
Izinhlangano Zomphakathi Eziholwa Abantu Abasha Nenkulumompikiswano Ngesibonelelo Sabangasebenzi eNingizimu Afrika
Click here for English version
Ngabe kumele iNingizimu Afrika iluqale uhlelo lwanomphelo lokuholela isibonelelo abangasebenzi? Ngabe lesi sibonelelo sizoba nomthelela omuhle ukunciphisa ububha kanye nokunciphisa ukungalingani? Izophumaphi imali yaso? Ngabe yini ebambezela inhlalakahle uma kubhekwa iNingizimu Afrika?
Lena ngeminye imibuzo ephendulwe ngesikhathi kunenkulumompikiswano yezinhlangano zomphakathi eziholwa ngabantu abasha ebezibheka ukusetshenzwa kwendaba yesibonelelo sabangasebenzi se-COVID-19 ukubheka imizamo yokulwa nomthelela wobhubhane kwabayizakhamizi baseNingizimu Afrika abahlwempu.
Isingethwe isikhungo sezinhlangano zomphakathi, iCentre for Civil Society (CCS) engaphansi kwesikole sase-UKZN Sezifundokuhlelwa Komumo Wezakhiwo NeNtuthuko - School for Built Environment and Development Studies, inkulumompikiswano ibigxile ekusungulweni kwesibonelelo sabangasebenzi eseziholwa unomphela - Basic Income Grant (BIG).
Inkulumompikiswano beyehlulelwa nguSolwazi Francie Lund, ongusihlalo wekomiti iLund okuyilo elaleseka ukuhlinzekwa kwesibonelelo sezingane eNingizimu Afrika.
Ithimba ebelihambisana nesibonelelo sabangasebenzi kubalwa kuso uNksz Nthuseng Nakin, uMnuz Slindokuhle Mdlalose kanye noNksz Viwe Mafanya, ababe yingxenye yale nkulumo nge-inthanethi.
Ithimba livumelane nokusungulwa kwesibonelelo sabangasebenzi esizoholwa unomphela ngamaphuzu athi ububha kanye nokungalingani kusabalele eNingizimu Afrika, ngamaphesenti angu-10 esibalo sabantu okuyibo eabaphethe umnotho ongamaphesenti angu-80 womnotho wezwe.
Banomuzwa wokuthi ukusungulwa kwesibonelelo kunganciphisa ububha ngamaphesenti abangu-55 ngalokho kwenza ngcono isimo sezomnotho emikhakheni okubalwa kuyo, imisebenzi, ezemfundo, ezempilo, ukulwa nobugebengu kanye nokulwa nobumpofu. Babuye baphawula ngokuthi ngokwesigaba 27 soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wonke umuntu unelungelo lokuphepha komphakathi kanye nosizo olwenele lwezenhlalakahle uma kungukuthi abakwazi ukuzinakekela bona nabathembele kubo.
Leli thimba libuye laveza ukuthi lesi sabelo singalekelela ukuvumela abantu ukuthi benze uguquko olukhulu ezimakethe zemisebenzi ukuze umuntu akwazi ukuzikhethela ukuthi lemali uyisebenzisela abasebenzi basezindlini, ukuziqalela amabhizinisi kanye nezinto ezithinta amasiko. Lemali baveze ukuthi ingabuye ithuthukise umnotho wezindawo ngokuba umthelela oziphindayo futhi yandise amandla okuhweba ngokuthi kwandiswe isidingo sempahla nemisebenzi.
Ithimba liphawule ukuthi uhlelo lokulekelela ngesibonelo sabangasebenzi kungayisu elisebenzayo ukuvikela abasengozini futhi lilethe uguquko nomuzwa wobulungiswa. ‘Noma ngabe umuntu uyasebenza noma cha, kumele bathole imali encane yokwenza izidingo zabo ezibalulekile. Ngaphandle kokuthi kubalulekile ukuthi baqhubeke ngokucophelela, kunomuzwa wokuthi imali yesibonelelo izongenisa uhlelo olusha kanye nokukhula. Lolu hlelo luzonakekela izidingo ezibalulekile zabantu, ukuvuselela amandla omnotho kanye nokubeka isisekelo ukulwa nokungasebenzi kwabantu kanye nokulungisa kabusha umnotho obheke kwikusasa elisimeme futhi elibandakanya wonke umuntu,” basho kanje.
Ithimba ebeliphikisana nokusungulwa kwesibonelelo sabangasebenzi kubalwa uNksz Andisiwe Dlamini, Mnuz Andile Mthethwa kanye noMnuz Muziwandile Shezi, ababe yingxenye yenkulumo besebenzisa i-inthanethi.
Babeke umbono wokuthi ukusungulwa kwesibonelelo angeke kwenze mehluko ukulwa nobubha nokungalingani njengoba imali ehlongozwayo - ebalelwa ku-R624 - ingenele ukuthi ingagcina izidingo ezihambisana nokuphila usuku nosuku.
Baveze ukuthi uma lesi sibonelelo singanikwa abantu kuzoba nomphumela wokuthi imindeni enamalungu amaningi izothola imali eningi, bese kubulala inhloso yokunciphisa ukungalingani.
Ithimba belimile ekutheni izwe angeke libe nayo imali yesibonelelo sabangasebenzi ngalesi sikhathi njengoxhaso njengoba kuzosho ukuthi kunesidingo sokuthi kuthathwe imalimboleko kwisikhwama i-International Monetary Fund kanye nebange lomhlaba, iWorld Bank njengoba kwenzeka ngesikhathi kukhishwa uxhaso lobhubhane iCOVID-19.
Esikhundleni sokusungula isibonelelo sabangasebenzi, ithimba liveze ukuthi uhulumeni kumele atshale imali ekuthuthukiseni amakhono ngezinhlelo zemisebenzi yomphakathi, kanye nokuthuthukiswa kwamakhono njengohlelo lukamengameli olubhekelela intsha engasebenzi iPresidential Employment Scheme kanye nohlelo oluphelele lokudala amathuba omsebenzi.
‘Lokhu angeke kusho ukuthi ukuqoqwa kwemali kuzogcina nge-VAT kodwa nangentela iPAYE. Ukuthola umsebenzi kwenza abantu ukuthi bazimele kunokuthi bancike kuhulumeni.’
Amagama: ngu- Andisiwe Dlamini, Ndumiso Mthalane no Nthuseng Nakin
Isithombe: Sithunyelwe