
Imigubho Nxazonke Kubasebenzi Abethweswe Ezobudokotela
Click here for English version
IKolishi lezesiNtu belenze idili lokubungaza abasebenzi abathweswe iziqu zobudokotela emikhakheni eyahlukene.
Leli dili ebelise-Maharani Hotel belihlelwe yiDini yokuFundisa nokuFunda yeKolishi, uSolwazi Ruth Hoskins, okholwa wukuthi ‘abasebenzi badinga ukutuswa ngempumelelo yabo kwezemfundo nomsebenzi omuhle.’
ISekela lePhini-Shansela neNhloko yeKolishi le-Humanities, uSolwazi Nhlanhla Mkhize lithe, ‘Yisigaba esikhulu lesi empilweni yesifundiswa. Iziqu zobudokotela zisho ukugcwala kwezemfundo. Halala kakhulu kubalingani bethu, abeluleki babo bocwaningo nemindeni yabathweswe iziqu. Ngokuzuza iziqu zobudokotela, niphose esivivaneni se-National Development Plan, ukukleliswa kweNyuvesi nokukhiqiza ulwazi emhlabeni jikelele.’
Ikhuluma egameni loDini beKolishi, iDini yeSikole SezeMfundo, uSolwazi Thabo Msibi income abathweswe iziqu zobuDokotela ngokuhamba uhambo olunemimango ngesikhathi sobhubhane. Ithe: ‘Manje yisikhathi sokuthi niqinisekise ukuthi i-UKZN ihlala iyinyuvesi ehamba phambili Emfundweni Yase-Afrika. Ngininxusa ukuthi niqhubeke kule Nyuvesi ngoba ninamandla okuba wongoti emikhakheni yenu. Sihlale sikhona ukuneseka ezifisweni zenu zemfudo.’
Ekhuluma egameni labasebenzi laBezokweseka eKolishi, uSolwazi Nobuhle Hlongwa, oyiDini yeSikole SezoBuciko uzwakalise ukubonga kwakhe ‘kwabethweswe iziqu nabasebenzi be-Professional Services ngomsebenzi wabo onzima nokuphokophela kwabo ekuqinisekiseni igama elihle leKolishi.’ Abasebenzi beZokweseka bashayelwe ihlombe elikhulu ngemizamo yabo.
USolwazi Saleem Badat weSikhungo sezesiNtu ube yisikhulumi esiqavile ngesihloko esithi: Building Your Post-PhD University Academic Career. Uphawule wathi: ‘Kwabaningi bethu iNyuvesi ayilona ikhaya ngokwemvelo. Sike sizizwe siyizihambi; kwenye inkathi senziwe sizizwe singomafohla nabazenzisi. Mhlawumbe abaningi benu, njengami, bavela emakhaya aphansi noma adelelekile futhi bangamavulandlela emindenini yabo ukuya enyuvesi, ukuba neziqu zobudokotela nezifundiswa. Njengami, mhlawumbe nigqugquzelwe ukufundela iziqu zobudokotela noma ukungena kwezemfundo ephakeme. Cishe ukwesekwa ngemali nangezinye izindlela bekuwumqansa. Kubo bonke lobu bunzima, kudinga ukuhlakanipha, isibindi nokuzimisela ukuphumelela. Kusobala ninakho konke lokhu.’
U-Badat ugxile ezinselelweni ezintathu ezihambisana nabasebenza kwezemfundo ephakeme, athe ‘wukwakha nokugcina isizukulwane esisha sezifundiswa; ukushintsha isimo senhlalo yezifundiswa ngemikhankaso yokulingana kubantu abamnyama nabantu besifazane nokuqinisekisa ukuthi izifundiswa ezintsha zinamakhono okuhlakanipha ukuze zikwazi ukufundisa nokufunda, ukwenza ucwaningo nokusebenzisana nomphakathi ukubhekana nezinto eziwuthintayo.
‘Amakhono awaveli kuNkulunkulu futhi awasilona ifa. Enziwa ngaphansi kwezimo ezivumayo, amathuba, uthando, ukuzinikela nokujuluka. Ukuphucula amakhono enu kuhambisana nokushintsha amanyuvesi ethu nokwandisa amandla amanyuvesi,’ kusho yena.
Eluleka odokotela abethweswe iziqu, u-Badat uthe: ‘Ningalinge nidayise ngokuzimela kwenu nesithunzi senu. Uma uphokophelela ukwenza izinto ezinhle, ezinye izifundiswa nezinye izikhungo zemfundo zizoqaphela bese ufunwa ubuthaphuthaphu. Ningabi ngabantu abashintsha umsebenzi, abavama ukugcaluza, bafake izicelo zokuthola izikhundla singakafiki isikhathi esifanele. Njengoba niyizifundiswa ezincane, kufanele nizicabele indlela yenu ehlukile, kodwa ukucijwa okufanele nokunye ukwesekwa kumqoka. Sengiwunguboziyeweni emsebenzini wami, nina nisekuqaleni kohambo lwenu kwezemfundo ephakeme.’
Umfundi eSikole sezeMfundo uDkt Lerato Sokhulu, othweswe iziqu zobudokotela kwezeMfundo (eZifundweni Zekharikhulamu) uthe ubonga isenzo seKolishi, wathi uzolalela izeluleko zezikhulumi.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Izithombe: nguNtsika Nduli