
I-DSRA Ivale INyanga YamaGugu Ngesigqi
Click here for English version
UmNyango weZokuhlaliswa Kwabafundi (i-DSRA) yenze indumezulu ukuvalelisa iNyanga yamaGugu.
Uhlelo luphathwe wuMdidiyeli weMpilo Kwezokuhlala uMnu Thabani Chagi noMphathi Wezokuhlanza uNks Thule Mthuli. Kulo mcimbi abasebenzi bavunule ngezindlela ezahlukene njengeyesiZulu, eyesiNdiya, eyesiSuthu neyesiNdebele.
Enkulumweni yakhe yokwemukela izethameli, uMnu Sibusiso Khumalo, iNhloko ye-DSRA emakhempasini ase-Westville nase-Edgewood, ubalule umphumela wobhubhane i-COVID-19. Ubalule ukuthi nakuba uphazamise impilo yabantu kodwa ubafundise ukwazi ubuchwepheshe.
Zithinta ubunzima okubhekwane nabo ngesikhathi sobhubhane, kanjalo nokutapa ezitolo nezikhukhula KwaZulu-Natali, izethameli zigebise amakhanda umzuzu zikhumbula bonke abalahlekelwa yizimpilo, izihlobo zabo nemisebenzi.
Ehaya izithakazelo zakubo, uMqondisi weSikhashana e-DSRA uNks Sisanda Machi, ulande ngomlando wabo, waphawula ukuthi uhamba nawo kuzo zonke izindawo ahamba kuzona nokuthi yiwona ombumbe waba yilento ayiyona namhlanje.
UMachi ukhumbule umlando woSuku LwamaGugu, olwalaziwa ngoSuku LukaShaka ukugubha ukukhothama kwenkosi yamaZulu. ‘Lolu wusuku lokuziqhenya ngobuthina nokugubha umlando wethu, imvelaphi yethu, esikuzuzile kuze kube manje nekusasa. Namuhla wusuku lokuhlangana sibe munye, sikhule, sifunde omunye komunye ukuphonsa esivivaneni seNingizimu Afrika ebumbene,’ kusho yena.
Uvuthondaba lwalolu suku kube wumncintiswano womculo nengoma, lapho ikhempasi yaseWestville idle umhlanganiso khona, i-Howard College yalala isibili, i-Edgewood yaphuma isithathu kwathi ikhempasi yaseMgungundlovu yaphuma isine.
Emkhakheni Wovunule Kahle kwabesilisa kube nguMnu Kusakusa Mpungose waseHoward College obegqoke ibheshu nezinjobo. UNks Thule Mkhize wasekhempasini yaseMgungundlovu, onqobe umkhakha wabesifazane wogqoke kahle ukudlula bonke ngesidwaba sakhe, uphawule wathi lo mcimbi ukhuthaze abantu besifazane ukuthi baziqhenye ngemvelaphi yabo, babemunye.
INhloko yeDSRA eHoward College naseSikoleni Sezobudokotela uMnu Nhlanhla Mthombeni wenze umncintiswano wokuphica ngemvelaphi.
Isivala, inhloko ye-DRSA eMgungundlovu uMnu Mdukhy Mabaso ihalalisele bonke abanqobile, yabonga uMachi noNks Priscilla Cele, unobhala omkhulu eMnyangweni Wezindaba Zabafundi ngokuhlela lo mcimbi.
Abasebenzi bazitike ngokudla kwesintu okwehla esiphundu nangezinkondlo zomfundi wase-UKZN, uNks Lusanda Mdletshe.
Amagama: nguHlengiwe Khwela
Izithombe: nguSethu Dlamini