
Isifundo esiKhethekile sihlola ulwazi lwe-Anthropology kanye nemiphakathi yaseziNkundleni zokuXhumana
Click here for English version
IDini eyinhloko yesiKole seziFundo ngeHlalo YoMphakathi, uSolwazi Vivian Ojong wethule inkulumo yakhe yokuqala ngqa esenguSolwazi enesihloko esithi: “Territories in Flow and Flux”: Anthropological Knowledge and Virtual Communities.
U-Ojong uthe, ‘Lesi simo sokufuduka kwabantu siyaqhubeka nokuthi silokhu sishintshashintsha ezikhathini zamanje. Njengoba kuhambisana nobuchwepheshe obusha, ukunyakaza kwabantu kuya ngokuya kuba nomehluko kulezi zinsuku nokwenza ukuthi i-Anthropology njengomkhakha ibe nezingqinamba ezahlukene, ikakhulukazi ngezindlelakwenza ze-Anthropology. Nalapho omunye engakhuluma ngemiphakathi yasezinkundleni zokuxhumana nokungumphakathi okhulayo kule ndawana yokuxhumana kwabafuduki abanentshisekelo efanayo nabafanayo ngezinto ezithithile.’
Ngokuka-Ojong, ‘Ukunyakaza nje kwabantu kuyaqhubeka nokubumba kabusha umumo we-Anthropology nakuba kuvela ukuthi iza nenkululeko,’ nalapho egxile kakhulu ekucubulungeni kakhulu ekungalinganini kohwebo lwehlabathi nokungukuphawu olugqamile lwezindlela zamanje zokufuduka. Lokhu kuhamba kuhambe kuthintwe yintuthuko kwezobuchwepheshe nesinyuse kakhulu izinga lokuqapha ngeso lokhozi izimo kanti futhi inezingqinamba zokwenziwa ingxenye noma yokukhishwa inyumbazane.
U-Ojong uthi uma kungukuthi umsebenzi wama-Anthropologist ezikhathi zamanje kungukufunda becwaninga kabanzi ngabantu kanye nobudlwelwano babo yonke indawo, ukuxhumana kwamazwe ngamazwe kanye nemiphakathi yasezinkundleni zokuxhumana abantu abayingxenye yayo, kumele kube ngenye yezindlela zokubuka izinto ezidinga ukuqondwa kangcono.
‘I-Anthropology idlala indima enkulu ekucubulungweni kosiko lokufuduka, izingqinamba zakhona kanye nendlela yokusetshenziswa kwayo ekuthuthukiseni ubuNtu. Njengoba ukuthuthukiswa kwezobuchwepheshe kunciphisa umhlaba ekutheni ube yisigodi esisodwa somhlaba wonke jikelele, ukunyakaza kwabantu bomhlaba sekwenzeka ngendlela eyehlukile.’ Usho kanje.
Amagama: Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe