
I-ULPDO Isabalalisa uMkhankaso Wokuqwashisa Ngabanenkinga Yokuzwa Ngezigaba Ezahlukene
Click here for English version
NgeNyanga kaMandulo abantu baseNingizimu Afrika bagubha Inyanga Yamagugu esizwe kanye neNyanga Yokuqwashisa ngabantu abanezinkinga zokuzwa ngezigaba ezahlukene.
Ihhovisi leNyuvesi lokuHlelwa nokuThuthukiswa koLimi neyaziwa ngele-ULPDO, lisebenzise leli thuba ukuba lenze umkhankaso woLimi lweziMpawu ngaphansi kwendikimba ethi: SASL Matters: Towards an Inclusive and Mindful Society. Le ndikimba ihlose ukuthuthukisa ulimi lwezimpawu (SASL) emphakathini waseNyuvesi.
Lokhu kwenziwa ngokuthi kukhishwe isiqephu esasinomyalezo wokweseka lo mkhankaso nesathunyelelwa emphakathini waseNyuvesi inyanga yonke kaMandulo kowezi-2022. Ihhovisi liphinde lagcizelela ukweseka kwalo i-SASL njengolimi olusemthethweni lweshumi nambili eNingizimu Afrika. Lo mbono uphinde wavezwa esiqeshini se-SASL sonyaka wokufunda wezi-2022.
I-ULPDO iphinde yenza umncintiswayo obalulekile iwenzela umphakathi waseNyuvesi. Abasebenzi kanye nabafundi babecelwe ukuba bathumele amavidiyo abo anomyalezo wokweseka abanenkinga yokuzwa emazingeni ahlukene ngokuthi basebenzise i-SASL. Wonke amavidiyo afakwa esizindalwazini sase-ULPDO. Umyalezo owaphuma phambili waklonyeliswa ngevawusha yencwadi, izincwadi zase-ULPDO, i-USB kanye neskibha sase-UKZN-SASL.
I-ULPDO ithanda ukudlulisa ukubonga kulowo ohlomule kulo mncintiswano, uNksz Samukelisiwe Ndlovu kanye nabo bonke ababambe iqhaza ngokuthi bathumele imiyalezo yokweseka lo mkhankaso emihle.
‘Sanibonani nonke. Ngiyethemba niyaphila. Igama lami nginguSamke. Nginifisela iNyanga enhle yokuqwasha ngabantu abanenkinga yokuzwa emazingeni ahlukene. Asiqhubeke sisabalalise uthando ngoLimi lwezimpawu. Ikhono lokukwazi ukuxhumana ngalolu limi selibalulekile. Ngiyanithanda nonke!’ UNdlovu usho lo myalezo ngesikhathi amukela umklomelo wakhe.
Amagama: nguTholakele Zungu
Isithombe: nguNjabulo Manyoni