
Umklomelo Womhlaba kuSolwazi Wase-UKZN
Click here for English version
USolwazi ohlonishwayo, uClaudia Mitchell weSikole sezeMfundo uklonyeliwe ngomklomelo wezemfundo emhlabeni, i-2022 José Vasconcelos World Award of Education ye-World Cultural Council (iWCC).
Lo mklomelo uhlonipha abafundisi ababe neqhaza elibonakalayo ngokwezinga nalapho befinyelela khona ekufundiseni nasekufundeni emiphakathini yethu.
Abehluleli bahlanganisa amalungu ekomiti lomkhandlu wezifundiswa eCouncil’s Interdisciplinary Committee kanye nethimba labafundisi abahlonishwayo.
‘Ngizizwa ngihloniphekile ukuthola lo mklomelo ohlonishwayo futhi ukuqashelwa kwawo okubalulekile ekuzibandakanyeni kwabantu abasha, ikakhulukazi amantombazane nabesifazane abasebancane, nokuseqhulwini ekushintsheni isimo senhlalo,’ kusho uMitchell. ‘Ngifisa ukubalula ukuciko babafundi bami abamangalisayo abenza izifundo zobudokotela eParticipatory Cultures Lab eNyuvesi yaseMcGill eCanada, kanye nokwesekwa ngabalingani bami ophikweni lwezeMfundo. Ngiyaqhubeka nokugqugquzelwa ngabalingani bami abenza kahle esikhungweni iCentre for Visual Methodologies eNyuvesi yaKwaZulu-Natali kanye nokuzinikela kwabo ekuxoxisaneni nemiphakathi yasezindaweni zasemakhaya.’
Umklomelo ukunguqashelwa kokuzinikela kwempilo kaMitchell kwezemfundo njengothisha okhuthazayo omele ngentshisekelo abantu abasha ikakhulukazi ukushintsha izimpilo zezinkulungwane zabantu abasha abaqhamuka ezindaweni ebezinganakiwe.
Umsebenzi omningi kaMitchell ugxile ekuthuthukiseni izikole, amakolishi, amanyuvesi kanye nemiphakathi ezindaweni ezisemakhaya. Ngaphezu kokwakha amandla kwezemfundo jikelele, unike ukunakwa okukhethekile ukuvikelwa kwegciwane lesandulela ngculazi, iHIV kanye nodlame lwezobulili iGender-Based Violence, esebenza ikakhulukazi eNingizimu Afrika, eRwanda, eKenya, e-Ethopia kanye kanye nase-Russia, ukubala amanye amazwe.
UMitchell wasungula isikhungo iCentre for Visual Methodologies for Social Change e-UKZN.
USir Fraser Stoddart, umengameli wonkhandlu wezamaSiko emhlabeni iWorld Cultural Council, uthe: ‘USolwazi Mitchell uyaziwa ngobubele bakhe kanye nokubekezela njengomluleki nomphathi, kubalwa nabafundi bamaphrojekthi amakhulu, akha imiphakathi yezifundiswa kanye nenethiwekhi ehlangene yokubambisana kuzwelonke kanye nasemhlabeni. Ugqugquzela abasondelene naye ukuthi babe nokunakekela futhi babambisane ngesikhathi behlale beqaphile futhi bebheka izindlela zokushitsha isimo senhlalo.
Umcimbi wemiklomelo uzoba seNyuvesi yaseCoimbra ePortugal zingama-30 kuLwezi.
Amagama: nguMelissa Mungroo
Isithombe: ngu-Owen Egan