
Uhlu Olujabulisayo Lwabazobonakala Kwi-Festival Yase-UKZN Yezinkondlo Zase-Afrika
Click here for English version
Uphiko lwezibuCiko, i-Centre for Creative Arts (i-CCA) izoba nefestivali yesi-26 yezinkondlo, i-26th Poetry Africa International Festival, eThekwini naseGoli kusuka ngezi-6 kuya kwezingu-16 kuMfumfu, ezinye izigcawu zayo ezizokwenziwa nge-inthanethi.
Ngendikimba ethi: Poetic (In)Justice: Amazwi aphefumulayo, anyakazayo futhi eza noshintsho, le festivali ingumkenenezo ojule ngokubona ngendlela ethile evumela ubunkondlo ukuthi bubona futhi bucacise ngobulungiswa.
Ngokubambisana noMnyango wezamaCiko namaSiko eNyuvesi yaseJohannesburg (UJ), i-CCA izobe inohlelo olubukhoma lwezinsuku ezintathu (ku-6 kuMfumfu kuya ku-8 kuMfumfu) oluzothatha i-festivali “ngohambo” lokuya eGoli okokuqala.
‘Sethemba ukuthi le ngxenye yefestivali izonika ithuba osonkondlo, abenza umsebenzi ongaqashelwe wokukhulisa isiko lobunkondlo kanye nokufinyelela kwabasezindaweni zabo, ithuba lokuxhuma ngokuchumayo kanye nokuvumela ukusebenzisana okwakheke kule nkundla engakaze ibonwe yezinkondlo kulelizwekazi,’ kusho umdidiyeli eNyuvesi yase-Johannesburg, uMnu Quaz Roodt.
UDiana Ferrus uzokwethula inkulumo yosuku ngesikhathi kunomcimbi we-inthanethi osihloko sithi: We’re not Ghosting You, nge-10 kuMfumfu ngo-3pm, ngesikhathi owanqoba iPoetry Africa Slam Jam 2021, uXabiso Vili uzovela eGoli, eThekwini kanye nasezigabeni se-inthanethi.
‘UDiana Ferrus noXabiso Vili babe nezinkundla ekhaya lezinkondlo lePoetry Africa eRiebeeck Valley. Intshisekelo, ukuzinikela kanye nekhono labo lokuxhumana nezethameli eziqhamuka ezindaweni ezehlukene kwenza babe abakufanele ukukhethwa ukuthi bakhunjulwe,’ kusho uMqondisi weCCA, uDkt Ismail Mohamed.
Kwabazobe behaya izinkondlo abaphuma eNingizimu Afrika ngesikhathi sengxenye yaseThekwini yefestivali kusuka kwi-10 kuya kwi-16 kuMfumfu kukhona uLebo Mashile, uPhillippa Yaa De Villiers kanye noSiphokazi Jonas. Abasuka kwamanye amazwe omhlaba kubalwa uPaul Gausch (Catalan), Nachla Libre (Sweden), Lydol (Cameroon) kanye noPhilip Meersman (Belgium).
Ngesikhathi kunomcimbi iLocal is Lekker, ifestivali izogqamisa osonkondlo asebethuthukile nabasathuthuka baseThekwini okukhona kubo iSmart Black Mampondo, Thando Fuze, Luleka Mhlanzi, Mazwi Shazi, Nqobile Gcaba kanye noSanele Mhlongo.
IPoetry Africa ibuye ibe nomcimbi omkhulu wokubuyisela emphakathini ewenza ezikoleni ezehlukene kanye nasezikhungweni ezinhlanu zomphakathi okubalwa kuzo iLuthuli Museum eGroutville, iDenis Hurley Centre maphakathi neTheku, iK-Cap Ekhaya Arts Centre KwaMashu, Ubuntu Arts kuMasipala waseMgeni kanye neWushwini Arts Centre eNanda.
Iningi labazohaya izinkondlo emphakathini kanye nasohlelweni olukhulu bangasonkondlo abasathuthuka abanikwe ithuba lokuthi bashiyelane inkundla nosonkondlo asebezakhele igama.
Ifestivali izohlonipha umlando wosonkondlo abahlonishwayo kanti izokwethula izimfundiso nemibono yosonkondlo asebadlula emhlabeni.
Le festivali izoba nezifundi ezintathu: isifundo ngoMazisi Kunene esizoba e-UKZN, isifundo ngoKeorapetse Kgositsile esizoba seNyuvesi yaseJohannesburg kanye nesifundo ngoMafika Gwala (UKZN) ezizoba kwi-inthenethi.
Ifestivali izovalwa ngePoetry Picnic ezoba sepaki nge-16 kuMfumfu eBotanical Gardens eThekwini kusuka ntambama. Lo mcimbi uzobe umahhala, kanti osonkondlo abaningi abazobe beyinngxenye yefestivali isonto lonke bazobe benandisa.
Uhlelo lonke luyatholakala ku-poetryafrica.ukzn.ac.za.
Le festivali yezinkondlo zase-Afrika yenzeke ngenxa yokwesekwa uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko kanye namaSiko KwaZulu-Natali, uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, iFrench Institute of South Africa, Total Energies kanye neNyuvesi yaseJohannesburg.
Izobanjelwa ezindaweni ezehlukene kubalawa nakwi-inthanethi.
Ukuze uhlale unolwazi ngokwenzekayo, landela ku-@PoetryAfrica kuTwitter kanye naku-Instagram noma ucindezele u-like ekhasini likaFacebook lefestivali elithi www.facebook.com/poetryafrica.
Amagama: nguMelissa Mungroo
Isithombe: Sithunyelwe