
OwayenguMfundi wase-UKZN Unikele Ngomfaniswano Wesikole Ezikoleni Ezisendaweni yaKwaMashu
Click here for English version
OwayenguMfundi wase-UKZN, uMnu Scelo Manyoni unikele ngomfaniswano wesikole ezikoleni zamazinga aphansi ezintathu okubalwa kuzo iNkulisabantu Primary School, Maqadini Primary School, kanye nesikole ayefunda kuso i-Isibonelo High School - zonke ezisendaweni yaKwaMashu.
‘Ngiqale inkampani yami ebizwa nge-STAVI Enterprises ngenhloso yokuthi ngikwazi ukulekelela umphakathi wangakithi, kodwa njalo bengihluleka ukuthola indlela yokufeza konke lokhu. Kube sekuvela ithuba mahlayeni - umngani wami osenguThisha kwesinye salezi zikole waphosta ngomfundi owayehlukunyezwa abanye abanfundi ngoba enganazo izicathulo. Sabe sesithola ithuba lokungenelela khona lapho, sacela ukumsiza,’ kusho uManyoni.
Uyakholwelwa kakhulu kubuntu kanti futhi ukubona njengesibusiso ukuthi abenamandla okukwazi ukulekelela abantu kanye nemiphakathi ehlwempu.
Abafundi, abebehambisana kanye nabazali babo, bebelande umfaniswano wesikole ophelele, badlulise ukubonga okukhulu kuManyoni kanye nethimba lakhe ngokuthi babe yisibonelo esihle ezinganeni zabo.
Abanye bezikhulumi abebeyizihambeli kubalwa kubo uMnu Mdu Nyathikazi obuya kwa- South African Social Security Agency (SASSA) nokhulume namalungana omsebenzi wale-ejensi wokunikezela ngezibonelelo ezahlukahlukene, ikakhulukazi isibonelelo esibizwa nge-Top-up, nokuyisibonelelo esisha esihlomulisa abantwana kwi-Child Support Grant. UNksz Raylene Math obuya eMnyangweni wezeNhlalakahle nowaphinde wacobelela abazali kanye nezingane mayelana nawo wonke amasevisi enziwa uMnyango wabo.
‘Ngokunikela le mifaniswano, sinethemba lokuthi kuzonciphisa umthwalo kubazali ngonyaka ozayo. I-STAVI Enterprises izoqhubeka yelekelele imiphakathi eswele lapho idinga khona,’ kuphawula uManyoni.
UThisha wase-Isibonelo High School, uNksz Bongiwe Mwale uthe lokhu okwenzelwe izingane ezihlwempu esikolweni sakhe kuyingqophamlando. ‘UScelo kanye nethimba lakhe bakha isizwe, kwazise laba abaholi bakusasa bezwe lethu. Sithi nje isandla sendlula ikhanda kulokhu abakwenzile,’ usho kanje.
Ongumzali, uNksz Thato Dube wengeze wathi: 'Leli bhungu elenze lezi zimanga lihlala nathi la emphakathini, siyambonga kakhulu ngokuthi engawukhohlwa umphakathi abuya kuwo.'
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: Zithunyelwe