
Iwebhina Nge-CIVICUS Monitor
Click here for English version
I-Centre for Civil Society (CCS) yaseSikoleni Sezifundo zoKwakha neNtuthuko beyenze iwebhina ukukhombisa ukusebenza kwe-CIVICUS Monitor. Leli thuluzi eliseqophelweni eliphezulu locwaningo lenziwe wumphakathi ukubheka izinto ezenzeka endimeni yomphakathi e-Afrika nasemhlabeni jikelele.
UNks Sylvia Mbataru, ummeli wamalungelo abantu nenqubo yomphakathi ongumcwaningi e-CIVICUS uthe leli thuluzi lihlose ukuhlinzeka ngemininingwane ethembekile nemisha sha ngesimo senkululeko emiphakathini kuwo wonke amazwe. Ibalazwe layo lenza umuntu akwazi ukubona bukhoma imininingwane ngemiphakathi yasemhlabeni jikelele, libheke ingozi engehlela imiphakathi futhi lifundise ngezindlela amalungelo abantu okubamba iqhaza angafezeka noma aphazamiseke ngayo.
‘Kusetshenziswa indlela yokuklelisa izwe ngalinye ukubheka isimo sezwe,’ kusho uMbataru. Imibala imele ukuvuleka, ukuncipha, ukusitheka, ukucindezeleka nokuvaleka ukuze kubonakale isimo sezwe esincike ocwaningweni.
Leli thuluzi lihlinzeka ngolwazi ngezimo zezindawo ezithile. Lilonke, iveza ukuthi abantu abaningi baphila ngaphansi kwezimo zengcindezelo lapho kunezindawo ezivulekile ezimbalwa khona. Iveza ukucindezeleka kwamalungelo abantu besifazane, abasebenzi nabantu abathandana nabanobulili obufana nobabo nentsha kanjalo nelungelo labantu ekutheni baphile endaweni ehlanzekile.
UMbataru uphawule ngokuthi: ‘Ukucindezelwa kwamalungelo abantu okuvamile e-Afrika wukuhlaselwa nokunqindwa kwezintatheli ukwenza umsebenzi wazo, ukucindezelwa kokubhikisha nokuvalwa umlomo.’ Wengeze ngokuthi izinto sezithe ukuphucuka kancane ukuvikelwa kwamalungelo abantu ezwekazini, kwabakhona abadedelwa emajele. Nokho ngezikhathi zokhetho, ingcindezelo ivama ukudlanga. Lokhu kwabonakala e-Cameron (ngokhetho lwangonyaka wezi-2016 nolwangaphambi kwalolo) e-Nicaragua (ngokhetho lwangonyaka wezi-2021), e-Hungary, eKenya, e-Serbia (ngowezi-2020) e-America (ngowezi-2020) naseZimbabwe.
I-CIVICUS itholakala ngokungena ku https://monitor.civicus.org.
Amagama: wuSinoyolo Mahlasela
Isithombe: Sithunyelwe