
Umfundi Wezomthetho e-UKZN Uchithe Isigamu Sokuqala Sonyaka eNorway
Click here for English version
Umfundi owenza unyaka wesithathu kwezoMthetho UNksz Layyah Kharwa uchithe izinyanga eziyisithupha eNyuvesi yase-Oslo eNorway eneminyaka engama-200 yaba khona futhi ethathwa njengenye yamanyuvesi ahamba phambili e-Europe.
UKharwa (20) ukholwa ukuthi isikhathi asichithe e-Oslo sizombeka ethubeni elihle uma esengene emkhakheni wezomthetho. ‘Njengoba ngenze izifundo ze-Artificial Intelligenge kanye nezomthetho ngesikhathi ngiphesheya kwezilwandle, nokuvezelwa obala kancane icoding, ngizimisele kakhulu ukuhlola zonke izindawo zobuchwepheshe bezomthetho kakhulu,’ kusho yena.
Unethemba lokuthi uzochitha isikhathi enkampanini egxile kulo mkhakha ukuthuthukisa ulwazi lwakhe enza asekufundile.
UKharwa uthe uthole ukuthi ukufunda phesheya kwezilwandle akusikho nje ngomsebenzi wokufunda kuphela - kuphinde kube yithuba lokuhlola amanye amasiko kanye nokuthola kabanzi ngendlela okwenziwa ngayo kwamanye amazwe ngesikhathi uthola amahora okufunda phesheya eziqu zakho.
Okugqame ohambeni lwakhe kubalwa ukubona amanorthern lights - umbukiso omangalisayo okwenzeka emkhathini, ukudansa kwamagagasi okukhanya. Uphinde waya kwi-‘husky sliding, wazama ukugxumela emanzini abanda kakhulu angu-5gedC, kanye nokubona kukhithika iqhwa okokuqala.’
‘Ngaphezu kwalokho, ngibuye ngahamba ngaya eSweden kanye naseDenmark futhi ngazibandakanya nenyanga eyingcwele yeRamadan eLondon nomndeni wami engalokhu ngawugcina ngesikhathi kuqala ubhubhane,’ kusho yena. ‘I-Eid eNorway yinhle. Umngani wami oyiNorwegian-Pakistani, uNksz. Alihah Amin ungimeme ukuthi ngichithe ubusuku ngaphambilini nomndeni wakhe ethempeleni (mosque) lapho sibe nesidlo esimnandi futhi senza nomhlobiso wasezandleni i-applied mendhi,’ kusho uKharwa. Uthe ujabulele ukuhlala nabanye afunda nabo besuka kwamanye amazwe ‘emaphathini asekhishini.’
Enye yezinto ayikhumbulayo kakhulu ngedolobha lase-Oslo umtapowolwazi wakhona lapho echithe khona isikhathi sakhe esiningi kusihlwa efunda. ‘Lo mtapowolwazi ubuwakhiwe kahle, unemfudumalo, futhi unombukiso omangalisayo we-Opera house kanye nefjord. Ubunobuchwepheshe obebusezingeni eliphezulu okubalwa ama-3D printers, imishini yokusika kusetshenziswa ilaser, kanye namakhompyutha anemidlalo kanye nezindawo zokubuka amafilimu nezinsimbi zomculo, konke obekusetshenziswa mahhala,’ kusho yena.
Ukuxhumana bekulula kakhulu njengoba abantu abaningi baseNorway bekhuluma kahle isiNgisi, kodwa uthe ubebuye athembele kancane olimini lwesiBhunu kanye nakuGoogle Translate uma kunesidingo! ‘Abantu baseNorway babuye babe nethonya laseDutch ngakho ke isiBhunu sami sasesikoleni singisizile kancane okungenani ngokwamagama abalulekile njengo-sjokolade! Isikhathi engikwaze ngempela ukuhlola kahle leli zwe ingesikhathi ngiyothenga ezitolo nangesikhathi ngibheka izidlo ezitholakala ezindaweni zokudlela, ilapho uGoogle Translate ungilekelele khona kakhulu, yize izindawo eziningi zokudlela zibhale ukudla okutholakala kuzo nangesiNgisi.’
UKharwa ubeziqhenya ngokumela inyuvesi phesheya kwezilwandle njengoba umndeni wakhe unomlando omude ne-UKZN. ‘Bobabili abazali bami abangosokhemisi bathola iziqu zabo e-UKZN - ubaba uneziqu iBPharm kanti umama uneziqu iBPharm kanye nePhD zakule nyuvesi. Umalume wakhe kanye nobabekazi (MBChBs kanye neBcom), kanti umkhulu (BSc kanye nePhD), bonke bayaziqhenya ngokuba neziqu zase-UKZN,’ kusho yena. ‘Umkhulu wami, uSolwazi Ahmed Thandar unguSolwazi ngokuhlonishwa eMnyangweni weZoology kanti waqashelwa njengesinye sezifundiswa esezihlale isikhathi eside kulenyuvesi,’ usho kanje.
UKhwarwa, owenza umatikuletsheni wakhe esikoleni iWestville Girls High ngowezi-2019, ubonge abazali bakhe uMohamed kanye noYasmeen kanye nabafowabo ababili abancane, u-Umar kanye noHusain, ngokumeseka ezifundweni zakhe kanye nasekuhambeleni amazwe.
Uma engenzi lutho, uKharwa uzijabulisa ngokulandela izindaba ezisematheni, ukufunda kanye nokubuka amafilimu. ‘Nginezinto eziningi engizithandayo ezibonakala zihlale zishitsha, kepha ngokuhamba amazwe kule minyaka edlule, senginothando lwezindaba ezisematheni zasemazweni omhlaba kanye nakuleli nokunisele inkolelo yami ekungachemini, ubulungiswa kanye namalungelo abesifazane. Kodwa njengokunye okuningi okungijabulisayo, ngisawathanda amafilimu futhi ngithatha ukufunda izincwadi zikaColleen Hoover!’
Amagama: nguRaylene Captain-Hasthibeer
Izithombe: Zithunyelwe