
Isifundiswa seKolishi lezeSintu Siyisivakashi e-Australian National University
Click here for English version
USolwazi David Spurrett, noyisifundiswa emkhakheni weSikole sezeNkolo, iFilosofi kanye ne-Classics (SRPC), kamuva nje uchithe iNyanga egcwele njengesivakashi (visiting Fellow) e-Australian National University (ANU) esendaweni yase-Canberra.
Ngesikhathi evakashile, wethule iphepha enkomfeni eyisilomo eyaziwa ngele-Philosophy of Biology at Dolphin Beach (PBDB), uhambile waya eWollongong ukuze akwazi ukuphefumula njengesimenywa kulenkomfa, aphinde ayokwenza isethulo sakhe ochungechungeni lwezinkulumo ezenzeka njalo ze-Filosofi eNyuvesi i-ANU.
Inkulumo yakhe yase-PBDB igqamise kakhulu ukufana kanye nokuhambisana phakathi kombono we-behavioural phenotype kanye nemibhalo ye-Extended Cognition, ebhunga ngokuthi yomibili le mibono ingacoshacosha okuthile komunye nomunye. Isimemo saseWollongong sasiyithuba lokuba ethule inkululo nge-‘Hostile Scaffolding’ nokuyisihloko socwaningo oluqhubekayo oluyinhlanganisela phakathi kwakhe noMfundi weziqu ze-Masitazi ezifundweni zeFilosofi, uMnu Ryan Timms, nowelulekwa emsebenzini wakhe nguye uSpurrett.
Okuhlongozwa kakhulu yilo msebenzi ukuthi kuyenzeka ukuthi izinhlaka zangaphandle kokunye zixhaphaze noma zikhohlise indlelakucabanga yesithunywa ukuze kuzuze olunye uhlangothi. Ngesikhathi esase-Wollongong, uSpurrret wakwazi ukuthi axoxe kabanzi ngenhlanganisela yomsebenzi noDkt Nick Brancazio malungana ne-Embodied Cognition, indlela yokugqoka kanye nobulili. Kuthe ngasekupheleni kohambo lwakhe, uSpurrett wethula inkulumo esihloko sithi: ‘Time and the Decider’ ezingqinambeni ezivukayo uma izinjulalwazi ezihlosiwe zokuthathwa kwezinqumo kucatshwangwa ukuthi ziyangena emininingwaneni yokuthi kwenzekani ebuchosheni ngesikhathi esifishane.
USpurrett uthe, ‘Kube wuhambo oluhle kakhulu, bekumnandi ngapha futhi kusebenzeka. I-ANU inomnyango weFilosofi ohamba phambili, Ngiyabonga kakhulu emnyangweni wezocwaningo emkhakheni weSayensi yezeNhlalo khona le ngokuthi bangisingathe, ikakhulukazi kuSolwazi Kim Sterelny, owapheka waphinde wadidiyela uhambo lwami. Nginethemba lokuphinde ngivakashe.’
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe