
I-UKZN Nomhlangano Wezokuvakasha
Click here for English version
Uphiko lweZamaSiko e-UKZN ngaphansi kweSikole seSayensi yezeNhlalo lube nomhlangano wezokuvakasha ngaphansi kwesihloko esithi: Ukucabanga Kabusha Ezokuvakasha Ukuze Kuzuze Abafundi bamaSiko kanye namaGugu kanye Nabathweswe Iziqu (Rethinking Tourism for the Benefit of Culture and Heritage Students and Graduates).
Lo mcimbi ubunezigaba ezine lapho abebemenyiwe bekhulume ngezihloko ezehlukene ngezokuvakasha.
Abasebenzi base-UKZN abebekhona kubalwa uDkt Bhekani Nzimande, uDkt Mabuyi Gumede, uDkt Balungile Zondi, oyiphini leNhloko eSikoleni, uDkt Gabi Mkhize, uNksz Edista Ngubane, ababengabafundi uNksz Nokwethemba Vilakazi, kanye noMnu Ayanda Shezi.
Izinhlangango zikahulumeni ebeziyingxenye yomhlangano kubalwa ethuthukisa intsha, iNational Youth Development Agency (NYDA); inhlangano yokucwaninga, iKZN Amafa and Research Institute; eyamaSiko, ubuCiko, ezokuVakasha, ezokuNgcebeleka kanye nokufundisa nokuqeqesha kwenzemidlalo, iCulture, Arts, Tourism, Hospitality and Sport Sector Education and Training Authority (CATHSSETA); usoseshini wezikhungo ezigcina amagugu eNingizimu Afrika, iSouth African Museums Association (SAMA); kanye noMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko eKZN (iKZN-DSAC).
Abanye abebeyingxenye bekuyizifundiswa uDkt Bandile Mkhize, uSolwazi Thandi Nzama waseNyuvesi yaseZululand, kanye noSihlalo webhodi lehhotela, i-Aloe Lifestyle Hotel and Conference Centre uMnu Sicelo Xulu.
Umhlangano ubungaze inyanga yezokuvakasha ngokuvumela abafundi abebeyingxenye yawo ukuthi bangene emikhakheni yezamasiko, amagugu kanye nezikhungo ezigcina amagugu ngesikhathi bethola ulwazi olubalulekile oluzobasiza emisebenzini abazoyikhetha. ‘Ngenxa yemigomo yomvalelandlini kubalwa nokulahleka kwemisebenzi, umkhakha wezokuvakasha wathikamezeka kakhulu emhlabeni wonke ngenxa yobhubhane iCOVID-19. Lokhu kube nesandla ekukhuleni kwesibalo sabantu abasha abangasebenzi kuleli, kodwa leli thuba lizolekelela abafundi abenza unyaka wokugcina abafuna umsebenzi,’ kusho uGumede.
UMkhize uvule umhlangano wabe esamukela abebewuhambele okubalwa abafundi kanye nezinye izinhlaka. Ubalule ukubaluleka kwalo mhlangano ekuphonseni esivivaneni ukwabelana ngemibono kulo mkhakha kanye nokuhlanganyela ndawonye ukuze kuzuze abafundi, asebethweswe iziqu, izifundiswa kanye neSikole sonkana.
‘Izikhulumi zethu kanye nezimenywa eziyingxenye yezingxoxo zikhethwe ukuze zinike umhlahlandlela kulezi zingxoxo futhi kunethemba lokuthi emuva kwalo mhlangano, bonke abebewuhambele bazobe bekulungiselele kangcono ukunikeza uhlelo lokufunda noqeqesho kubafundi nokuzoholela ekukhuleni komnotho kanye nokunciphisa izinga lokungasebenzi kwentsha,’ kusho uMkhize.
Abebemele uhulumeni babelane ngolwazi ngamaqhaza abo emkhakheni wezokuvakasha, kubalwa ukuxhumanisa, ukuhlela, ukusungulwa kwemigomo, ukunikezela ngesevisi eseqophelweni, kanye nokuthuthukisa ibhizinisi.
UXulu ukhulume ngebhizinisi wagqamisa kakhulu okudingekayo uma uqala ibhizinisi kanye nezimfanelo ezindingekayo uma uzolandela uhlelo lwebhizinisi, enika ulwazi ngamabhizinisi akhe futhi egqugquzela abafundi ukuthi baqale awabo amabhizinisi. ‘Kunzima la ngaphandle. Kubalulekile ukuthi niqonde uchungechunge lwenani, okungaba lula njengophakela inkampani eyindawo yokulala enhlinzeka ngesidlo sasekuseni ngolamula,’ eqhuba.
UShezi ukhulume ngasedlule kukho njengomuntu obeneziqu kodwa ongasebenzi kanye nebhizinisi lakhe, i-A&B Poultry okuyimanje iphakela izitolo ezithathu zakwaSpar kulesi sifundazwe ngamaqanda kanye nendondo ehloniphekile ayithola kumncintiswano wamabhizinisi iLion’s Den ngokwenza kahle kakhulu ebhizinisini lakhe.
UVilakazi ukhulume kabanzi ngokuthi walishintsha kanjani ithalente lakhe lokwenza izinto ngobuhlalu walenza ibhizinisi eliphumelele elibizwa nge-Indlovukazi Beads, lapho efundisa khona nge-inthanethi noma ebonana nabantu futhi edayisa izinto ezehlukene zase-Afrika ezenziwe ngobuhlalu.
UMkhize, obeyisikhulumi sosuku, ugxile kwiqhaza likahulumeni ekuqinisekiseni ukuthi imigomo namasu ayenzeka kwezokuvakasha, nokuyinto ebonakala ibalulekile. Ubalule ukuthi ‘akukho okutheni okushintshile endleleni okwenziwa ngayo kanti nesisekelo sezokuvakasha silokhu sifana, isisombululo kuwukuthi uhulumeni kumele akhombise ubuholi obufanele.’
UNgubane ekhulume ngeqhaza lekolishi lezemfundo labafundi, i-College Student Academic Service, nokuthi ulwazi ludluliswa kanjani enyuvesi. Unxuse abafundi ukuthi baqaphele okusuke kuthunyelwe yinyuvesi ngoba ngesikhathi esiningi kusuke kunamathuba angabasiza.
‘Zijwayezeni nokuvakashela amahhovisi ethu. Sibuye sihlinzeka nezinye izinhlelo okubalwa kuzo ezokwelulekwa ngokomqondo nokwelashwa kwezifo zengqondo, silekelela ngohlelo lwezemfundo kanye nokuhlelela imisebenzi, ukuqasha asebeneziqu, kanye nemisebenzi yesikhathi esithile, imihlangano ngezinto ezithinta ingqondo, imihlangano yokulekelelana kanye nezinhlangano,’ kusho uNgubane.
Amagama: nguSinoyolo Mahlasela
Izithombe: Simon Gazu