
Baqwale i-Mount Everest Benzela Iziguli ze-COVID Edla Lubi
Click here for English version
USolwazi Umesh Lallo, owayeyidini yaseNelson R Mandela School of Medicine nosebenza e-UKZN, umkakhe ongudokotela wezingane, uSolwazi Raziya Bobat, indodakazi yabo uDkt Natasha Lalloo nabangani baqwale intaba yeMount Everest, ese-Mahalangur Himal, e-Himalayas, ukufundisa iziguli nabasebenzi bezempilo nge-COVID eyisimbelambela, i-Long COVID (i-LC).
Kumanje, enye yamadodakazi ka-Lalloo, uNks Seema Lalloo, ilulama ku-COVID eyisimbelambela. U-Bobat uthe: ‘Lolu hambo ngoluka-Seema nabo bonke abahlushwa yi-COVID eyisimbelambela. Yazini ukuthi aninodwa. Sifisa ukufundisa ngalesi sifo nokuqhakambisa ukusweleka kwezinsiza nokushoda kozwelo kwabaphethwe yi-COVID eyisimbelambela.’
UNatasha Lalloo uthe: ‘Lesi sicongo siyezwela kithina sonke, njengoba siphelelwa wumoya nenhliziyo ithi ukushaya ngamandla ngokuya sizikhandla kancane. Abantu abaningi abaneCOVID kuyabenza lokhu lapho bekhona, ngisho nalabo abangaqwala intaba kalula. Ukwelapha lokhu kuya ngesiguli ngasinye (futhi kuya ngembangela) nakuba ukululama kuthatha isikhathi, kepha kuyenzeka kwabaningi. Ngeshwa, ababaningi abasebenzi bezempilo abazi ukuthi ilashwa kanjani nokuthi iziguli kufanele bazeluleke kanjani kanti odokotela, abaqashi nabantu bomshuwalense abaningi abanazwelo ezigulini ezihaqwe yi-COVID eyisimbelambela futhi bayehluleka wukubona ukuthi ijulile futhi ithatha isikhathi eside.
‘Kubantu abane-COVID eyisimbelambela sithi nje siyanikholwa, siyakubona ukugula kwenu nezinselelo enibhekene nazo kanti sinikhuthaza ukuthi nithole usizo. Bakhona abasebenzi bezempilo abanganisiza ngempela. Okumqoka kakhulu, yazini ukuthi aninodwa.’
Leli thimba liphumelele ukuqwala intaba ye-Mt Everest ngemuva kwezinsuku ezinzima eziyisishiyagalombili. U-Bobat uthe: ‘Bezinzima lezi zinsuku kodwa indawo ibiyinhle. Usuku ngalunye belunezinselelo zalo kodwa sibe nenhlanhla ngokuba nethimba elihle, sagcina sikwazile ukufinyelela esicongweni. Yinhle ngempela le ndawo, iqhwa ezintabeni, amachibi nezicongo zezintaba.
‘Wonke umuntu ethimbeni ubenomkhuhlane, okwenza ukuthi ukuphefumula kube nzima ezindaweni eziphezulu. E-Gorakshep, isitobhi sokugcina ngaphambi kokufinyelela enkambini esicongweni esiyizi-5 200m, bekunzima ukuphefumula kanti sonke kusikhumbuze labo abane-COVID eyisimbelambela abanenkinga yokuphefumula. Ukuba yimvithi, inzululwane nokukhandleka… zonke lezi zinto sizizwile ngenkathi sifika ezi-5 000m.
‘I-COVID eyisimbelambela izibonakalisa ngezindlela ezihlukene nangamazinga ahlukene kodwa lezi ngezinye ezimbalwa ezivamile. Abantu akade besihola basitshele ngesiNepalese ukuthi ‘bistari bistari’, okusho ukuthi kancane, kancane. Ngicabanga ukuthi sonke sikwazile ukubona nokuzizwela ukuthi i-COVID eyisimbelambela injani emzimbeni nasengqondweni.
‘Besingeke siphumelele ngaphandle kokubambisana nobungani. Abantu abaphethwe yi-COVID eyisimbelambela bagcina bephumelele ngenxa yokubambisana. Kudinga ukuqina okukhulu ngokomqondo nokwesekwa wumndeni, abangani, abaqashi nabalingani.’
Amagama: ngu-MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe