Abathole umfundaze i-J&J WiSTEM2D babe nohambo lokungcebeleka nokucijwa ngobuholiAbathole Umfundaze Ohambweni Lokungcebeleka Nokuqeqeshwa Ngobuholi
Click here for the English version
Abafundi abayi-14 abathole umfundaze i-Johnson & Johnson Women in Science, Technology, Engineering, Mathematics, Manufacturing and Design (WiSTEM2D) bebehlelelwe ingosi yokucijwa amakhono eScottburgh, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.
Lolu hambo luhlelwe futhi luholwa ngo-Dkt Bridget Horner noSolwazi Yanga Zembe-Zondi beSikole Sezifundokuhlelwa Komumo Wezakhiwo kanye NentuthukoSchool. UNkk Khethiwe Makhethi ofundisa ngokuzethemba usize abafundi ngezindlela zokukhulisa ukuzethemba nesizathu sokuthi umuntu uphilelani, nokwenza lesi sizathu sihambisane nethuba lokusiza abanye abantu bese uthola imali.
UDkt Miranda Young-Jahangeer, Nks Princess Sibanda noNksz Stephanie Jenkins bezifundo ze-Drama and Performance Studies e-UKZN bahlaziye ngobunyoninco okungenziwa ngabantu besifazane emkhakheni wesayensi nomthwalo wabo sebebonke wokucathulisa abanye besifazane nomphakathi usuwonkana. Isiqubulo esithi ‘umuntu ngumuntu ngabantu’ sibe yisikhumbuzo sobudlelwano babo nabanye.
Lolu hambo lube yithuba lokuthi kusungulwe uhlelo lwabafundi lokubonisana bebodwa.
I-UKZN ingene ohlelweni lwe-J&J ngonyaka odlule ngenhloso yokwandisa abafundi besifazane asebephothule iziqu emikhakheni yeSTEM2D ngokwazisa abantu nge-WiSTEM2D e-UKZN nasezikoleni eziphakela lenyuvesi. Lolu hlelo lwaqalwa yiSikole sezeMfundo, sisebensisana nohlelo lwezemidwebo yezakhiwo eSikoleni Sezifundo Zezokwakha neZentuthuko, iSikole Sezibalo neZibalomidanti, neSARChI Chair esiKoleni sezobuNjiniyela.
Umfundi wezemfundo uNksz Taryn Valerie uthe, ‘Le nkundla yokuundisana isikhombisile ukuthi singabesifazane sinento efanayo; emlandweni besilokhu sikhishwa inyumbazane kule mikhakha. Ingisizile ukuthi ngivuse umuntu engifisa ukubukela kuye ngaphakathi kimi, ozovuselela mina nabanye. Njengabesifazane, sivame ukubukela kosaziwayo nabantu esibukela kubona esingeke sikwazi ukuzifanisa nabo ekubeni sinabantu emiphakathini yethu abangasigqugquzela.’
Umfundi wezemidwebo yezokwakha uNksz Aphiwe Tshazi uchaze lo mcimbi njengovuselelayo, onika ulwazi nofundisayo. ‘Ngithole ulwazi ngokuthi kusho ukuthini ukuba ngowesifazane emikhakheni we-STEM futhi ngithole nokwazi ngamathuba abesifazane kule mikhakha.’
Weluleke abesifazane ezifundweni zeSTEM ukuthi ‘kukho konke okuhle nokubi abazobhekana nabo ezifundweni zabo, bakhumbule ukuthi bakulo mkhakha ngenxa yenkolelo yabo kwisayensi nokufaneleka kwabo ukunikwa leli thuba.’
Amagama: Melissa Mungroo
Isithombe: Bridget Horner



