
I-CCA Yase-UKZN Imemezele I-World Slam Poetry Champion Yowezi-2022
Click here for English version
Isikhungo Sobuciko boKwenza (i-CCA) saseKolishi lezesiNtu sineqholo ukumemezela ukuthi uMnu Xabiso Vili uwumpetha we-2022 World Slam Poetry Championship ngenkondlo yakhe ethi-Forget How To Die.
Uqokelwe ukumela iNingizimu Afrika e-World Poetry Slam Championship e-Brussels, lapho ezoqhudelana nezinye izimbongi ze-slam zasemazweni angama-40 asemhlabeni wonke.
UVili uthe le ndondo akusiyona eyakhe kuphela ‘kepha ngeyazo zonke izimbongi emqhudelwaneni ezikhule zadlondlobala ngesikhathi zindawonye.’
UMqondisi weCCA, uDkt Ismail Mahomed wengeze wathi: ‘IsiKhungo Sobuciko siziqhenya kakhulu ngempumelelo kaXabiso. Ubeke izimbongi ze-slam zaseNingizimu Afrika phambili emashashalazini omhlaba. UXabiso umele isizukulwane esisha sezimbongi ze-slam ezisebenzisa amazwi azo ukulwela ubulungiswa emphakathini. Siyaziqhenya ngomsebenzi wokukhankasa owenziwe wumdidiyeli uSiphindile Hlongwa wokuthi abeke i-Poetry Africa Festival esicongweni somhlaba.’
UVili uyiciko, umbhali, iciko lemithombo yezindaba emisha, umdidiyeli nesishabasheki esinqobe izindondo eziningi. Ukholwa wukuthi ubuciko bunika isintu indlela ebheke ekuhlanganeni, injabulo nokwelapheka. Uphokophele ukwenza izindawo ezintsha zokuthi ubuciko butholakale ngezindlela ezintsha. UVili ucwaninga futhi enze indlela entsha yokusebenzisa ukubhala njengendlela yokwelapheka. Uwumpetha wama-slam amaningi, useke washicilelwa emaqoqweni ezincwadini anabanye abantu, wahaya emazwenikazi amane. Useke wasebenza ezindaweni ezingasasetshenziswa, wazishintsha wazenza izikhungo zobuciko.
UVili une-albhamu, uhlelo lwakhe lokuhaya izinkondlo neqoqo lezinkondlo kanti useke wabhala nomunye umuntu inovela. Wenza umsebenzi oqoshiwe wobuchwepheshe besimanje owakhonjiswa e-Paris ngowama-2021.
Unqoba nje kusanda kumenyezelwa ukuthi uyi-New Generations Featured Poet kwi-Poetry Africa Festival yama-26. UVila uzohaya emafestivelini azoba seGoli, eThekwini nasezinkundleni zokuxhumana zobuchwepheshe besimanje.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe