
Ukuhlukumezeka Ngokobulili yiNgqinamba eBhekene nezeMpilo
Click here for English version
USolwazi Sinegugu Duma, oyiDini yezokufunda nokufundisa eKolishi leziFundo Zezempilo e-UKZN, wethule iwebhina ngesihloko sokuhlukumezeka ngokobulili (GBV) njengenye yezinkinga uMnyango wezeMpilo obhekene nazo.
Isethulo sikaDuma siphinde sabheka i-National Regulatory Framework ephoqelela iziKhungo zeMfundo ePhakeme ukuba zibhekelele indaba ye-GBV kanye nokubhebhetheka kwakho ukuhlukumezeka ngokobulili njengenye yezinkinga zomphakathi wasemaNyuvesi kanye nezinye zezinto okumele zifakelwe izibuko.
Ukholelwa wukuthi ukunakwa kwendaba ye-GBV njengenkinga yezeMpilo iyona ndlela entsha eza nomhlahlandlela futhi eveza ukuthi kunesidingo sokubheka le ndaba kubhekwa i-Gender Perspective. ‘Ngonyaka we-1996, i-World Health Organization yagcizelela indima edlalwa umkhakha wezempilo ekuvimbeni nasekulwisaneni ne-GBV,’ uDuma ephawula kanje ethi yize noma kunesidingo sokuphoqelela uHulumeni ukuba alwisane futhi aqede i-GBV. ‘Ngonyaka wezi-2017, ikomidi le-UN kwi-Convention on the Elimination of All Forms of Discrimination Against Women (CEDAW) lenza kwaba yimpoqo ukuba amazwe ngamazwe ayinake indaba ye-GBV,’ kusho uDuma. Leli komidi lahlongoza ukuba kube khona ukuqeqeshwa kwezazi zomkhamkha wezempilo ukuze bazenze ukuba zilungele ukuhlenga izisulu zalolu dlame.
UDuma uthe i-GBV iyinkinga yezempilo ethinta umphakathi wonkana ngenxa yezimo izisulu kanye nabasinda kuyo, umphakathi jikelele obhekana nazo emva kokuba yenzekile.
Ungumcwaningi osebenza ngohlelo lweKhwalithethivu, kanti ucwaninga egxile kakhulu ekuvimbeni ukuhlukumezeka ngokobulili kanye nokuhlukumezeka ngokocansi ezindaweni ezahlukahlukene. Ngowezi-2016, i-Forum of University Nursing Deans in South Africa (FUNDISA) yamumemela e-Hall of Fame yabo ngenxa ngocwaningo lwakhe oluhlabahlosile bebungaza futhi bebonga umsebenzi wakhe wokukwazi ukushintsha iziphumo zocwaningo ukuba zibe yingxenye ye-Nursing Practice ziphinde zenze ngcono imiphumela yezempilo uma kusetshenzwa ngezisulu ze-GBV ezwenikazi i-Afrika.
Esebenzisa iziphumo zakhe zocwaningo, uDuma waba ngusihlalo owasungula ithimba le-Sexual Assault Response le-University of Cape Town ngowezi-2016, nokwaba yithimba lokuqala ngqa ukuthi likwazi ukubhekelela izisulu ze-GBV emaNyuvesi aseNingizimu Afrika.
Useshicilele imibhalo eyevile ema-50, izahluko zezincwadi eziningana, aphinde abe ngumbhali wencwadi enesihloko esithi: The pain of being a woman: In-depth research on recovery from sexual assault.
Ubhale ngokubambisana nomunye incwadi esihloko sithi: Introducing forensic health care in contemporary South Africa. Aspects of Forensic Medicine: An introduction for Healthcare Professionals, aphinde abambe njengelunga lebhodi loNgoti abahlela amajenali asemkhakheni wesayensi yezobuhlengikazi.
Uneziqu zobuDokotela azithola e-University of Cape Town, yi-Masitazi ezifundweni zobuHlengikazi azithola e-UKZN, kanye ne-BA Cur in Nursing Education and Nursing Administration ayenza e-UNISA, kanye neDiploma in Nursing (General, Psychiatric, Community Health) and Midwifery ayithola e-Natal College of Nursing.
Uphinde abe nesitifiketi se-Sexual Assault Forensic Nursing asithola e-Johns Hopkins School of Nursing. Useke wasebenza ngaphakathi lapha ekhaya kanye nasemazweni angaphandle – ngesikhathi efundisa abahlengikazi kanye nabanye oNgoti bomkhakha wezempilo kusukela ngonyaka we-1995.
Amagama: Nombuso Dlamini
Isithombe: Sithunyelwe