
UMfundi Uklonyeliswe Umfundaze Wokuyofunda eNgilandi
Click here for English version
Umfundi weKolishi lezesiNtu uNksz Thobile Sibiya uklonyeliswe ngomfundaze i-Emma Smith Overseas ukuze aqhube iziqu zakhe ze-Mastazi kwezeMfundo ezikhethekile nezihlanganisa wonke umuntu, iSpecial and Inclusive Education eNyuvesi yaseNottingham eNgilandi.
‘Lo mfundaze ufakazela ukuthi imfundo ibalulekile,’ kusho uSibiya. ‘Inginike intuba yamathuba amahle kanti ingenze ngabona ukuthi intombazane ekhulele esigodini sasePaulpietersburg KwaZulu-Natali ingakwazi ukuncintisana nabafundi bakwamanye amazwe. Nginesiqiniseko sokuthi ngingakwazi ukufeza wonke amaphupho ami. Ukubonga kwami okukhethekile kuya kwikomidii lomfundaze we-Emma Smith kanye ne-UKZN ngalokhu kuqokwa.’
Ephokophelele ekusabalaliseni ulwazi lwakhe kanye nokuqonda izihloko ezithinta ukubandakanya wonke umuntu nokuhlukahlukana, uzohlola okuthinta ezokuhlanganyela ezikhungweni zeMfundo ePhakeme, ehlola amaqhinga angasetsheziswa abafundisi emakilasini ukuqinisekisa izindlela zokusabalalisa okuqukethwe ezibandakanya wonke umuntu kanye nokwehlukahlukana, ezibheka ukwehluka kanye nobuntu babafundi. ‘I-UK iyaziwa ngokubandakanya wonke umuntu kwezemfundo futhi ngiyethemba ukuthi indlela indawo eyiyo nemvelo kuzongisiza ukuthi ngifunde kakhulu ngezinto ezithinta ukubandakanywa kwawo wonke umuntu.’
Ukholwa ukuthi imifundaze efuze lo aklonyeliswe ngawo ubalulekile kubafundi.
‘Ayikho imfundo yanoma ngubani okumele ivimbeleke ngenxa yokuthi umuntu unemuva ebelingenawo amathuba futhi engenayo imali eyingeniso. Ngiyabonga ukuthi i-UKZN inikeza ngalawa mathuba asivumela ukuthi sibe senkundleni ethuthukisa ukukhula kwethu kwezemfundo.’
Iseluleko sakhe kwabanye abafundi sithi: ‘Ungalahli ithemba - kunalokho phokophela kokufunayo ngakho konke onakho.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe