Owenza Izifundo ZobuDokotela Umenywe Emhlanganweni Wesifunda sase-Afrika seWHO wama-72
Click here for English version
UMnu Mohamed Hoosen Suleman, ongumfundi webanga lomnyaka wesine ezifundweni zobuDokotela e-UKZN, usengomunye wobuso obujwayelekile kwezeWorld Health Organization (WHO). Emva kokwethamela umhlangano wabo wamazwe ngamazwe eGeneva ngasekuqaleni konyaka, uSuleman waqokwa ukuba eyothamela umhlangano wesifunda samazwe ase-Afrika neyaziwa ngele-WHO-Afro e-Lome, ezweni lase-Togo (esentshonalanga ne-Afrika).
USuleman ube yingxenye yethimba elisemthethweni lezithunywa kwiWHO, ehamba nabanye abafundi ababili abasemkhakheni ofanayo, omunye ebuya ezweni laseCameroon lona owesibili ebuya eGambia. Umsebenzi wabo ubudidiyele ngokuthi babe novo abalufakayo ekuthuthukisweni kwenqubomgomo yezempilo ezwenikazi i-Afrika, ukubala nje okumbalwa kokunye. Lokhu kufaka phakathi ukuveza izidingongqangi zezempilo ezidinga usizo oluthe xaxa oluvela kwiWHO.
Intsha ihambise izitatimende zeMental health; iHuman resource yezempilo; nezempilo nje jikelele emhlabeni wonkana, izinkinga ezibhekene nezempilo, kanye nezinkinga ezidalwa ezemvelo kulomkhakha wezempilo. USuleman yena ubebekwe ukuba abhale izitatimende zomkhakha wehuman resource kwezempilo.
USuleman, obalelwa kwabanye babafundi abahamba phambili abangama-200, uthi izitatimende zajatshulelwa kakhulu futhi zamukeleka ukuba zibe sezingxoxweni nasekuthathelweni amagxathu aletha inqubekela phambili.
‘Ngijabule kakhulu ukuba nginikwe ithuba lokuba nami ngiphose itshe esivivaneni kwinqubomgomo yezempilo kanye nasekuthathweni kwezinqumo kwenhlangano iWHO. Kunomkhuba owenziwa yiWHO yokumema abantu abasebasha ukuba babe yingxenye yezingxoxo ezikhuluma ngokuthi bangenza kanjani ukuba bathuthukise i-agenda yangonyaka wezi-2030 i-Agenda yeSDG. Kubuhlungwana nje ukuthi angikwazanga ukuba ngibe yingxenye yalomhlangano siqu sami, kodwa ngizizwe ngihlonipheke kakhulu ukuba ngibizwe ukuba ngizobamba iqhaza,’ uphawule kanje.
Ikomiti lesifunda sase-Afrika leWHO liyikomiti elenza izinqumo kwinqubomgomo lwezempilo khona la esifundazweni sase-Afrika. Leli komoti lididiyele oNgqongqoshe bezempilo noma labo ababathumile ababuya ezindaweni ezingama-47 ezinamalunga ayo iWHO. Umsebenzi obalulekile walamakomiti kubalwa phakathi ukwakha izinqubomgomo kanye nokubhekelela ukusebenza kwehhovisi njengoba kubhaliwe kwi-Article yama-50 yomthesisekelo weWHO.
‘Kunesidingo sokuba kukhushulwe amasokisi kuphindwe kusetshenzwe ngamandla maqondana nezempilo emhlabeni wonke kanye nokuqinisekisa ukuthi amalunga eWHO ase-Afrika aba yimbumba. Ngithokoze kakhulu futhi ngokuthi izinsika zeWHO ezine zonke zinendlela yokuthi zikwazi ukuphefumula ekuthathweni kwezinqumo emnyangweni kaHulumeni yasezwenikazi i-Afrika,’ kusho uSuleman.
Amagama: MaryAnn Francis
Isithombe: Sithunyelwe