
Ongumfundi Webanga LeMasitazi e-UKZN Uchithe Izinyanga Eziyisithupha eGermany
Click here for English version
UNksz Thulile Sinethemba Mhlangu usebuyele eNingizimu Afrika emva kokuchitha izinyanga ezinhlanu njengomfundi okushintshisiwe eFriedrich Alexander University Erlangen-Nuremberg, eseGermany.
UMhlangu, oqhuba izifundo zakhe zeMaster of Social Sciences emkhakheni weziFunde ZezeNthuthuko e-UKZN, uthe leli thuba lokuya phesheya olibona njengelimkhulisile futhi limnothisa njengomuntu nasezifundweni zakhe. ‘Leli thuba lokuba phesheya liyithuba eliyishintshile kakhulu impilo yami futhi ngiyohlezi ngibonga ngalo. Libe nenzuzo enkulu ezifundweni zami kanye nasekukhuleni kwami nje,’ kusho uMhlangu
Ukuba ngumfundi oshintshisiwe kuyathusa, kodwa yena wamukele leyo nselelo wabe esefunda lukhulu ngaye kanye nemiphakathi yaphesheya. ‘Bekungokokuqala ngqa ngiya phesheya. Ngibe nesikhashana nje sokwethuka kanye nokuba nengcindezi, kodwa ngijabule kakhulu ngaleli thuba eliyingqayizivele,’ usho kanje.
Engikukhumbula kakhulu wukubungaza usuku lwami lokuzalwa lapho bengihlanganisa iminyaka engama-25 khona phesheya; ngihleli nabangani abasha, nobudlelwane esengibakhile. Bekungokokuqala ngqa ngibungaza usuku lwami lokuzalwa ngaphandle komndeni wami kanye nabangani. Impela kwaba wumzuzu ongihlaba umxhwele, futhi abangani bami baphesheya benza kwaba mnandi ngokwedlulele.
Yize noma ulimi lokwethula izifundo kwakuyisiNgisi, uMhlangu wenza isifundo soLimi lwamaJalimane, i-Intensive German A1.1, nokwamsiza ukuba ahlale futhi ajwayele kangcono umphakathi wamaJalimane.
Ezinye zezinselelo abhekane nazo kubalwa kuzo ukuthi abe ngaphandle kwendawo ayijwayele bese efunda ukujwayela indlela yokwenza izinto entsha phakathi kwezwe laseGermany kanye neNingizimu Afrika kanye nokusebenza nje kwamaNyuvesi. Ubonge kakhulu ukuxhaswa akuthole kubafundisi, ozakwabo kanye nakubangani nezihlobo, okuyibona abamsiza kakhulu ukuba ajwayele kuleliya lizwe.
Yize noma ekujabulele ukuhlala kwakhe phesheya izinyanga eziyisithupha, uMhlangu uyakujabulela ukubuya eze ekhaya e-Newlands East, eThekwini abungaze nomndeni wakhe ‘onothando futhi omesekayo’. Ngesikhathi sakhe sokuchitha isizungu uthanda ukuvakasha, ukufunda kanye nokugibela izintaba aphinde abambe iqhaza ezintweni ezingajwayelekile.
Izinhlelo zakhe zekusasa zibandakanya ukuqedela izifundo zakhe zeziqu zeMasitazi bese eqhubeka nomsebenzi wakhe khona lapha ekhaya noma phesheya. Unentshisekelo ekuhlelweni kwentuthuko, yamaphrojekthi entuthuko kanye nasekusebenzeni ukuze kuliwe nobubha kanye nokuntenga komnonto.
Nasi iseluleko sakhe anaso kubafundi abafisa ukwandisa imiklamo yabo: ‘Isimo obhekene naso manje masingacindezeli indlela ocabanga ngayo ekuphumeleliseni amaphupho akho kanye nasekufezeni intshisekelo yakho. Qhubeka usebenze ngokuzikhandla ukuze kuphumelele izifiso zakho nasekufuneni amathuba angashintsha impilo yakho.’
Amagama: Raylene Captain Hasthibeer
Izithombe: Zithunyelwe