
I-UKZN Isingathe Ingqungquthela Ebheka Uhlelo LukaHulumeni Lokuthuthukisa Izwe
Click here for English version
UMnyango woKwakhiwa kweNgqalasizinda kanye Nezifundo zokuThuthukisa ngokubambisana noMnyango wemiSebenzi yoMphakathi nokuPhatha basingathe ingqungquthela ebibheka uhlelo lukaHulumeni lokuthuthukisa izwe esakhiweni i-UNITE eseHoward College.
Isiqubulo sale ngqungquthela besithi: Sibheka ikhono loMbuso kanye nokuSebenza kukaHulumeni eMinyakeni eyiShumi yoKuqala yoHlelo lokuThuthukiswa kweZwe.
INDP yakhelwa ukuqinisa intando yabantu ngokwenza isiqiniseko sokuthi iNingizimu Afrika inohulumeni osebenzayo kanye noMbuso okwazi ukwenza izinto ngendlela efanele.
Ivula ingqunguthela inhloko yeSikole uSolwazi Ernest Khalema, uthe: ‘Indikimba yengqunguthela isibiza ukuthi sicabange ngokujulile futhi senze okuthile ukuze ukuletha isithunzi empilweni yabantu bethu. Njengesikhungo semfundo ephakeme siyayibona inkinga yokungakwazi ukuzisiza kanye nokulahlekelwa ithemba ezikhungweni zethu kanti sesiqale izinhlelo zokuthi singenelele ukuze osekufundwe abafundi kanye nabasazokufunda kube wusizo esimeni samanje somnotho kanye nokulingana, ibhekwa nomthelela wobukoloni kanye nohlelo lokuguquko oluhambisana nomzalabazo wenkululeko yethu.’
UKhalema ugqamise ukusungulwa kobudlelwane bamasu ehlukene neminyango kahulumeni ukuze kubhekwane futhi kwesekwe abafundi nabasebenzi ngokusungula ukusebenzisana okweseka abafundi, ukuqeqeshwa okusezingeni eliphezulu kanye nokwabelana ngolwazi.
‘Isahluko sabafundi kwezokwakhiwa kwengqalasizinda sasungulwa uMnyango wezeMisebenzi neNgqalasizinda, kanti sinethemba lokuthi ngalolu hlelo sizokwazi ukweseka ngokuphelele futhi sikhulise ukufunda kwabafundi bethu.’
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe: ‘Ukubambisana kwethu akugcini nje ngokuqinisekisa ukuthi uhlelo lwezifundo oluhlinzekwa emanyuvesi luphendula emnothweni kanye nakumakhono adingwa isifundazwe saKwaZulu-Natali, kodwa ukusebenzisana kweNyuvesi nesikole sikahulumeni iNational iSchool of Government (NSG) ekuqeqesheni ngamakhono, ukufundisa amakhono amasha kanye kuthuthukisa amakhono abasebenzi bakahulumeni.’
UDube-Ncube ubalule ukuthi kukhona ukushoda kwamakhono kwako konke kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni, kuholela ekutheni imigomo ingalandeleki ngendlela eyiyo.
‘Ukuze sikwazi ukuhola izwe elikwaziyo ukudlala indima yokuthuthukisa neletha uguquko, izisebenzi zikahulumeni kumele zigxile kakhulu ohlelweni lwezentuthuko futhi ziziqhelelanise nokugxambukela kwezombusazwe okungenasdingo. Lezi zinto kumele zisebenzisane ukuze kuzuzwe izinjongo ze-NDP, kanye noguquko lwezwe lethu kuwo wonke amazinga,’ kusho yena.
Ekhuluma ngezinselelo ezikhona eKZN, uDube-Ncube, uthe zonke izikhulu zomasipala zihloliwe ngokwamakhono futhi kwavela ukuthi kunesidingo soqeqesho kwizimenenja ezisesigabeni esiphezulu, phakathi kwamakhono ezidinga ukuthi ziqeqeshelwe wona kubalwa, ukuphathwa kwezimali, amasu angasebenza kanye nobuholi, ukulawulwa kobungozi, ukushintsha ubuholi, ukuthuthukiswa kwenqubomgomo, kanye nokuqapha nokuhlola.
IPhini likaNgqongqoshe woMnyango wezabaSebenzi nokuPhatha uDkt Chana Pilane-Majake, ukhulume kabanzi ngokuthi ngokwenza uphiko lomsebenzi womphakathi usebenze ngobungcweti kusetshenziswa imibono emisha, amasu kanye nokuqaliswa kokwakhiwa kombuso osebenza ngendlela efanele uma kubhekwa ukuhanjiswa kwezidingo. ‘Sidinga ukwakha ubudlelwano obuqondaniswe nendikimba yethu yokwakha ukubambisana okuzoqhamuka nezisombululo ezintsha zombuso ozothuthuka ngendlela efanele,’ kusho yena.
UMvikeli woMphakathi obambile uNksz Kholeka Gcaleka, uthe umthetho woMvikeli woMphakathi uyachitshiyelwa ukuqinisekisa ukuthi izinyathelo zehhovisi zokulungisa okubi ziyenziwa.
Imenenja yeSikole uNksz Nonhlanhla Dlamini wengeze ngokuthi: ‘Ingqungquthela ibingebaluleke kakhulu umakubheka ubungcweti emkhakheni kahulumeni ongena ngaphansi kwezinhlaka zomphakathi. Bekukuhle ukubona kwaziswa abasebenzi abasebenze ngobuqotho nangokuzimisela kuhulumeni. Ngithanda ukubonga abagqugquzeli, ikakhulukazi uDkt Isaac Khambule, ofundisa e-UKZN, ithimba lezokuthutha elivela emnyangweni wemiSebenzi yoMphakathi nokuPhatha nase-UKZN, kanye nazo zonke ezinye izethameli ebezihambele le ngqungquthela kanye nokwenza iminikelo.’
‘Le ngqungquthela ibihlanganise izinhlaka ezehlukene kuhulumeni ezisebenza ophikweni olwenza iziqiniseko sokuthi umsebenzi kahulumeni wenziwa ngendlela, kubalwa izifundiswa, abacwaningi, abasebenzi bakahulumeni kanye nabaholi bakahulumeni.
Konke obekwenzeka kule ngqungquthela kungabukwa kuYouTube ngezansi:
Usuku lokuqala: https://www.youtube.com/watch?v=zIKwH_ZNxuE&t=19654s
Usuku lwesibili: https://www.youtube.com/watch?v=FEMuvVCxyxY
Usuku lwesithathu: https://www.youtube.com/watch?v=ZBIkSzypp-s
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: Albert Hirasen