
Abafundi beZamafilimu be-Onazi Benze Umcimbi Wezolimi NamaSiko
Click here for English version
Abafundi abenza i-Onazi ezifundweni zamafilimu nemithombo yokuxhumana eSikoleni SezobuCiko zenze, zaqopha futhi zaveza bukhoma umcimbi obuse Howard College Theatre ukugubha ulimi namasiko, zagxila esiZulwini zelulekwa wumfundisi wezokuDidiyelwa kweVidiyo, uMnu Mzwandile Makhanya.
Izifundo ze-Onazi ezifundweni zokuDidiyelwa kwamaVidiyo, ngokubambisana nethimba LezokuXhumana e-UKZN, ekubhalwa kulo uMnu James Naicker noMnu Ruben Murugan, zihlose ukuqeqeshela abafundi umsebenzi.
UMakhanya uthe lo mcimbi ububheke ubungcweti nokwenza ngenjongo enkulu yokukhiqiza abafundi abenza umsebenzi oseqophelweni eliphezulu emsebenzini. ‘Abafundi bethu bahlale benza imisebenzi enjena.
Bebeyingxenye yethimba ebelithwebula amavidiyo emicimbi Yokuthweswa Iziqu eNtwasahlobo. Siyazama ukuvula amathuba okuqasha nawebhizinisi kubafundi, lapho bethola imali khona.’
Enkulumweni yokwemukela, iDini neNhloko YeSikole SezobuCiko, uSolwazi Nobuhle Hlongwa, uthe: ‘Sibonga kubo bonke abenze lokhu kwenzeka. Sibonga abafundisi beZifundo Zemithombo YokuXhumana neZamasiko ngalo msebenzi omuhle nangokubambisana ukuze kuhlomule abafundi.’
UHlongwa ubalule ukuthi ukuqeqesha abafundi iKwaZulu-Natal yonke, isiKhungo seZobuciko boKwakha (i-CCA), iKwaZulu-Natal Film Commission ne-National Film and Video Foundation baphonsa esivivaneni ukuthuthukisa imboni yamafilimu nekamabonakude. ‘Sithemba ukuthi umsebenzi owenziwa ngabafundi bamafilimu uzogcina uthola indawo ezingeni lamazwe onke,’ kusho yena.
Kulo mcimbi bekukhona nethimba lengxoxo elidingide ulimi nesiko kwesiZulu esikhathini samanje, kugxilwe eqhazeni le-UKZN njengeso lalo msebenzi.
UHlongwa ukhulume ngeqhaza leZikhungo ZeMfundo ePhakeme ekuthuthukiseni isiZulu nezinye izilimi zomdabu e-Afrika. Umholi WeQoqo LoBuciko BeShashalazi uSolwazi Sihawukele Ngubane ukhulume ngokubaluleka kwesiko nemikhuba, UMholi WeQoqo Lezilimi Zase-Afrika uDkt Gugulethu Mazibuko udingide umlando wobukhosi bakwaZulu.
Ekhuluma egameni labafundi be-Onazi bangowezi-2022, uNks Nkosazana Manzi uthe lo mcimbi ube khona ngenxa yesidingo sezinto zolimi lwase-Afrika nokugcinwa kwazo.
‘Indikimba ethi Azibuyele Emasisweni isikhumbuza ukubaluleka kwemvelaphi yethu ukuze singazilibali esikhathini sesimanje. Sibonga ithuba lokwenza umcimbi omkhulu kangaka. Amakhono esiwafundile azosisiza emisebenzini yethu.’
Umcimbi uvalwe ngomculo kaMnu Mbuso Khoza, oseklonyeliswe ngezindondo eziningi, ne-Afrikan Heritage Ensemble, abahlose ukufundisa isizukulwane esisha ngokhokho baso ngezingoma zomdabu nendlamu.
Amagama: wuLungile Ngubelanga
Isithombe: wu-Albert Hirasen