
I-Memorial Tower Building Ikhanye Bha Yabomvu
Click here for English version
I-UKZN, ngokubambisana ne-Heart and Stroke Foundation of South Africa, ikhanyise i-Memorial Tower Building (i-MTB) ekhampasini yase Howard College ngombala obomvu ukugubha uSuku LweNhliziyo eMhlabeni, ukukhanya kwaze kwabonakala kwezinye izindawo zaseThekwini.
Le nhlangano igubhe iminyaka engama-42 ngoMandulo. Imenenja ye-Health Promotion, uNkk Dana Govender uthe le nhlangano ayikaze iphumule futhi isaqhubeka nokuzama ukunciphisa izifo zenhliziyo eNingizimu Afrika.
‘Kuma-30% abantu abakwazi ukuthola usizo lokwelashwa ezibhedlela ezizimele, ama-70% athembele ezikhungweni zikahulumeni ezingagxili ezifweni ezingathathelani. Isifo senhliziyo ngesesibili eqhulwini esibulalayo silandela ingculazi ezweni lethu, ngakho siyinhlangano engenzi nzuzo sibeke le nyanga ukuthi kube yiyona esifundisa ngalesi sifo ngayo,’ kusho u-Govender.
Umqondisi Omkhulu KwezokuXhumana e-UKZN, uNks Normah Zondo uthe: ‘Sithakasile ukuphinde sibambisane nale nhlangano engenzi nzuzo. Kumqoka e-UKZN ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi nabafundi bethu bathola ulwazi olufanele lokugwema izifo ezifuze lezi.’ Ukhuthaze abantu baseNyuvesi ukuthi bahlolwe ngoba ama-70% kuya kuma-80% alezi zifo angagwemeka ngokushintsha indlela yokuphila. ‘Ulwazi oluthola eNyuvesi akusilo olwakho kuphela kepha futhi ngolokuthi wazise umphakathi ngalo. Kudingeka ukuthi uqinisekise ukuthi unakekela inhliziyo yakho ngoba inhliziyo yakho ingukuphila kwakho,’ kusho uZondo.
Ngaphambi kokukhanyisa, ithimba le-Heart and Stroke Foundation, liholwa ngu-Sister Chertier, obheke i-Health Promotion, liqale lahlola izethameli izinhliziyo mahhala. ‘Baningi abasebenzi nabafundi abezile ukuzohlolwa, okuletha ithemba ngoba bekungabantu abayintsha abakhathalele impilo yabo nabayaziyo ingozi abalengele kuyona,’ kusho u-Chertier.
Bheka ukukhanyisa lapha.
Amagama: nguZama Khoza
Isithombe nevidiyo: nguSethu Dlamini ne-Asante Solutions