Kwesokunxele uNksz Nandipha Makhaye (Oyi-Architect Enkulu, eMnyangweni wokuThuthukiswa koMphakathi eGauteng), uSolwazi Rozena Maart noNksz Londiwe Sokhabase (oyi-Architect eThekwini).I-UKZN Yethule Incwadi Ethi Decoloniality and Decolonial Education: South Africa and the World
Click here for the English version
Ushicilelo olukhethekile lwebhuku locwaningo i-Alteration, incwadi esihloko sithi Decoloniality and Decolonial Education: South Africa and the World, nehlelwe nguSolwazi Rozena Maart, yethulwe e-Ike’s Bookstore eThekwini.
Ukuhlaziya ukucwasa ngokobuzwe, izincazelo zokuqeda ubukoloni, umlando wokwenziwa kwabantu izigqila, ubudlelwano bamakoloni nabantu abangumsinsi wokuzimilela, insila yobukoloni olimini, indlela yokufundisa yamakoloni, imizimba yabantu abaMnyama njengezinto zokucwasa ngokwebala nobukoloni seloku kwaphela ubandlululo, ngezinye zezinto okuxoxwa ngazo kule ncwadi.
‘Izingxoxo ngobukoloni nokususa insila yabo emfundweni yinto ebiseqhulwini emkhakheni weMfundo Ephakeme eNingizimu Afrika eminyakeni engama-20 edlule. Izifundiswa bezidikadikana nemibuzo ngobuhlanga, indawo, idolobha, ulimi, ukuzazi, imibhalo yobuciko, umnotho, imilando yokwenziwa kwabantu izigqila, ubulili, ezocansi, ukulangazelela, ukudla, imilando yomzabalazo nobudlelwano bakho nomzabalazo wamanje wokulwa nobukoloni babokufika eNingizimu Africa selokhu kwaphela ubandlululo,’ kuchaza u-Maart.
Umhleli omkhulu we-Alternation, uSolwazi Johannes Smit, wengeze wathi, ‘Ngenxa yendlela yayo exuba imikhakha, i-Alternation iyibhuku locwaningo olubalulekile ezifundweni zobuCiko naBantu, futhi ihamba phambili ekukhiqizeni ulwazi nasekulethethi uguquko ezindleleni zophenyo nolwazi oselukhona. Empeleni lonke ushicilelo lwethu lushaya emhloleni futhi luletha ushintsho emfundweni – lusetshenziswa yizifundiswa, abafundi nothisha. Siyalwemukela lolu shicilelo oluhlelwe ngobuchule nguSolwazi Maart.’
Lencwadi ihlanganisa abaphepha abhalwe ngabantu abehlukene:
Ephepheni lakhe elisiloko sithi Critical Reflections on UNISA’s Decolonial Summer School, uSolwazi Puleng Segalo uhlaba ikhwelo lokuthi kukhucululwe insila yokukoloni ezifundweni zasemanyuvesi aseNingizimu Afrika. Iphepha likaSolwazi Lewis R. Gordon lithi Some Thoughts on Decolonisation, Decoloniality, Racism and Challenges of Citizenship in Communities of Learning kanti umsebenzi kaSolwazi Sabine Broeck, Decolonality and Enslavism, lwengeza ephepheni likaGordon luqhubeke nokubheka ubugqila.
UThomas Meagher, ephepheni elisihloko sithi The Spirit of Seriousness, ligxile kwi-existential phenomenology kaJean-Paul Sartre noNkk Simone de Beauvoir futhi ikhuluma ngokuthi kungani ukungasinisi amahleza kubalulekile ekukhucululeni ubukoloni. USolwazi Patrick Bond noMnuz Gumani Tshimomola baqala iphepha labo elisihloko sithi From Recolonised to Decolonised South African Economics ngokuveza ukuthi ukushaya indiva uhlelo lwezezimali olunensila yobukoloni lokuthi amabhizinisi azilawule kuqhakanjiswe olubonisa ukususwa kwenhlese yobukoloni ngokuqotho kwezezimali kudingeka ngokushesha manje eNingizimu Africa nakwezinye izindawo.
