
Umfundi Wase-UKZN Ushove Ngamandla Enqoba
Click here for English version
Umfundi owenza unyaka wesithathu kwezobuNjiniyela bamaKhemikhali, iMechanical Engineering, uMnu Brent Yelland, unqobe umjaho wokuqwala intaba ngebhayisikili eyibanga elingamakhilomitha angama-40, i-40km aQuellé Tour Durban Mountain Bike - eqale yaphinde yaphelela eCornubia Mall eMhlanga ngesikhathi esiyihora nemizuzu engama-23.
Ephawula ngokunqoba kwakhe, uYelland, ophume isibili emjahweni wangonyaka odlule, uthe: ‘Uzizwa ejabule, ukunqoba kuyizinkomba zokuthi nginganqoba imijaho emikhulu. Kube yindlela egqugquzele ukuzethemba kwami kakhulu.’
UYelland osebe umshovi wamabhayisikili isikhathi esingaphezu kweminyaka emihlanu, uthe unina noyise bamgqugquzele futhi bemkhuthaza ngothando lwakhe lwezemidlalo. ‘Bebengabashovi bamabhayisikili abazimisele kanti babuyele ekushoveni amabhayisikili eminyakeni emihlanu edlule emuva kokuthatha ikhefu kulo mdlalo. Sibe sesiqala sihambela imijaho yokushova amabhayisikili kanye nezinkambo zokushova ezintabeni njengomndeni.’
UYelland (20) ube yingxenye yomjaho wokushova amabhayisikili ongamakhilomitha ayi-106 iTour Durban Road, emuva kosuku enqobe umjaho wokushova entabeni ewuchaza njengo-‘bumnandi kakhulu’. Ethatha indawo yama-20 umjaho uwonke futhi ephuma indawo yesishiyagalombili eqoqweni labalingana naye uthe: ‘Ngizamile ukuhlasela nokuthi ngiphume eningini izikhawu eziningi kodwa angikwazanga ukuphunyula, ngakho ke ngiqede eqenjini labebehamba phambili.’
Ezinye zezinto asezizuzile ekushoveni amabhayisikili kubalwa: ukunqoba imijaho iWartburg ne-Eston Mountain Bike esigabeni sabancane, ephothula umjaho elele isibili esigabeni sabancane kanye nabaneminyaka engaphansi kwama-23 emjahweni iKwaZulu-Natal Road Cycling Championships, futhi wanqoba nomjaho walo nyaka lapho kusuke kuvalwe khona umgwaqo.
Owathola umfundaze ohlonishwayo wezemidlalo e-UKZN, uYelland uthe izinhlelo zakhe zemfundo zifaka phakathi ukuqeda iziqu zakhe zeMechanical Engineering ngonyaka ozayo kanye nokuqhuba izifundo zakhe enze iziqu ezilandela ezokuqala. ‘Ngibheke ukwenza ngcono nokugxila ekuzilolongeni ukuze ngifinyelele lapho ngifisa khona kwezokusubatha. Nakanjani ngizibona ngiya phambili emijahweni esezingeni likazwelonke eminyakeni embalwa ezayo.’
IMenenja yase-UKZN ophikweni lwezeMpilo zabafundi kanye neZemidlalo - Student Health and Sport uMnu Mark Bashe ubejabule ngempumelelo kaYelland.
‘Sijabule kakhulu futhi siyaziqhenya ukubona uBrent eshova indlela yakhe eya phezulu futhi endizisela phezulu ifulegi lase-UKZN ngesikhathi egqugquzela abanye ukuthi balandele ezinyathelweni zakhe. Siyaziqhenya kakhulu ngaye njengoba engumshovi wethu okunguyena yedwa owenza kahle kakhulu futhi sibheke ukuthi ancintisana kweminye imijaho,’ kuqhuba uBashe.
Amagama: nguHlengiwe Khwela
Isithombe: Sithunyelwe