
Isifundiswa seZemfundo Sithole Umklomelo Ohlonishwayo KwezoCwaningo
Click here for English version
USolwazi Michael Samuel weSikole seZemfundo uhlonishwe ngomklomelo wezocwaningo enhlanganweni yabacwaningi bezemfundo eNingizimu Afrika, i-South African Education Research Association (SAERA).
Lo mklomelo unikwa umuntu owenze umnikelo ogqamile, owehlukile kucwaningo lwezemfundo.
USamuel uthe: ‘Lo mklomelo ngiwethula kubo bonke ebesihamba nabo indlela yomsebenzi wokulekelela ezemfundo: ngamunye ningilekelele ukubumba imicabango yami, amaphuzu okweluleka ocwaningo lwami kanye nokumelana nocwaningo lwezemfundo oluyisiko. Ngibe nenhlanhla yokuzungezwa ngabalingani bami emsebenzini, abasebenzi kanye nabafundi abangisize ukuthikameza ukugculiseka kwethu ngezindlela eziyisiko esifundisa ngazo ezibona kubaluleke kuphela imigomo yoguquko ekha phezulu. Ukujabula kwami kusekwesekeni abafundi abasebancane ukuthi baqhakaze babe yizifundiswa ezizethembayo.’
Lo mklomelo ‘uqinisekise umkhankaso wami woguquko olujulile olungagcini nje kuphela ukuhlelwa komsebenzi wobuzwe bentando yeningi, kodwa obuza imibuzo ngokuthi sizibeka kuphi ukuthuthukisa ezemfundo eningizimu ngokuba ngengxoxo nabalingani bethu bakwamanye amazwe omhlaba.
‘Ubaba wami ozoba neminyaka engama-90 kungekudala ugqugquzele intshisekelo yezemfundo kusukela ngisemncane ekhaya lethu kanye nasemndenini,’ kusho uSamuel. ‘Ukuzigqaja kwakhe kutshalwe ekukhumbuleni kwethu iminyakanyaka yomzabalo wezemfundo womndeni, lo mklomelo owuqinisayo. Ngiyethemba abanye abafundi bazogqugquzeleka ukuphokophela ukuphonsa esivivaneni ezingeni eliphezulu lomfundaze owehlukile.’
USamuel esebenze njengomsunguli wohlelo lwezifundo lwezinhlelo ezenziwa ngokubambisana ze-innovative master’s kanye ne-Collaborative Doctoral Cohort kuleli kanye nasemazweni omhlaba.
Wasungula ithuluzi lokucwaninga elibizwa nge-The Research Wheel ukulekela ukuthuthukisa ukuqashwa ngokubambisana ezemfundo ezilandela iziqu zokuqala. Uke waba yilungu lekomidi likaNgqongqoshe wezokuqeqeshwa koThisha elekelala ukusungula umgomo wozemfundo zothisha kazwelonke. Ubuye waba yinhloko yophiko lwezeMfundo e-UKZN. Intshisekelo yocwaningo lwakhe igxile ekuthuthukisweni komkhakha wezobuthisha, ezeMfundo ePhakeme, ezomlando wezempilo kanye nezinto abantu asebedlule kuzo empilweni.
Incwadi yeakhe: Changing Patterns of Teacher Education: Policy, Practice and Prospects, iqopha isimo sezemfundo zothisha kazwelonke ngesikhathi sentando yabantu entsha.
Enye yezincwadi zakhe, i-Life History Research: Epistemology, Methodology and Representation igqugquzele ucwaningo olumbalwa ngokuthuthukiswa komkhakha wezemfundo kanye nesayensi yezempilo.
Enye incwadi: iContinuity, Complexity and Change: Teacher Education in Mauritius, ihlola izinselelo kanye namanye amathuba abhekene nesiqhingi esincane ukubonisana ngobukhona baso kwingxoxo yomhlaba kanye namazwe omhlaba ukuqhathanisa ezeMfundo ePhakeme kanye nokuqeqeshwa kothisha.
Incwadi yakhe yangowezi-2016, i-Disrupting Higher Education Curriculum: Undoing Cognitive Damage, ihlola izindlela zokuqondisa kabusha ukusungulwa kohlelo lwezifundo kwezeMfundo ePhakeme.
Uke wahlonishwa ngomklomelo i-Turquoise Harmony Institute’s National Ubuntu Award ngegalelo lakhe kwezemfundo.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe