
LABRATS Akhanyise Okwenkanyezi Yokusa kuma-Inter-Varsity Brewing Competition
Click here for the English version
Ama-hops, i-barley kanye namanzi yikho konke umuntu angacabanga ukuthi akuthathe ukuze akhiqize ubhiya ofanele, akunjalo? Cha, lutho ke...
AMA-LABRATS ase-UKZN asanda kuthamela uMqhudelwano waminyaka yonke we-South African Breweries (SAB) Brewing and Tasting (ophakathi kwamaNyuvesi) obubanjelwe eNyuvesi yase-Free-State eBloemfontein, bathola ukuthi kuningi okwengezwayo ohlelweni lokwenza nokuvubela ubhiya owehla esiphundu.
Kwakungezona izikibha ezibomvu ezinophawu lwase-UKZN ezenza ama-LABRATS abonakale kuzo zonke izingxenye zendlu abebekuyo, kodwa ukubekezela kwabo, ubungcweti bokwenza ubhiya kanye nokuzimisela kwabo kwakukhanya bha. Leli iqembu eliphume phambili esigabeni se-African Wild Ale!
Lesi bekuyisitolimende se-15 salo mncintiswano lapho abafundi basemaNyuvesi ahlukene ababuya ezweni lonke bephinde bahlangana khona isiqu ngesiqu okokuqala ngqa eminyakeni emibili. Lo mcimbi wezinsuku ezimbili uchithwe kwakhiwa ubudlelwano obusha kanye nokuqhudelana ngokuba uMphisi kabhiya ovelele kumakhathegori ahlukene.
Osemnkantshubomvu kweze-innovative brewing ophinde abe yi-Senior Trade Brewer, uMnu Ben Lamaletie uyena ohlele i-SAB Intervarsity Beer Brewing Challenge yokuqala ngqa. I-SAB yaxhasa inkampani yokuqala yokuphisa utshwala eseNyuvesi yaKwaZulu Natali ekhempasini yaseMgungundlovu ngowezi-2003, konke lokhu kungenxa yemizamo yakhe.
Lo mcimbi ushiya umaka impela njengoba upha abafundi ithuba lokuvela kuma-corporate conglomerates kanye nabaholi emkhakheni wokwenza ubhiya. Kulula kakhulu ukuthola ukubonwa ngabaqashi, ukuthola uxhaso namathuba ebhizinisi angaba khona ngalolu hlobo lokuxhumana nokuvela ezindaweni zekhethelo.
‘Ukuba yingxenye yalo mncintiswano kungisize ngokuthi ngikwazi ukuqonda ubuhle kanye nokujula komkhakha wokuphisa,’ kusho i-Fermentation Monitor, uMnu Solomzi Ndlovu. ‘Kungisizile ukuvuselela uthando lwami lokukhiqiza utshwala njengoba bengixhumana nabaphathi benkampani ekhiqiza utshwala yakwaSAB, kwa-Heineken kanye nabanikazi bezinkampani ezikhiqiza utshwala ezisencane nezisafufusa. Ngiphinde ngakwazi ukuthuthukisa nekhono lami lokunambitha kahle futhi ngiphinde ngikwazi ukwahlukanisa izinhlobo ezahlukene zephunga lapho nginambitha ubhiya.’
Uhlelo lokwenza iziphuzo ze-malt nayo ibizwa ngokuphisa. Iziphuzo ze-malt ezihamba phambili ezenziwe ukuphisa zifana nobhiya, ama-ales kanye nama-lagers. Kuyindlela yokubilisa eyinkimbinkimbi ehlukile uma kuvutshelwa ezimbonini ngoba ukunambitheka komkhiqizo wokugcina kuhlukile, iphunga lawo, ukucaca, umbala, ukukhiqizwa kwegwebu, ukuzinza kwegwebu kanye nenani likatshwala eliqukethwe konke kuyizinkomba ezihlabahlosile. I-malting, i-kilning, i-mailing, i-mashing, ukubiliswa kwe-wort, ukufaka ama-hops, ukuvubela, ukuqeda, ukugquma utshwala, ukuvuthwa kanye ne-carbonation zonke lezinto ezibaliwe ziyindlela elandelwayo izinyathelo zenqubo yokwenza ubhiya.
Kubantu abaningi, inqubo yokwenza ubhiya ingaba yinto engavamile njengolimi lwangaphandle, kodwa uma ochwepheshe bezobhiya bezandla befuna ukwazisa kahle isiphuzo esihle esiphambi kwabo, ukufunda izinto eziyisisekelo zokuphuza kungaba usizo - futhi yilokho okushiwo yi-LABRATS. wenze kulo nyaka.
Amagama: ngu-Cindy Chamane
Isithombe: Sithunyelwe