
Kuthathwa EzeMfundo ziSiwe eNtsheni eziNdaweni zazemaKhaya
Click here for English version
Abafundi base-UKZN abenza iziqu ezilandela ezokuqala eKolishi lezeSayensi yezeMpilo, nabangamadlelandawonye esikhungweni esicwaninga ngezinhlelo zengculazi eNingizimu Afrika, i-Centre for the AIDS Programme of Research in South Africa (CAPRISA) bavakashele izikole iSibanesihle High kanye neNgcedomhlophe High eMafakatini kuMasipala waseMgungundlovu beyoqhuba uhlelo lokubuyisela emphakathini.
Abafundi abebeyingxenye yalolu hlelo uNksz Noluthando Mazibuko-Motau, Nksz Nomusa Zondo, Nksz Thando Maseko, Nksz Senamile Ngema, Nksz Silindile Ngubane, Nksz Bongeka Mabaso, Nksz Nonsikelelo Ndlela, Mnu Sibongiseni Masondo, noMnu Lungelo Ntuli.
Inhloso yalolu hlelo bekungukwazisa kanye nokuqwashisa abafundi ngegciwane lesandulela ngculaza (i-HIV), isifo sofuba (i-TB), izifo ezithathelana ngokocansi (ama-STIs), ubungozi bokusheshe uzibandakanye ngokocansi, kanye nokukhulelwa kwentsha.
Izikhulumi ebezikulo mcimbi bezithakasile ngemiphumela:
UMazibuko-Motau uthe: ‘Uhlelo lwethu lube yimpumelelo enkulu luhanjelwe ngabafundi abangama-600 baseNgcedomhlophe High kanye nabangama-200 baseSibanesihle High. Inkulumo yami igxile ekukhulelweni kwentsha, lapho ngiqhakambise ukubaluleka kokuzithiba ocansini kanye nemiphumela yokuba ngumama usemncane. Ngibuye ngakhuluma nabafundi ngocwaningo olwenziwe ngabafundi abenza iziqu zabo ezilandela ezokuqala e-CAPRISA.
UZondo uthe: ‘Inkulumo yami yazise abafundi ngocwaningo lwe-UKZN/CAPRISA olukhuluma ngokuqonda ukuthi izimo zomzimba zinamuphi umthelela wokusebenza kahle kwemishanguzo evikela isandulela ngculazi, i-pre-exposure prophylaxis (i-PrEP) kwabesifazae base-Afrika. Sinethemba lokuqhubeka nalolu hlelo lokubuyisela emphakathini, njengoba kubalulekile ukwabelana ngemiphumela yocwaningo kanye nokuqhubeka kufundiswe imiphakathi ngentuthuko yezesayensi ezifweni eziyithinta ngqo.
UNtuli ukhulume nabafundi ngesifo esithathelana ngokocansi esijwayeleke emantombazaneni asemancane, iHuman Papillomavirus(HPV) kanye nokuthi ivikelwa kanjani kubafana nakumantombazane asemancane.
UMaseko uthe, ‘Ukuhlangana weTB neHIV Kanye nomthelela wakho ongemuhle emazweni ase-Sub-Sahara Afrika kuveza izingqinamba ezibonakalayo kwezempilo zomphakathi. Inkulumo yami beyihlose ukwazisa abafundi nge-TB, ukuzivikela komzimba ezifweni eziyimixhantela yeTB/HIV kanye nokubaluleka kokubambelela ekwelashweni.’
UNgema uthe: ‘Njengomuntu onentshisekelo nge-TB, i-TB engasalawuleki ngemishanguzo kanye nokwelashwa. Inkulumo yami igxile ekusabalaliseni ulwazi ngalesi sifo kanye nezinyathelo ezibalulekile umuntu okumele zilandelwe uma kuvela izimpawu noma umuntu esondelane nomuntu one-TB, kanye nokubaluleka kokuqeda imishanguzo ye-TB. Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi umphakathi wososayensi behambela imiphakathi eyahlukene ukwabelana ngolwazi abanalo futhi abalutholile ukuze isizukulwane esilandelayo sizoba nokuqonda okungcono ngezinto ezithitha ezempilo kubalwa i-HIV kanye ne-TB.’
UMasondo utshele amantombazane asemancane ngokuziphatha okuholela engculazeni kanye nobungozi bemikhiqizo esetshenziswa esithweni sangasese engaholela ekuvuvukaleni nasekuncinzeni kwaso. ‘Amantombazane kumele abazi ubungozi bokugeza isitho sangasese ngaphakathi kanye nemikhiqizo esetshenziswa esithweni sangasese ngenxa yobungozi enabo kwezempilo zaso isitho sangasese.’
UNdlela ukhulume ngolwazi ngezinto ezijwayelekile eziyimbangela kanye nezimpawu zesitho sangasese esinamagciwane amaningi, i-bacterial vaginosis (i-BV). ‘Ngiyakholwa wuthi ukuqwashisa nge-BV kubalulekile, uma ubheka ukuthi kwandisa ubungozi bokuthi abesifazane abasebancane bathole i-HIV.’
Abafundi bebephelezelwe wuMnuz Patrick Mdletshe, inhloko yezinhlelo zomphakathi e-CAPRISA. ‘I-CAPRISA isazibophezele ekulweni neHIV/AIDS, i-TB kanye nama-STIs emiphakathini kanti ifuna ukunika amandla abesifazane abasebancane ukuthi bakwazi ukuzivikela ekuthelelekeni nge-HIV. Uhlelo obelubanjelwe esikoleni, luholwa ngababambisene e-CAPRISA, beluqinile, luyingxoxo enobungani ngezindaba ezibalulekile kanye nokukhuthaza abafundi ukuthi basebenze kanzima esikoleni.’ Kusho uMdletshe.
‘Inqubekelaphambili ekuthitshweni kwe-HIV ingaba khona kuphela uma kunezinhlelo zezingxoxo ezifuze lolu ukubhekelela ulwazi lwabafundi ukuze bakwazi ukuthatha izinqumo ezinolwazi,’ kusho uThishomkhulu waseSibanesihle, uMnuz A Ngobese.
Amagama: ngu-Noluthando Mazibuko-Motau noThando Maseko
Isithombe: Lwazikazi Sibisi