
Isidlo Sasemini SaseNingizimu NaseNyakatho Salabo Abengabafundi base-UKZN
Click here for English version
Uchungechunge lwesidlo sasemini salabo abengabafundi base-UKZN, ama-"Get-Togethers”, olube yimpumelelo futhi lwaba undabuzekwayo, lwaqala endaweni yaseThekwini lwaya lwaze lwafinyelela kuvuthwandaba ngemicimbi emibili ebe yimpumelelo ezifundeni ezisogwini lwaKwaZulu-Natali e-Pennington nase-Ballito ngenyanga kaMfumfu.
Ukusingathwa kwalabo abengabafundi abayi-12 kuya kwabayi-14 ngesikhathi kunesidlo sasemini ezindaweni zokuncebeleka ezisezingeni zaqala ngenyanga kaNhlaba njengoba sekunemicimbi eyishumi nane kulo nyaka. Izidlo zasemini ezifana nalezi zizobanjelwa e-KwaZulu-Natal Midlands nakwezinye izifunda eNingizimu Afrika ngonyaka ozayo.
Isakhiwo salokhu kuhlangana siqukethe isidlo sasemini, ithuba lokuxhumana nabanye abafunda e-UKZN/nokwenza abangani kanye namalungu ethimba le-UKZN Alumni Relations, kanye nokwaziswa ngentuthuko yakamuva yaseNyuvesi.
Izidlo ezimbili zakamuva bezisezindaweni ezimbili, okubalwa kuzo i-Pennington oGwini oluseNingizimu ne-KZN kanye naseBallito oGwini oluseNyakatho, ziheha abafundi abafunda izifundo ezahlukene, ezifundeni ezahlukene kanti neminyaka yabo yehlukahlukene. Umcimbi wase-Pennington ubugxile kakhulu kulabo ababethweswe iziqu eNyuvesi kanye nalabo abayithandayo i-UKZN abahlala kule ndawo. Ukubambisana okuhle phakathi kwleli qembu kuholele ezingxoxweni ezinyakazisayo nezinhlelo zokusebenzisana esikhathini esizayo.
Umcimbi wase-Ballito ubunesivuthevuthe futhi umnandi kakhulu; izihambeli zajabula kakhulu ngokuthi uzakwabo owayethweswe iziqu nosemnkantshubomvu futhi oseneminyaka ebalelwa ema-90, uDkt Albertina Luthuli ukwazile ukudlulisela ulwazi lwakhe njengowayengumfundi futhi wanikezela waphinde wabacobelela ngamava akhe ngomsebenzi womkhakha wakhe.
Kube yintokozo ehambisana nentshisekelo enkulu ukuthi ithimba le-Alumni Relations ngokuhlanganyela nalaba abathweswa iziqu kule Nyuvesi futhi bezwe nemibono yabo nge-alma mater yabo, kanye nje nokuzwa ukuthi selungakanani uhambo asebeluhambile kanye nempumelelo yabo. Kuzo zonke lezi zidlo zasemini, kuvele kwasobala ukuthi abafundi besikhathi esidlule bayafisa ukufaka isandla kanye “nokubuyisela” eNyuvesi, abaningi bezwakalisa intshisekelo yabo yokweluleka abafundi base-UKZN nabasanda kuthola iziqu.
Ukuphendula okuvela kulabo abebebambe iqhaza kuye kwakhuthaza kakhulu futhi kwanikeza ukwesekwa kokwenza uhlelo lokudidiyela imicimbi emincane enenani lezihambeli ezikalelwe.
IHhovisi le-UKZN Alumni Relations linxenxa bonke abathweswa iziqu kulenyuvesi abangafisa ukubamba iqhaza kule mihlangano bathumele i-email ku: alumni@ukzn.ac.za.
Amagama: ngu-Finn Christensen
Izithombe: ngu-Nomcebo Msweli kanye nomsebenzi wase-Beira Alta (e-Ballito).