Iphepha likaMnuz Malick Diagne, elisihloko sithi The Socialism of Frantz Fanon: A Theory for the Rehabilitation of Subjugated Peoples, lihlaziya umlando wohlaka lwemfundiso kaFanon ezibheka ushintsho kubantu abafakwa ubukoloni nemizamo yokuthola inkululeko. USolwazi Oumar Dia uchazela abafundi ngendlela uFanon asebenzisa ngayo incazelo kaHegel ngendlela yokuxhumana phakathi kwezigqila nabanikazi bazo ukwenza uhlaka lwenkululeko.
I-Black Bodies on South African Beaches: “Lus” en “Smaak” jou lekker ding uSolwazi Maart uhlaziya ngobuchule umbhalo kaPenny Sparrow, umuntu wesefazane ongumlungu waseNingizumu Afrika, owathi phakathi wowezi-2015 nowezi-2016, ngezikhathi zemibhikisho ye#FeesMustFall, yena nabanye baqhubeka nokudicilela phansi isithunzi somuntu omnyama ezinkundleni zokuxhumana.
UDkt Jade Gibson, ephepheni elisihloko sithi Decolonising the “Eye” within the “I” – Heterotopias of Self: An Interdisciplinary Exploration of Visual and Material Relationships among and between Space, Body, Memory, Identity and Place’, ubheka izindawo ezingajwayelekile kodwa ezingahlaziywa ngezindlela ezehlukene.
Ephepheni elithi Coloured Consciousness: Reflecting on How Decoloniality Facilitates Belonging, uDkt Danille Arendse, uhlaziya ubuKhaladi ngokwempilo engelula ayiphilayo.
Iphepha lika Dkt Sayan Dey no-Maart, Decolonisation and Food: The Burden of Colonial Gastronomy – Stories from West Bengal, lihlanganisa umsebenzi kaDey obuka ukuthuthwa kokudla ngaphambi kokufika kwamakoloni eBengal nokaSolwazi Maart obuka umthelela wamakoloni ekuthutheni ukudla kusuka eBengal naseJava kuya eDistrict Six, indawo eyayihlala izigqila eKapa. ElikaMnuz Christopher Gevers lona iphepha lisihloko sithi South Africa, International Law and “Decolonisation”.
UMnuz Sieraaj Francis, ephepheni elisihloko sithi White line-managers and Black labour: Ticking the Boxes of Decolonisation in a Teaching and Learning Unit of a “First Class” University in South Africa, uxoxa ngokunqaba kwakhe ukubamba iqhaza ‘endleleni yokufundisa engenabukoloni’ njengokuyalela kwemenenja yakhe enebala eliMhlophe nokwalandela lapho.
Umfundisi wemidwebo yokwakha e-UKZN uMnuz Juan Ignacio Solis-Arias, ephepheni elisihloko sithi Acts and Actors: Decolonising the study of Architecture at a South African University, ukhuluma ngokufika kwakhe endaweni engayejwayele, nala aqaphela khona ukuthi ongoti bemidwebo yokwakha abadabuka eMpumalanga e-Afrika bafika kule nyuvesi bengabahloli beza nomqondo wokwehlisa isithunzi izitshudeni ezimnyama zakuleli zwekazi ezingene emkhakheni wezemidwebo yokwakha – owawubekelwe amakoloni kuphela.
Kwi-Rainbow Schooling Pains: An Auto-Ethnographic account of Model C Schooling in South Africa, uNksz Philile Langa uxoxa ngokufunda kwakhe esikoleni sama-Model-C. USolwazi Sukla Chatterjee noSolwazi Cloris Porto Torquato bagxile emibhalweni yobuciko. Le ncwadi iphinde ibe nemibhalo-mbono kaMnuz Sipho Singiswa noNksz Gillian Schutte, nezinkundla zezingxoxo ezimbili.
Amagama: Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe



