
Iqembu le-Volleyball lase-UKZN Selithe Cababa Endaweni Yesithathu
Click here for English version
Iqembu le-Volleyball Labantu Besifazane lase-UKZN lifinyelele kowamanqamu kuma-2022 KwaZulu-Natal (KZN) Sports Awards abese-Durban ICC ngoMfumfu.
Ama-KZN Sport Awards aklomelisa abantu abavelele kwezemidlalo esifundazweni emikhakheni eyahlukene. Iqembu le-volleyball labantu besifazane lase-UKZN beliqokwe (kusoseshini wesifundazwe) emkhakheni weQembu Elivelele Lonyaka. Beliphakathi kwamaqembu amathathu ezemidlalo ahlonishiwe kulesi sidlo sakusihlwa. I-Richards Bay Football Club ibe yiQembu Elivelele Lonyaka, i-Hollywood Bets Tuskers (yekhilikithi) yalala isibili.
UKaputeni Weqembu nomfundi wakudala wase-UKZN uNks Reyanka Kisten uthe le mpumelelo ibengukufezeka kwephupho. ‘Ukubona ukuthi lisuka kuphi leli qembu nokuthi ukuzikhandla nokuzinikela kwethu kulo mdlalo sekubonwa ngabanye abantu nokuhlonishwa kuleli zinga akukholakali ngempela. Nakuba singanqobanga kodwa ukubalwa namanye amaqembu amathathu avelele eKZN yinto enkulu kabi.’
Uthe lokhu kumqoka eqenjini nasendimeni ye-volleyball esifundazweni. ‘Lokhu kuzosho ukuthi iqembu lethu selizohlonishwa kwezemidlalo eKZN. Kade sazethemba kodwa lokhu kuqokwa kuzosho ukuthi nabanye bazosithemba. Sithemba ukuthi kuzokwenza abantu babuke i-volleyball ngelinye iso bese betshala emdlalweni esiwuthandayo.
‘Lokhu kuqokwa akusikho nje okwalabo abayingxenye ye-UKZN Volleyball Club manje kodwa kungokwabo bonke abayingxenye yaleli qembu elizikhandlayo nelichumayo. Ngaphandle komlando nempumelelo yeqembu, ngabe asikho lapha namuhla. Ngifisa ukubonga bonke ababeyingxenye yaleli qembu kusukela lasungulwa; owenu lo mklomelo,’ kwengeza yena.
Imenenja Yezimidlalo uMnu Mark Bashe uncome leli qembu ngokuphakamisa igama le-UKZN. ‘Siziqhenya kakhulu ngeqembu le-volleyball labantu besifazane bethu eliqokwe emiklomelweni yalo nyaka. Nakuba linganqobanga kodwa siyaziqhenya ngabo njengoba kade bebhekene namaqembu amabili asesigabeni esikhokhelwayo kulo mkhakha,’ kusho yena.
‘Umsebenzi onzima wethimba labaqeqeshi ngesikhathi sama-South African Volleyball Champs, lapho laba ngompetha baseNingizimu Afrika khona, uyabonakala. Lizomela izwe emqhudelwaneni i-Zone 6 ezoba seZambia ngoZibandlela,’ kusho yena.
‘Umnyango wenze umsebenzi omkhulu ekukhuliseni umdlalo wabantu besifazane kanti imiklomelo efuze lena iwubufakazi bokuthi uma sinezinsiza ezifanele emdlalweni wabantu besifazane sizofinyelela kude njengoba sibonile ebholeni lombhoxo, i-volleyball nonobhutsuzwayo kanti abadlali bazuze izinto ezinkulu.’
UNks Roshnee Naicker woMnyango Wezemidlalo e-UKZN uhalalisele iqembu ngempumelelo yalo. ‘Ukufinyelela kowamanqamu kulo mkhakha yinto enkulu, ikakhulu ukuqokwa nemidlalo enjengonobhutshuzwayo nekhilikithi. Lona kube ngunyaka omuhle kuleli qembu labadlali besifazane abancane kanti ukufinyelela esigabeni samanqamu wubufakazi balokhu.’
UNaicker ubalule ukuthi amaqembu e-volleyball ase-UKZN abe nonyaka omuhle, wabalula ukuthi okukhulu kubewukunqoba iGolide kuma-VSA Club Champs nokungena kuma-CAVB Zone 6 Club Champs eLusaka, eZambia ngoZibandlela.
Uncome iqembu ngokushaya into ecokeme kwi-Aqua Darshan Premier League (i-ADPL), iligi ye-volleyball esekwa yi-Volleyball South Africa. ‘Umqhudelwano wokugcina wochungechunge ubungoMfumfu e-UKZN Westville Sport Centre, lapho khona iQembu Labantu Besifazane libengoMpetha be-ADPL 2022 Series, lapho lingadliwanga khona nakanye kulolu chungechunge. Iqembu lamadoda lase-UKZN lithathe indawo yesibili kwi-ADPL Series.’
Amagama: ngu-Raylene Captain-Hasthibeer
Isithombe: Sithunyelwe