
Indondo yowezi-2022 yeGagasi FM Eyaziwa Ngele-Shero Itholwe Yilowo OnguDokotela Wezilwane e-UKZN
Click here for English version
UDkt Nqobile Jaca, OyiNhloko yoPhiko lwe-Biomedical Research e-UKZN, uhlonishwe ngendondo eyaziwa ngele-Shero okungeyomsakazo iGagasi FM emkhakheni wezeSayensi kanye nezobuChwepheshe kamuva nje.
Lo msakazo wethule lezi zindondo ukuze ukwazi ukuhlonipha abesifazane abasebenza ngokuzikhandla, abesifazane abazinikelayo nabenza konke okusemandleni ukuba benze izinto zenzeke emikhakheni eyahlukahlukene abakuyo.
UJaca, unguDokotela wezilwane osemthemthweni, ufike eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngowezi-2019 emva kokusebenza njengoDokotela wezilwane ezinamaphiko esikhungweni esiseMidrand esibizwa nge-Ceva Animal Health. Wathola umatikuletsheni wakhe e-Ridge Park College esedolobheni iTheku, wazi kusukela esemncane ukuthi lona ngumkhakha afuna ukuqhuba kuwo izifundo zakhe ngenxa yothando lwakhe analo lwezilwane. ‘Ngikhulele eNtuzuma, nokuyiLokishi elisenkabeni yeTheku. Ngakhuliswa ngumama yedwa, angizange ngibe nayo inhlanhla yokubona ukuthi kwenzekani kulo mkhakha ngesikhathi ngikhula, kodwa-nje benginalolu thando oluyisimanga lwezilwane nokwakuyisimanga sangempela uma kwenziwa yintombazane yaseLokishini. Uma ikati lakwamakhelwane lalephuka, ngangiligada futhi ngililekelele ngikhiphe omangobe ngibabeke kahle endaweni oyomile ethofozelayo ukuze ngibagcine bephila ngalokho okuncane esasinakho. Lo mkhakha kimi ngiwubuke njengobizo impela, ngoba kwaze kwaba ngifika ebangeni le-10, ngangingazi ukuthi kukhona umkhakha okuthiwa yi-Veterinarian.’
IGagasi FM lichaze uJaca njengomholi emkhakheni wakhe ozazi kahle izinselelo ezibhekene nabantu besifazane njengoba besazama ukuzinza emikhakheni abakuyo kanye nokuzithola nje kulesi sifundazwe.
Uma eqeda ukuzwa ukuba usehlabene ngendondo emkhakheni wezeSayensi kanye nezobuChwepheshe, uthe, ‘Izindondo ezifana nalena ezokuhlonipha abesifazane abasebenza kanzima nalabo abenzela imiphakathi yabo izinto ezinhle futhi abathathe izikhundla emikhakheni eyahlukahlukene. Ngiwine indondo yezeSayensi nezobuChwepheshe nokungukuthi ngihlonishwa ngeqhaza lami njengowesifazane webala elinsundu onguDokotela wezilwane nasemkhakheni we-Laboratory Animal Sciences. Le ndondo ingenze ngaqaphela ukuthi ngiyabonwa futhi umkhakha kanye nesikhundla engisibambile sinendimana ebalulekile; Ngiyethemba ukuthi lokhu kuzoba njengesikhumbuzo kuwo wonke amantombazane ebala elinsundu ukuthi amaphupho abo abalulekile futhi akukho okungenzeki uma nje ukholelwa kukho futhi usebenza ngokuzikhandla.’
Uma ebuzwa ngekusasa, uJaca uthe, ‘nginesifiso sokuthatha umnyango wethu wezocwaningo ngezilwane ngiwunyusele ezingeni eliphezulu - ngikhuluma ngezinga lomhlaba wonke kanye nokuthi lo mnyango ube nezifundo zocwaningo ezahlukene kuwo; kuphinde kube yisikhungo esisezingeni lomhlaba wonke. Uma ithuba livela ngingathanda ukuba ngiye emkhakheni wokweluleka ngezokwelashwa kwezilwane, ikakhulukazi emkhakheni wezilwane ezinamaphiko.’
Amagama: MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe