
IKholokhwiyamu Igubha Iminyaka eyi-15 Yenqubomgomo Yolimi E-UKZN
Click here for the English version
Ikolishi lezesiNtu e-UKZN ne-National Institute for The Humanities and Social Sciences (NIHSS) bebehlele ngokubambisana ingqunquthela ngaphansi kwesiqubulo esithi uMgubho weminyaka eyi-15 yokusebenza kwenqubomgomo yolimi eNyuvesi yaKwaZulu-Natal nesimemezelo se-UNESCO seshuminyaka lezilimi zendabuko (2022-2032). Le kholokwhiyamu iqhakambise izilimi zase-Afrika njengenye yezindlela zokuxhumanisa imiphakathi nokuletha intuthuko kwizwekazi i-Afrika.
IDini neNhloko esiKoleni sezobuCiko uSolwazi Nobuhle Hlongwa uthe, ‘Abasebenzi baleli kolishi basebenzisane neHhovisi lokuHlelwa nokuThuthukiswa koLimi eNyuvesi ukusebenzisa le nqubomgomo nokwenza isiZulu ulimi lwezifundiswa.’
Iphini likaSekelashansela waleli Kolishi uSolwazi Nhlanhla Mkhize uphawule wathi, ‘Ulimi nokwakhiwa kolwazi akuyona nje kuphela indlela yokuxhumana, kodwa kuneqhaza elikhulu ekuxazululeni izinkinga.’ Uqhube wathi izilimi emphakathini, ubukoloni, imfundo nobulili kuxhumene kakhulu ukuthi kube wulwazi lwendabuko futhi ‘izilimi zase-Afrika zimqoka ekukhucululeni insila yobukoloni ezifundweni.’
Izinkulumo eziqavile zethulwe yiPhini likaSekelashansela we-Institutional Support eNyuvesi yaseZululand uSolwazi Sipho Sepe noSolwazi Pedro Alvarez-Mosquera, ofundisa ulimi nesayensi yalo eMnyangweni wesiNgisi e-University of Salamanca eSpain.
USeepe ukhulume ngobulungiswa nolimi ukukhuculula ubukoloni, waveza nokuthi ama-Afrika asaqhubeka nokusebenzisa izilimi zamakoloni. Uthe ezinkantolo kukhulunywa ngezilimi abaningi abangazizwa, okwenza ukuthi kungabi nobulungiswa.
‘Kujwayelekile esikoleni ukuthi umeluleki ngocwaningo ongalwazi ulimi lwase-Afrika abe ngumaluleki wesitshudeni esicwaninga ngezilimi zase-Afrika,’ kusho uSeepe. ‘I-UKZN kumele inconywe ngokuba nombono nesibindi sokwenza ulimi lube yingxenye yezinhlelo zokuletha izinguquko kusukela ngowezi-2016. Ukwenza ngaphezu kokugcina ngokukhuluma yisibindi sobuhlakani njengoba okuvame ukuvezwa njengemfundo kungukubukela okwenzeka emadolobheni amakhulu ayelawulwa ngamakoloni.’
Ubalulele ukuthi kubalulekile ukuthi kubuyekezwe ifilosofi ejwayelekile nendlela yokuhlaziya indima yezingcithabuchopho ukuze izifundiswa zase-Afrika zithole amandla okulawula “izindaba” zazo. Uthe ulimi olusezingeni lokuba wulimi lwezifundiswa kufanele lukwazi ukusetshenziswa kuyo yonke imikhakha yemfundo ngobungcweti nangamatemu alo.
U-Alvarez-Mosquera uphonse esivivaneni kwinkulumo-mpikiswano eqhubekayo ngokuthi kungenziwa njani ukubeka phambili ukusetshenziswa kwezilimi zase-Afrika ezikhungweni zeMfundo ePhakeme eNingizimu Afrika ngokusebensisa i-Erasmus + Capacity Building Project BAQONDE.
I-BAQONDE wuhlelo lwe-European Union (i-EU) lokubambisana neziKhungo zeMfundo ePhakeme eNingizimu Afrika. U-Alvarez-Mosquera uthe lolu hlelo ‘luhlanganisa umsebenzi owenziwa ezweni nakwamanye amazwe ngokubambisana obheka izindlela ezintsha zokufundisa izilimi eziningi, ukwakhiwa kwezinsiza zokufundisa nokufundisa izilimi eziningi, nokugqugquzela ukuxhumana kwezikhungo ukuze kuqinisekiswe ukuthi imfundo ephakeme ifinyelela kuwo wonke umuntu.’
Ezinye izifundiswa zase-UKZN ezethule amaphepha azo kule kholokhwiyamu ngo:UMqondisi oyiBamba eHhovisi lokuHlelwa nokuThuthukiswa koLimi e-UKZN uMnu Khumbulani Mngadi wethule ngoHlelo lweNqubomgomo Yolimi lweNyuvesi- Language Policy Plan Now and Beyond Review. Le nqubomgomo entsha yolimi kusukela ngonkaya wezi-2019 kuya kowezi-2029 ithinta ukwenza isiZulu ulimi lwezifundiswa ngokuphelele, ukuhlelwa kwemibhalo namazinga kanti iBhodi yoLimi eNyuvesi iqale ukubuyibuyekeza ngoNhlaba wowezi-2021. UMngadi uveze ukuthi ‘Ukuhlelwa kokutholakala kwezinsiza kuyekelwe ezandleni zamaKolishi. Lokhu kuphakamisa isiZulu njengolimi nokwenza ucwaningo nokusungula izinto ezintsha ngamandla amasha.’
• UDkt Malusi Mkhize noSolwazi David Lockhat
– Ukwenza iZilimi Zase-Afrika Izilimi zezifundiswa Kwezobunjiniyela: Isimo samanje nendlela yokwenza
• UDkt Elke Steinmeyer
Ucwaningo ngokusetshenziswa kwesiZulu ukufundisa uhlelo lolimi lwesi-Latin
• UDkt Tholani Hlongwa noDtk Sanele Nsele
Isihloko: Inqubomgomo yolimi yaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali njengesisekelo sokuthuthukisa ucwaningo ngesiZulu ulimi lwezifundiswa: Ukuninga ngesidlule kukho.
• UDkt Phindile Dlamini noDkt Andrew-John Bethke
Ukuvala igebe lamagama phakathi kwamagama asetshenziswa esiNgisini nasesiZulwini kwezoMculo: Umkhankaso Wokubambisana Ukuhumusha Isingeniso Sesisekelo Kwezomculo.
• UDkt Phindile Dlamini noMnuz Edwell Dzomba
Isimo Senqubomgomo Ukufundisa nokuFunda isiSwahili eNyuvesi yaKwaZulu-Natal: Indlela Yokuphatha Ulimi
• UDkt Monique Whitaker
Ukusebenzisa ama-tutor olimi ukuthuthukisa ukufunda nokufundisa Esikhungweni
• Professor Nogwaja Zulu – Solwazi Nogwaja Zulu
Ukuphathwa kokusetshenziswa kolimi nguhulumeni waseNingizimu Afrika ukudlulisa imiyalezo yezempilo ngeCovid-19.
• UNks Samukelisiwe Madondo noDkt Desire Manicom
The Implementation of Tertiary Education Language Policy: A Case Study of the Language Policy of the University of KwaZulu-Natal (Pietermaritzburg campus) – Ukusetshenziswa Kwengqubomgobo Yolimi Ezikhungweni Zemfundo Ephakeme: Ucwaningo Lwenqubo; mgomo yoLimi eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (uphiko oluseMgungundlovu)
Amagama: Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe