
Ukonga Imvelo Usebenzisa Izinto Ezincane
Click here for English version
USolwazi Johnson Lin wase-UKZN ujatshuliswa yizinto ezincane.
Njenge-Microbiologist, ugxile kakhulu ekucwaningeni nge-Environmental Microbiology kanye ne-Bioremediation, kanti uphinde wasebenzisa ithuba lokwethula inkulumo yakhe yokugcotshwa njengoSolwazi ukuze acobelele ngemibono yakhe kulo mkhakha.
‘Intuthuko kwezeSayensi kanye ne-Biotechnology isisize kakhulu kubantu ekuhloleni kanye nasekusebenziseni okumbiwayo kwendalo ngezigaba kancane kancane,’ kuphawula u-Lin. ‘Ngeshwa-ke ezinye zalezi zindlela zokungenelela zingase zithikameze ezemvelo nemiphumela yazo ithinta izimpilo zabantu.’
Eminyakeni yakamuva nje, kuye kwasetshenziswa amasu aziwa nge-Molecular Technique ekuhloleni ukusetshenziswa okungenzeka kwama-Microbial Enzymes. U-Lin uqhubeke wachaza ukuthi i-Bioremediation iyithuluzi lezemvelo elinamanda elihlanganisa ukusetshenziswa ngokohlelo lweBhayoloji ekususeni nasekunciphiseni ukungcola kusetshenziswa I-Biochemical Solubilisation noma i-Mineralisation bese kuthi ngaleyo ndlela kube nendimana edlalekayo ekongeni nasekusindiseni imvelo.
‘Ubufakazi obuvela ekuchithekeni kukawoyela i-Exxon Valdez kanye neDeepwater Horizon buveza indima enkulu nebalulekile edlalwa ngamagciwane ekubuyiseleni impilo yezemvelo,' usho kanje. ‘Ama-Microbial Degrading Hydrocarbon anamandla okuqamba izinto ezintsha ezintweni eziningi.
‘Inhlanganisela yezindlela ezizuzisayo zemolecular techniques, okuyi-Modelling Technique ndawonye ne-Artificial Intelligence ingadala ukuthi kube khona i-Bioremediation ukuze kwenziwe uhwebo kanye nempilo yezemvelo engaboniswa ngokuthi kwenziwe izindlela zokuvundisa uplastiki,’ kusho yena.
U-Lin unguSolwazi ngokuphelele e-UKZN emkhakheni weMicrobiology netholakala ngaphakathi eSikoleni seSayensi yeMpilo (eKolishi lezoLimo, ubuNjiniyela Kanye nezeSayensi) wathola iziqu zakhe ze-BSc e-National Tsing Hua University of Taiwan ngowe-1984 kanye neziqu zakhe zeP-hD ngowe-1992 ngaphansi kweso likaSolwazi we-Eistein u-JH Wang wase-State University of New York, e-Buffalo, ezweni lase-USA.
U-Lin uthole ukuqeqeshwa kwe-Postdoc maqondana nesakhiwo kanye nokusebenza kwe-Reverse Transcriptase yeHIV-1, ngaphansi kukaSolwazi J Coleman eMnyangweni weMolecular Biophysics kanye neBiochemistry eNyuvesi yaseYale, ngaphambi kokuba athuthele eNingizimu Afrika ngowe-1995 kanye nokujoyina iNyuvesi eyayaziwa nge-Durban Westville (eseyaziwa nge-UKZN manje) njengoMcwaningi osemnkantshubomvu ngonyaka we-1996.
Ngowe-1997, wadlulela eNyuvesi yaseZululand ophikweni lweBiochemistry neMicrobiology. Ngowezi-2003, waqokwa njengoSolwazi eMnyangweni we-Microbiology e-UKZN wakhushulelwa esikhundleni sokuba nguSolwazi oPhelele ngowezi-2020.
ULin uqondise ngempumelelo umsebenzi wabafundi abayi-11 beziqu zobuDokotela neze-masitazi eziyi-19, waphinde weluleka abanye abafundi abayisithupha ngemuva kwezifundo zabo zobuDokotela waphinde futhi washicilela amaphepha ocwaningo ayi-121 emaJenalini kazwelonke nawakwamanye amazwe abuyekeziwe. Njengamanje weluleka ngocwaningo abafundi abahlanu be-PhD nabathathu be-MSc.
UngumMhleli oyinhloko we-African Journal of Biochemistry Research kusukela ngowezi-2007, uyilungu leBhodi lokuhlela le-Water SA, futhi uyilungu Lebhodi Lokweluleka le-International Journal of Biotechnology kusukela ngowezi-2013. Usesebenze umsebenzi wokubuyekeza amaJenali evile ema-20 ezinga eliphezulu futhi usebenze njengelungu leKomidi Lezesayensi leNkomfa ye-Euro-Mediterranean Yokuhlanganiswa Kwemvelo (Scientific Committee of the Euro-Mediterranean Conference for Environmental Integration) iminyaka eminingana. Uhlala ahlale abuyekeze amaphrophozali ezicelo zoxhaso lwezimali noma abe nguMhloli wezicelo zakwa-National Research Foundation (NRF), Water Research Council (WRC) kanye ne-Medical Research Council (MRC).
UL-in usebe yisikhulumi esimenyiwe ezingqungqutheleni eziningana zamazwe ngamazwe emazweni afana no-United States, Singapore, Taiwan naseNingizimu Afrika. Ubeyisifundiswa esivakashele e-Institute of Biological Chemistry, e-Taipei, e-Taiwan, ngowezi-2010 futhi waqokwa njengoSolwazi Obalulekile e-Jiangsu Academy of Agricultural Sciences, e-China, kusukela ngowezi-2015 kuya kowezi-2020.
Usebambe umsebenzi wokuhlola i-NRF C2 rating kusukela ngowezi-2007.
Amagama: ngu-Sally Frost
Isithombe: Sithunyelwe