sigxile kakhulu kwisayensi yezinto eziphilayo, kanti ngokuvumelana nale ndlela inkantolo ichitha ukwakhiwa kwemindeni eyakhiwe noma kungahlotshenwe,’ kuchaza u-Van Niekerk.
U-Edgcumbe ukhulume ngamaphuzu aqukethwe ecaleni KB, ukuphikisa nomthethosisekelo. Ummangali kulokhu uthi ukuhlobana kolibofuzo kumele kufake ukuhlobana okungakhona komntwana osazozalwa ngokuzalwa ngomunye umama emzalela omunye nezingane zakwabo leyo ngane, okuqubule umbuzo othi kufanele indaba yolibofuzo ibhekwe ngaliphi iso. U-Edgcumbe ngobufakazi obusha besayikholoji ngempilo yezingane ezizalwe ngabanye omama bezizalela abanye nezakhiwe ngamaqanda nembewu enikelwe, nokuqubule imibuzo ngezidingo sokubheka ulibofuzo. UShozi unxuse ukuthi kutholwe isixazululo esizokwenza izinkantolo ziyibuke ngeso elilodwa indaba yokuthi ibekwe eceleni eyokuhlanganisa ulibofuzo uma abazali bekhombisa izinhloso ezinhle. Sekuvotwa ekupheleni kwalesi sigcawu, kuvele ukuthi iningi lezethameli liyahambisana nesixazululo esihlongozwayo.
Ebeka ngamafuphi izingxoxo ezibe khona nokucaba indlela eya phambili, u-Slabbert uthe kubalulekile ukuthi kucutshungulwe indlela umthetho obheka umndeni ngayo. ‘Kufanele kube nocwaningo ngeso lase-Afrika ngalolu daba. Ingange umndeni ubukwa kanjani ezweni, emhlabeni nokuthi umthetho ukuthatha kanjani lokhu?’
Amagama: Thandiwe Jumo
Isithombe: Sithunyelwe