
Ukubuka Izinto Ngeso Lokwakha yikona Okuyisihluthulelo seNjabulo Yakho
Click here for English version
“Ukubuka Izinto Ngeso lokwakha yikona okuyisihluthulelo senjabulo yomuntu” lona ngumyalezo okhuthazayo noveza ibanga eselihanjwe nguMnu Samkelo Chiliza onguMfundi wezifundo zobuDokotela ebangeni lesithathu obuya endaweni yaseWewe, kuMasipala waseThekwini, osanda kubhala incwadi enesihloko esithi: Have a better Look at Things (Buka izinto ngendlela engcono).
Incwadi kaChiliza ibhale ngezigameko zempilo yakhe, kodwa ikakhulukazi indlela yakhe yokucabanga nokuyiyona ebe nomthelela kakhulu endleleni yakhe yokuziphatha. ‘Sihlezi sizifakela thina ingcindezi ngemicabango engemihle ngaphakathi kithi nesikhinyabeza kakhulu empilweni yethu. Size sigcine sesingenakho ukuzethemba futhi sikhathele nsuku zonke. Ukukhathazeka noma ukhwantalala luqale luthole indawo bese isizinda sethu semizwa sibe sesiba sendaweni engalawuleki noma ecindezelekile futhi ibophekile. Abantu abazifakela le ngcindezi kuyenzeka bakubone lokhu ngesikhathi bekwenza,’ usho kanje.
Kuyena, ukuba nomhlahlandlela noma icebo asebenzela phezu kwalo kanye nokuzikhandla ukuze aphumelele kwamenza ukuba abe nemiphumela emihle kakhulu kuMatikuletsheni wakhe nokwamenza ukuba amukelwe yi-UKZN ukuba azofunda izifundo zobuDokotela. ‘Ngiyakholwa ukuthi i-behavioural therapy ingasiza ukuba yelaphe imicabango esinezimpande kanye namaphethini okuziphatha ngesikhathi kuthuthukisa ukudlinza nokuzithiba. Amazinga okuzazi kanye nezinjongo zomuntu kuyakwazi ukuthi kuphinde kuvuseleleke ngokuwaxhumanisa ngokwelapha kokukhuthaza. Yenza noma ngabe yini oyibona ikulungele inqobo nje mawusahamba emzileni wemigomo ozibekele yona,’ kuphawula uChiliza.
Wayehlale njalo ehlabeka umxhwele yindaba yokusebenza kwengqondo kanye nomqondo womuntu, uChiliza uthe wafundela ubuDokotela ngoba enentshisekelo ngokufunda umqondo womuntu bese wuyimatanisa nokuthi ukuziphendukela kwemvelo kwenzeka kanjani. Futhi uyethemba ukuthi le ncwadi yakhe izogqugquzela abanye abafundi bezobuDokotela ukuba banqobe izinkinga zabo zezomqondo ababhekana nazo nsukuzonke.
Ucwaningo olwenziwa e-University of Cape Town olunesihloko esithi: The Burden of Depression and Anxiety Among Medical Students in South Africa: A Cross-Sectional Survey at the University of Cape Town lwathola ukuthi oyedwa kubafundi abane abenza izifundo zobuDokotela utholakala enokhwantalala futhi edla amaphilisi okumelapha ingqondo, okugqamayo kulokhu wukuthi kwakungenaminyaka ekalelwe. Futhi babeba baningi ababethi uma behlolwa kutholakale ukuthi basebungozini bokuguliswa wukhwantalala.
‘Iqiniso lithi wonke umuntu angathola noma ngabe yini ayifisayo uma isemicabangweni yakhe. Okuyisona sethiyo esinaso thina njengabantu kuvame ukuthi kube yithi uqobo,’ kuphetha yena.
Incwadi i-Have a Better Look at Things isiyatholakala e-Amazon kusukela ngoMgqibelo, wama-30 kuMandulo kowezi-2022.
Amagama: MaryAnn Francis
Izithombe: Zithunyelwe